Iyadlondobala intokazi engazifaki izinzipho emsebenzini ukuze izibambele mathupha ‘umsebenzi wamadoda’. Manje isigabe nangamakhasimende aseMelika. INTATHELI YOMBELE iyabika
UKUSEBENZA ngezinsuku ezithile obekwenziwa ngenkathi kuhlasele i-COVID-19 kumkhuthaze ukuthi asule emsebenzini ayofeza iphupho lakhe lokuzimela.
UNksz uSthando Cele waseMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, odume ngelika-Lady Plumber, uwumsunguli weSthando Cele Plumbing and Civils, inkampani efaka amapayipi ethutha amanzi nendle ezindlini nasemabhilidini.
Wayisungula ngo-2020 ngoba enengwa wukuthi base beshintshana emsebenzini, okwanciphisa umholo wakhe.
Uthe wangena kulo mkhakha ngo-2015 enesifiso sokuziqalela ibhizinisi lakhe kodwa wayengakujahile. Kwathi uma kuhlasela iCOVID-19, kwaphela amasonto amabili bengasebenzi wabona ukuthi sekumele azimele ukuze abone ukuthi ngeke yini azenzele inzuzo engcono kunokuthembela ekubizweni emsebenzini.
“Kule minyaka ngisebenza ngokuzimela angizisoli ngesinqumo sami, kuyasebenzeka. Izinselelo engihlangabezana nazo akukabi ezingangenza ngicabange ukufuna umsebenzi. Kona kunzima ngoba ngisebenza zonke izinsuku ngoba ngisakha igama lami,” kusho yena.
Uthi enye ingqinamba abhekene nayo okwamanje wukuthi kuyenzeka angakwazi ukufinyelela kuwona wonke amakhasimende akhe ngesikhathi.

“Inkampani yami isencane (nginezisebenzi) ezine bese kuba engiziqasha uma nginomsebenzi omningi. Njengoba nami ngisazama ukuzakhela igama, angikuthandi ukuthi ngihambise (izisebenzi) zami zodwa. Amanye amakhasimende asuke efuna ukubona mina siqu, awathandi ukuthi ngithumele.
“Amanye aze asho ukuthi akhethe inkampani yami ngoba ngingowesifazane, abefuna ukunika mina ithuba futhi afuna ukubona ukuthi ngempela umsebenzi wenziwa yimi ngempela yini,” kusho uNksz uCele.
Kulesi sikhathi ezimele useke washintsha amapayipi amadala athutha amanzi nendle, wafaka amasha emaflethini ayizitezi ezinde, wafaka amapayipi ezindlini ezintsha.
Uthi: “Ulwazi enginalo ngiluthole ngokuthi bengingakujabuleli ukuthi kuthiwe angibambe iladi ngibukele ngoba angikabi nesipiliyoni emsebenzini. Angikaze ngifike emsebenzini ngifake izinzipho ngoba ngiyazi ukuthi kuzodingeka ukuthi ngibuye ngimbe ngaphambi kokufaka amapayipi.”
Uthi unamakhasimende ahlala eMelika atshala imali ngokuthenga imizi eNingizimu Afrika.
“Ngijabula kabi uma ngithole la makhasimende ngoba avele athi angikhiphe wonke amapayipi ngifake amasha futhi awakhali ngemali, kunaloko yiwona afaka ethe xaxa kunengiyibizile. Kuyangijabulisa loko ngoba enye ingqinamba esibhekana nayo wukuthi amakhasimende awaqondi ukuthi imali esiyibizayo siyisusela kuphi.
“Amanye aye abone sengathi siyabiza, kanti umthetho uthi kumele ngibize imali engizokwazi ukuthi uma kwenzeka iphutha kufa izimpahla zekhasimende ukwazi ukuzithenga noma ungeke usayenza inzuzo. Kuyenzeka singakwenzi loko bese kufa isihlalo sethoyilethi noma okunye okumele uyithenge ekubeni kade ubize imali encane,” kusho yena.
UNksz uCele waqeqeshwa wumasipala waseMzumbe. Uthi umthetho wakhe wayekhethe ukufundela ukwenza ama-block kodwa wazithola esefundela i-plumbing.
- Facebook: Sthando Cele

