Babona ithuba lokudiliva ukudla emalokishini bagxuma bahlala. Baxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
BANGABANTU abahlale bezihlupha ngokucwaninga ngezinto nezimo ezihlukene ezihlupha abantu baselokishini ukuzama ukuthola izixazululo zokwenza isimo nempilo ibe ngcono ebantwini, ikakhulu entsheni.
Yiko okwenza ukuthi uma sebephothule uMatikuletsheni benza izifundo ze-Community Development e-University of KwaZulu-Natali ngo-2013, abaziqeda ngo-2016.
Nalapho bathi befika nje, baqala ibhizinisi iXhamela Kitchen bedayisela izitshudeni ukudla kwesintu ngoba bebona ukuthi ziyakuthanda kodwa ingekho indlela yokukuthola kalula ezindlini zazo zokuhlala.
Amawele oMnu uThando noLuthando Adam baseNtuzuma, enyakatho yaseThekwini, sebesungule iXBros Delivery, ibhizinisi elithengela futhi lidilivele abantu baselokishini ukudla abakufunayo emakhaya.
UThando uthi indaba iqale besesenyuvesi baqala iXhamela Kitchen, belekelelwa wunina nodadewabo abebepheka ukudla kwesintu, bona bakudilivele izitshudeni lapho zihlala khona.
“Sakwenza ngoba sibona ukuthi ziyakuthanda ukudla kwesintu kodwa ziyenqena ukuya emarenki nasezitolo ziyozithengela, senza izinto zaba lula kuzona,” kusho yena.
Uthi baqhubeka naleli bhizinisi ngisho sebeqhuba izifundo zabo benza i-post graduate ye-Community Development ngo-2017. Nokho baphazamiseka ngo-2019 ngenxa yenkinga yemali, okwaphoqa ukuthi bayeke ukufunda bengakaqedi.
Uthi: “Kuthe sesihleli ekhaya sazihlupha ngokuthi yini esingayenza ukuqhubeka nempilo sibe sixazulula inkinga ethile emphakathini. Yilapho esanquma khona ukuqala iXBros Delivery ngonyaka odlule, siqhubeka lapho esagcina khona ngeXhamela Kitchen.”
Ngaphambi kwaloko, uLuthando wasebenza eKZN Sharks Board. Basebenzisa ingxenye yemali ayeyibeka lapho ukuthenga isithuthuthu sokuqala ukuqala iXBros Delivery.
“Siqale kanjalo-ke sisebenzisa iWhatsApp ukuthatha ama-oda okudla abantu, bese sibathengela ngemali yethu abakufunayo (ukusiza ukuthi basethembe), bese besikhokhela konke nemali yokudiliva uma sesilethe i-oda labo.
“Okunye okusisize kakhulu wukuthi ngenkathi senza ucwaningo ngaleli bhizinisi, sathola ukuthi izinkampani ezidiliva ukudla azingeni emalokishini, sangena kanjalo-ke ukuzovala leso sikhala,” kusho uThando.
ULuthando uthe ukuqonda ukuthi abantu abasha yibona abakhuthalela izinto ezinjengalena kwenze ukuthi basebenzisa izinkundla zokuxhumana kakhulu ukuheha nokwandisa amakhasimende.
“Kuthe ngokwanda nokukhula komsebenzi nabantu besifuna ngapha nangapha, sandisa isibalo sezisebenzi zethu. Manje sinabashayeli bezithuthuthu abahlanu e-INK (eNanda, eNtuzuma naKwaMashu), ababili abadiliva edolobheni nomabhalane ababili.

“Okuhle kakhulu wukuthi bonke laba bantu esibaqashile ngabasemalokishini esakhelene nawo kanti sikwenze ngamabomu loko ngoba sifuna ukwakha amathuba omsebenzi entsheni engasebenzi ngakithi,” kusho uLuthando.
Uphethe ngokuthi bafuna ukuqhubeka nokusebenza kanzima bagcine sebengenise kuwo wonke amalokishi aseThekwini, bahlonishwe njengezinye izinkampani ezinkulu ezidiliva ukudla ngomsebenzi wabo omuhle.
- Facebook: X_Bro’s Delivery Services
- Instagram: x_bros_delivery