Usefike wazitholela isikhala sakhe oqhudelana nezikhondlakhondla zemikhiqizo yokuhlanza. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE
UKUNCINTISANA akusho ukuthi kufanele umkhiqizo wakho ufane neminye esezingeni obonayo ukuthi liphezulu kakhulu kodwa kumele ubheke ukuthi ikhasimende lifunani.
Usho kanje uNkk uBongi Shangase waseThekwini, KwaZulu-Natali, umsunguli weShangase Brands. Yinkampani ekhiqiza insipho yokuwasha, eyokuhlanza izitsha, i-pine gel, i-shampoo, eyokuhlanza imoto neminye i-OhSoBright.
UNkk uShangase uthi kunemikhiqizo esineminyaka ikhona futhi engeke iye ndawo okungamele uzame ukuzifanisa nayo uma ungena ebhizinisini elenza okufanayo.
“Kufanele wazi ukuthi iyiphi inkinga yekhasimende ofuna ukuyisombulula. Mina bengazi ukuthi abantu uma bethenga insipho yokuwasha bafuna insipho ezosusa amabala, igcine impahla iwumbala wayo ingawushintshi, iphinde inukise kahle.
“Yingakho ngasungula i-laundry washing paste okwazi ukuwasha ngayo ngesandla nangomshini ngoba ngiyazi ukuthi kubantu abanemishini yokuwasha kubongela imali ukuthola insipho eyodwa ekwazi ukukwenza konke, ” kusho yena.
Uthi waqala waqala nge-laundry washing paste ngo-2016 ngoba wayeselwenzile ucwaningo, wabona ukuthi ngobani amakhasimende akhe.
Uthi: “Ngesikhathi ngiqala ngangidayisela amakhasimende ngqo. Ngakhula ngakha uhlelo lokuthi kube nabathengela ukudayisa. Lokho kwangisiza ngazi ukuthi wobani abathenga umkhiqizo wami futhi bawasha izingubo ezinjani ngawo. Ngiqale ngagxila kubantu bamasonto ngoba bavamise ukugqoka izimpahla ezigqamile. Ngagcina sengingene ema-wholesale. Kuthe uma senginelisekile ngokuthi ngiyakwazi ukumelana nomthamo wakhona ngasengiqala izitolo ezinkulu.”

Imikhiqizo ye-OhSoBright isidayiswa koSpar abawu-65 eKZN nasePick n Pay Family Stores ezweni lonke.
“Ziningi izinkampani ezikhiqiza insipho, ezinye zazo yizikhondlakhondla ezidayisa imikhiqizo yazo emhlabeni wonke, okuyinto okuyothatha iminyaka ukuthi ngifinyelele kuyo, kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi uma ziklelisiwe emashalofini, neyami isephaketheni elenza umthengi afise ukuthenga. Loko kusebenza kuyo yonke imikhiqizo.
“Ukungena esitolo esikhulu njengoSpar kunzima. Uma usungenile kumele nawe uzikhandle ufike esitolo ukhulume namakhasimende ngoba isitolo asiwufuni umkhiqizo ozohlala emashalofini ungathengwa,” kuchaza yena.
Uthi ezinye zezinto ezisizayo wukuthi uma umkhiqizo usemusha kumele ube nendlela yokwenza ikhasimende lithenge njengokwenza izaphulelo zokuthi amakhasimende athenge imikhiqizo emithathu kuya phezulu noma kube nento ethile ezowinwa ngabathengi abanenhlanhla.
“Lawo masu ayasebenza ngoba thina esisafufusa asikwazi ukukhangisa kuyo yonke imithombo yezindaba ngoba kuyabiza. Sisebenzisa izinkundla zokuxhumana nokukhuluma ngqo namakhasimende. Okunye engikwenzayo wukuwinisa into eyisidingo kulowo mphakathi efana nesitofu noma ithangi lamanzi uma ngisendaweni eshodelwa ngamanzi. Abathengi ngeke bawukhohlwe umkhiqizo wami,” kusho yena.
UNkk uShangase, owake wasebenza ophikweni lokuthuthukisa imikhiqizo e-Unilever, uthi kubalulekile nokuthi umkhiqizo ngemuva kwesikhathi esithile uwuthuthukise, ungahlali uyinto eyodwa.
Facebook: Ohsobright