Ibamba lomqondisi-jikelele emNyangweni wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uNkk uMalebo Mabitje-Thompson. Isithombe: yiNaamsa

Bancoma umsebenzi wokufukula amabhizinisi asemalokishini kodwa bayavuma ukuthi kuningi okusafanele kwenziwe, u-ANNA MAJAVU uyabika

UHULUMENI usutshale uR66 billion uxhasa amabhizinisi asemalokishini kusukela ngo-2003 usebenzisa izikhungo zawo ezihlukene, kanti amabhizinisi ahlomulile angaphezu kuka-1 000.  

Kepha “esinakho emgodleni wethu akwanele”, lisho kanje ibamba lomqondisi-jikelele emNyangweni wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uNkk uMalebo Mabitje-Thompson ngenkathi litshela ikomidi elengamele ezokuhweba nezimboni ePhalamende ngesonto elidlule. 

Imali eningi itholwe ngamabhizinisi asemalokishini eGauteng axhaswe ngo-36% wemali. AwaseMpumalanga Kapa athole u-15%, awaseLimpopo athola u-13%, awaKwaZulu-Natali athola u-11%, awaseMpumalanga naseNtshonalanga Kapa athola u-8%, awaseNorthern Cape athola u-4%, awaseNorth West athole u-3% kwathi awaseFree State athola u-2%. 

Amanye amabhizinisi axhasiwe akhiqiza i-castor oil, izimpahla zensimbi neminye imishini, indwangu, ukudla, izimonyo kanti amanye anamapulazi ezingulube. 

UNkk uMabitje-Thompson uthe elinye lamabhizinisi enza kahle yiTorono Coal ekhiqiza amalahle ngendlela evikela imvelo njengoba isebenzisa izitshalo okungezona ezaseNingizimu Afrika. 

Le nkampani eseMbekweni, eNtshonalanga Kapa ixhaswe ngohlelo oluyingxenye yei-Industrial Development Corporation (i-IDC) i-Black Industrialist Scheme kanti inkampani iqashe izisebenzi eziwu-85 futhi inamakhasimende nasemazweni aphesheya.  

Enye inkampani eyenza umsebenzi omuhle yiFX Group eseLothair, e-Ermelo, eMpumalanga, okuyiyona yodwa ifemu endaweni. 

Ixhaswe yi-IDC ngoR500 million kanti yenza imikhiqizo yokhuni futhi isivule amathuba omsebenzi awu-210. UNkk uMapitje-Thompson ubale nePavati Plastics yaseThembisa, eGauteng, eyathola uR29m ukukhiqiza iplastiki engayicekeli phansi imvelo. IPavati iqashe abantu abawu-44, iningi labo okungelaseThembisa futhi izimisele ukuqasha ezinye izisebenzi ezingu-50.

I-ATL Blow Moulders yaseSoweto, eGauteng, eyasungulwa eminyakeni ewu-10 edlule yibhizinisi labantu besifazane eliqashe abantu abawu-73 abakhe emijondolo yaseJackson naseSlakfontein. 

Le nkampani ikhula ngo-23% njalo ngonyaka kusukela yaqala ukukhiqiza amabhodlela eplastiki okupakishwa kuwo insipho yokugeza izitsha namanye amakhemikhali. 

Kukhona neTTM Forestry yaseManguzi, KwaZulu-Natali, u-70% wayo ophethwe wumphakathi. Yathola uR23.5m ukutshala izihlahla nokufaka imishini yokuhluza ukukhiqiza amafutha. 

Nokho ilungu lePhalamende le-ANC uMnu uSimanga Mbuyane lithe kuwabeka engozini amanye amabhizinisi amancane ukuxhaswa kakhulu kwamabhizinisi aseGauteng. 

Uthe: “Le mali yokusiza izinkampani zibe yizimboni ezinkulu isiza kakhulu izifundazwe ezinamadolobha amakhulu. Iningi labantu abantulayo lisezindaweni zasemakhaya. Akuyixazululi inkinga yokuthi kufanele kufakwe wonke umuntu.”

UNkk uMabitje-Thompson uthe wuhlelo lwe-IDC ukuthi inabele eMpumalanga Kapa, eKZN naseFree State bese emva kwaloko kulandela ezinye izifundazwe.

“Sesibonile ukuthi uma kunemizamo eqondile yokuthuthukisa imboni noma indawo, imali iya ngqo kulezo zinkampani okufanele zihlomule, yiloko okwenza izimboni zikhule futhi kuphucula izinto kuleyo ndawo,” kusho yena. 

Utshele ikomidi ukuthi imali encane engangoR1.5m isize amabhizinisi amancane akwazi ukusungula amafemu amancane ezindwangu nawokuguqula imikhiqizo emalokishini. 

Isikhulu esiphezulu seNational Empowerment Fund (iNEF) uNkk uPhilisiwe Mthethwa simemezele ukuthi kunesikhwama samabhizinisi amancane sikaR500m esisazokwethulwa. 

Le mali izoqhamuka kwiDevelopment Bank of South Africa, yenganyelwe yiNEF. Uthe: “Kuzosisiza sifinyelele kwezinye izindawo esingakaze sifinyelele kuzona phambilini.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page