UNksz uLillian Tshehla, umsunguli weLilly’s Soft Tissue yaseSiyabuswa, eMpumalanga Izithombe: Zithunyelwe

Uqale kancane edayisa umkhiqizo wabanye osezikhiqizela i-toilet paper yakhe. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UBENIKELA eGoli, eGauteng, ayothenga i-toilet paper bese engena umuzi nomuzi ngakubo eyidayisa. Loku sekugcine kuzale inkampani yakhe ekhiqiza leli phepha.

UNksz uLillian Tshehla waseSiyabuswa, eMpumalanga, uwumnikazi weLilly’s Soft Tissues. Uthi waqala ukudayisa i-toilet paper ngoba ngakubo ibingekho eyi-1 ply esephaketheni eliwu-24 neliwu-48, kukhona i-double ply kuphela.

Uthi: “Amakhasimende ami bekungabantu abahola izibonelelo zikahulumeni abebengakwazi ukuthenga i-toilet paper ebizayo kodwa futhi bengenelisekile ngebidayiswa ezitolo eziseduze evuthulukayo. Ngingene ngathi khaxa ngancintisana nabanikazi bama-tuck shop.”

Uthi ngokuhamba kwesikhathi ugcine ethenga i-toilet paper bese eyifaka emaplastikini anegama lenkampani yakhe ngoba ubesesithathile isinqumo sokuthi uzoziqalela ibhizinisi.

“Bengifuna ukuthi uma sengizikhiqizela awami abantu kube lula ngoba igama bebezobe sebelazi,” kusho uNksz uTshehla.

Ngo-2021 uthe unina obesethathe umhlalaphansi umboleke imali yokuthenga umshini, kwaba wukuqala komshikashika wokuzikhiqizela i-toilet paper.

“Ngangizitshela ukuthi ngizoqale ngisebenzele ekhaya kanti ngishaye phansi ngoba umshini awuzange wenele egaraji elingena izimoto ezimbili lasekhaya. Ngesikhathi ngiye lapho kudayiswa khona umshini wawungekho e-showroom bangikhombisa omunye bathi kodwa wona mkhulu.

“Ngacabanga ukuthi uzokwenela egaraji. Ngathandaza ubusuku bonke ngicela uNkulunkulu angisize ngingadikibali ngoba ngase ngibona ukuthi ngizohlekwa ngabantu ngoba ngithenge umshini ozodinga ukuthi ngikhokhele indawo yokuqasha ngingakenzi nesenti, gaphezu kwalokho lo mshini angikwazi nokuwusebenzisa kusamele ngishayele (ucingo) abakhiqizi bawo bazongifundisa; konke loku kwakuyinganenkwane kubantu.”

UNksz uTshehla uthi kwamele afunde ngokushesha ngoba abakhiqizi bomshini babesuka eThekwini. “Ukusebenzisa umshini kunzima ngoba uyasinda. Kwadingeka ukuthi ngiqashe umuntu wesilisa ngingenayo nemali yokumkhokhela.”

I-toilet paper yaseLilly’s Soft Tissues

Uthi izinkinga zakhe aziphelanga noma esethole umuntu okwazi ukusebenzisa umshini, kwaqhamuka inkinga entsha yokuthi amakhasimende ahola imali yesibonelelo sikahulumeni ayengenele ukumisa ibhizinisi.

“Kwaphoqa ukuthi ngingene ema-tuck shop wona lawa ebengincintisana nawo ngidayisela ogogo ngisangena umuzi nomuzi; sengifuna ukuthi athenge umkhiqizo wami bese eyawudayisa,” kukhumbula uNksz uTshehla ehleka.

Uthi abamnika ithuba babengafuni ukusayina inkontileka yesikhathi esazekayo.

Manje uthe unezikole eziwu-16 ezingamakhasimende akhe, ama-tuck shop angaphezu kuka-20 nabanamathenda okuthengela iminyango kahulumeni impahla abathenga kuye.

Uthi: “Abanikazi bama-tuck shop iningi labo asinayo inkontileka (bayashaya) uma bedinga umkhiqizo, okuyinto engeyinhle ngoba ukuze wazi ukuthi wenza malini kumele ube usayinise amakhasimende ayizitolo.”

Useqale uhlelo lokuthi umkhiqizo wakhe uhlolwe yiSouth African Bureau of Standards ukuze adayisele izitolo ezinkulu.

Uthi enye inselelo abhekene nayo manje wukucishwa kukagesi okumenza angakwazi ukuphothula ama-oda ngesikhathi nokuthi kumele anyuse imali adayisa umkhiqizo ngayo njalo ngenxa yokunyuka kwezinto azisebenzisayo uma enza umkhiqizo.

“Ukushintsha kwesimo somnotho kungiphoqe ukuthi ngiwakhokhise amakhasimende ebengiwadilivela mahhala ngoba uphethroli uyabiza,” kuphetha uNksz uTshehla.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page