Imali yokusiza omabhizinisi abancane ‘iphelela ezinkampanini eziyizipoki’. U-ANNA MAJAVU uyabika
UPHIKO lukahulumeni oluxhasa amabhizinisi asafufusa ngemali iSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) enye inkampani elisebenzisana nalo kungenzeka ukuthi ibikhokhela izinkampani ezingekho imali.
Isikhulu esiphezulu seSefa uMnu uMxolisi Matshamba utshele ikomidi elengamele ezamabhizinisi amancane ePhalamende ukuthi sebejube i-Ernst and Young ukuthi “iphenye ukuthi imali okuxhaswa ngayo ayikhwatshaniswa” yini yi-Intellimatch Financial Services, “ukubheka ukuthi zonke izinkampani ezincane ezithi zibolekwe imali akuzona yini izinkampani eziyizipoki”.
Ngesonto elidlule i-Vutivi Business News ibike ukuthi ikomidi lathi lihambele eNorth West lathola ukuthi iSefa kunezinkampani ezisebenzisayo ukudlulisela imali ezinkampanini ezisafufusa esikhundleni sokukhokhela ngqo abantu abasuke befake izicelo. Ezinye zalezi zinkampani zikhokhisa izinkampani ezincane inzalo, kwenye inkathi efinyelela ku-29%.
Ikomidi lithole ukuthi i-Intellimatch igunyazwe yiSefa ukuthi ibolekise ngemali emva kokunikwa ilayisensi yiNational Credit Regulator.
Lokhu kushayisana nomgomo weSefa othi ivumela izinkampani okungenani ezineminyaka emibili zibolekisa ngemali ukuthi zenze lo msebenzi.
UMatshamba utshele iPhalamende ukuthi ayikho into eyonakele ngokuthi iSefa isebenzise ezinye izinkampani ngoba inhloso yayo “wukuxhasa ngemali”.
Unxuse ikomidi wathi “akulahlwa mbeleko ngakufelwa” njengoba ethe kunezinkampani ezincane eziwu-400 000, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya ezinamagatsha awu-100, eziqashe abantu abacela ku-1 000 ukukhokhela izinkampani ezincane.
Uthe: “Kumqoka ukuthi siwuhulumeni siqhubeke nokubambisana nemboni ezimele. Asiqhamuke nendlela ezosiza wonke umuntu. Asibhekane nendaba yenzalo abayikhokhisayo. Asikwazi ukuphelelwa yilobu budlelwano.”
UmQondisi-Jikele womNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane uMnu uLindokuhle Mkhumane uthe uNgqongqoshe uNkk uStella Ndabeni-Abrahams usevele usethe ibhodi leSefa kufanele liyifakele izibuko indaba yenzalo ewu-29% neqhaza lalezi zinkampani ekutheni amabhizinisi asafufusa athole imali.
Amalungu ekomidi lePhalamende abuze nokuthi kungabe kulula yini kubantu basemakhaya nabanokukhubazeka ukufinyelela kwiSefa neSmall Enterprise Development Agency, abanye abathe awabonakali amahhovisi awo kwezinye izindawo.
Isikhulu esiphezulu esibambile eSeda uMnu uNkosikhona Mbatha sithe akusebenzeki kahle uma iSeda inehhovisi kumasipala ongasebenzi ngendlela.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

