UMnu uThabani Radebe, omunye wabasunguli beKwanokusho TCN Projects yaseChesterville, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Abadilizwa emsebenzini sebeziphilisa ngefenisha yangaphandle ‘kaNokusho’. Omunye wabo uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

ISINTU sithi ukuwa kwendlu wukuvuka kwenye. Kube njalo nakuMnu uThabani Radebe nobangani bakhe beminyaka ngemva kokudilizwa emsebenzini ngo-2021.

Kuthe uma kuphela umsebenzi abangahlala phansi dleke kodwa bavuka bazithatha basungula iKwanokusho TCN Projects, inkampani eyenza izinhlobo ezihlukene zefenisha. URadebe usebenza noMnu uNjabulo Mazibuko noNtobeko Dlamini.

Elanda ngokusungula kwabo ibhizinisi, uRadebe uthe benoMazibuko badilizwa eRainbow Marine ngenxa yeCOVID-19 ngoba inkampani yayingasakwazi ukubaholela.

Enye ifenisha yaphandle yeKwanokusho TCN Projects

Uthi: “Ngenxa yokuthi sikhulele eChesterville ndawonye futhi sesineminyaka eminingi sazana, besihlale sibonana ngasekhaya sizama iqhinga lokuziphilisa njengoba sasingasasebenzi.

“Yilapho esafikelwa khona wumcabango wokuqala ibhizinisi lokwenza ifenisha, sasizwa wukuthi uMazibuko ubevele enekhono lokuyenza, sahlanganisa uR11 000 wemali esaphuma nayo enkampanini, saqala ngokwenza imibhede, bese siyidayisa ngasekhaya. Ngokuhamba kwesikhathi sigcine sesisebenza noDlamini ebhizinisini.”

Ngokubona ukuthi abantu bayawuthanda umsebenzi wabo bengeze ezinye izinhlobo zefenisha asebezidayisa manje okuyizihlalo, amatafula, amakhabethe, yizingqoko nosofa. Umkhiqizo wabo ubiza uR130 kuya kuR10 000.

Okwamanje banamakhasimende amaningi eThekwini namaphethelo kodwa bafinyelela noma yikuphi lapho bedingeka khona.

Uthi enye yezindlela abakhangisa ibhizinisi ngalo wukuhambela imibukiso yamabhizinisi. Basanda kukhangisa kwiDurban Business Fair.  

“Nalapho kuyenzeka ukuthi umsebenzi ugcine usumningi kakhulu, singakwazi ukuwuqeda ngesikhathi kodwa sigculisekile ngendlela ibhizinisi lethu eliqhubeka ngayo nomehluko eseliwenzile empilweni yethu,” kusho yena.

Uthi kubasize kakhulu ukuqala ibhizinisi bengenayo indlela yokuziphilisa ngoba kwenze bafunda ukuqikelela indlela abasebenzisa imali ngayo.

“Manje sesibheke ukuqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi esiwenzayo ukuze ibhizinisi lethu likhule, ligcine selinamagatsha kwezinye izifundazwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page