UNksz uNomcebo Nzimakwe, umsunguli weSkydrop Atmospheric Water yaseGamalakhe, ePort Shepstone, KwaZulu-Natali Izithombe: Zithunyelwe

Usizi lomphakathi limenze waqhamuka nesu loxazulula inkinga yamanzi ngakubo. Ixoxe neNTATHELI YOMBELE

ISIFISO sokusiza umphakathi wangakubo oshodelwa amanzi sizale ibhizinisi lokudayisa amanzi asebhodleleni.

UNksz uNomcebo Nzimakwe, oneminyaka ewu-28, waseGamalakhe, ePort Shepstone, eningizimu yogu KwaZulu-Natali, isungule inkampani ekhiqiza futhi idayise amanzi iSkydrop Atmospheric Water. 

Ufundele i-Analytical Chemistry eVaal University of Technology eGauteng kanti uthi ubephatheka kabi uma efika kubo kuthiwe amanzi awekho, uma kwenzekile abuya, abuye engcolile, obekuholela emibhikishweni yomphakathi engapheli.

“Bengihlale ngicabanga ukuthi yini engingayenza ukuze umphakathi wangakithi uthole amanzi. Bengihlale ngenza ucwaningo ngezinto eziningi ezinye ngibone ukuthi ngeke ngikwazi ukuzenza. Kuthe uma ngizwa ngomshini ohlanganisa umoya obandayo noshisayo bese kwakheka amaconsi amanzi ngabona ukuthi ngingakwenza loku,” kulanda uNksz uNzimakwe.

Amaconsi ayahlanganiswa aze abe maningi afakwe ethangini bese eyahlanzwa kanti akusetshenziswa amakhemikhali uma ehlanzwa.

Uthi ngo-2019 wavula inkampani ezitshela ukuthi uzoqala kancane kancane kanti kuzophoqa ukuthi inkampani ikhule ngokushesha ngoba kuhlasele iCOVID-19 ngoba kudingeka ukuthi abantu bahlale benamanzi ahlanzekile.

Amanzi eSkydrop Atmospheric Water eselungele amakhasimende 

Uthi: “Abantu abaningi bebethenga amanzi awo-5L abazowaphuza ngoba bengafuni ukugembula ngempilo yabo ngalesi sikhathi. Ngangizitshele ukuthi ngizodayisa amanzi ngezigubhu (ezincane) kodwa ukufika kweCOVID-19 kwenze ngibone ukuthi kumele ngibe nethangi abantu abazofika nezigubhu zabo bazogcwalisa.”

Le ntokazi ithi iqale yasebenzela ekhaya, yagcina isithole indawo yokusebenzela khona eGamalakhe.

UNksz uNzimakwe uthi ngosuku ubenza amanzi angamalitha awu-750. Nokho uthi akusenzeki ngoba imishini isebenza ngogesi kanti ugesi uyahlupha kulezi zinsuku njengoba uvame ukucishwa. 

“Bengihlele ukuthi ngizovula iziteshi zokudayisa eziningana lapho umphakathi ubuzokwazi ukuthenga ngezigubhu zawo kodwa manje ngisakumisile ngoba ngiyabona ukuthi ngeke kwenzeke ngoba sekuyenzeka ngolunye usuku ngenze amanzi aphakathi kuka-300 no-400L ngosuku.
“Uma kufika ikhasimende elizothenga o-20L abathathu amanzi ayehla kakhulu ekubeni nginamakhasimende athenga amanzi asemabhodleleni nezitolo engiziphakelayo. Sengiyesaba nokuqhubeka nokufaka  izicelo zokuphakela ezinye izitolo ngoba kungenzeka ngingakwazi. Ngisazama ukuthola ongangixhasa (ngifake) ugesi ophehlwa ngelanga ngoba i-generator ngibona ingesona isixazululo ngoba izodinga uphethroli, nawo omba eqolo,” kusho uNksz uNzimakwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page