Owaqala ibhizinisi ngoR40 usengenise ezitolo ezinkulu ngomkhiqizo wakhe wokucwala izinwele. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU
UNGOWESILISA osemkhakheni abanye abacabanga ukuthi ungowabesifazane kuphela. UMnu uLucky Mdletshe wumnikazi weHair Talk inkampani eyenza nedayisa izinwele zekhethelo.
Waqala ukusebenza ezindaweni zokucwala izinwele esemncane, okwamenza wagcina esenothando lwezinwele zemvelo. Ngemva kweminyaka ewu-10 esebenza ezindaweni zokucwala izinwele ezihlukene wagcina esenamakhasimende amthembayo ngenxa yolwazi lwakhe lwezinwele.
Waqala ibhizinisi lakhe ngo-2004 ngoba ebona ukuthi usenolwazi olwanele, waqala ngokuzihlanganisela imithi yezinwele.
Uthi: “Ngiye ngihleke njalo uma ngicabanga indlela engaqala ngayo ibhizinisi lami. NgoR40 nje kuphela ngakwazi ukuthenga imithi eyanele ukuze ngidayise.”
Uthi uR40 wamkhiqizela ama-shampoo awo-5 litre abathathu, waqala wazakhela udumo ngeHair Talk eManzimtoti, eThekwini, KwaZulu-Natali.
I-Hair Talk, eyabhaliswa ngo-2017, inezisebenzi eziyisishiyagalombili. Ikhiqiza imithi yezinwele zemvelo okukhona kuzo i-hair food, i-shampoo, i-conditioner, i-scalp treatment ne-tissue oil yezinwele.
Imikhiqizo yeHair Talk itholakala eJolly Cash and Carry, eJust On, eManhattan nakwezinye izitolo ezidayisa izimonyo zokugcobo kanti bayikhiqiza ngo-250ml kuya ku-5 litre, bese beyidayisa ngoR10 kuya phezulu.
UMdletshe uncoma kakhulu ukuhambela imibukiso yosomabhizinisi enjengeDurban Business Fair abekuyona kulo nyaka.
Uthi: “Imibukiso enjena isiza kakhulu ngoba iheha amakhasimende amasha, ukwazi ukuphatha imikhiqizo yakho uyidayise, uhlangane nabanye osomabhizinisi, ucijeke nangokuthi ungalithuthukisa kanjani ibhizinisi liye phambili.”
UMdletshe unesitifiketi se-Business Management asifundela eSmall Business Enterprise Development Agency.
“Ayikho into ebaluleke njengokufunda emhlabeni ngoba ngokuhamba kwesikhathi izinto ziyashintsha. Imithi engangiyisebenzisa kudala ngisaqala ibhizinisi ayisafani nale engiyisebenzisa manje ngenxa yolwazi esenginalo,” kusho yena.
UMdletshe ufisa iHair Talk igcine isitholakala eNingizimu Afrika yonke eminyakeni emihlanu ezayo, andise amathuba omsebenzi ezweni.