Basukunyiswe wukuxathuka kwendawo abahlala kuyona asebenebhizinisi elivuthayo. Omunye wabo uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UKUXAZULULA inkinga yokungcola ngakubo uMnu uKgabo Pila noyise bazisukumela baqala inkampani yokuvuselela kabusha izinto.
I-Dr Pila General Cleaning and Recycling Construction ayigcini ngokuvuselela kabusha imfucuza kodwa ibuye ihlinzeke ngamathuba emisebenzi kwizakhamizi zase-Ebony Park, Ekurhuleni, eGauteng lapho isebenzela khona. Ivulwe ngoJuni wango-2021 kanti elinye igatsha layo liseMokopane, eTshwane.
Exoxa neVutivi News, uPila uchaze ukuthi siqhamuke kanjani isidingo sokusungula ibhizinisi labo. “Wumqondo owasifikela ngesikhathi mina nobaba sibona ukuthi mningi udoti elokishini lethu, okwakungamabhokisi amaphepha amhlophe namabhodlela,” kusho yena. “Ubaba wayenelukuluku lokuhlanza indawo kodwa ngoba wayengafuni ukuzicoshela yena udoti, sakhetha ukukhokhela abantu ukucosha udoti bawulethe kithina.
“Siyawuthatha udoti siwuhambise endaweni kadoti eseduzane, abanye abaqoqa udoti bayafika bezolanda amabhodlela egcekeni. Okwamanje sinabantu abawu-10 abasiqoqela udoti e-Ebony Park,” kusho yena.

Uthi ngenkathi beqala babeqoqa amabhokisi kuphela kodwa babona ukuthi loku kukodwa akuyenzi inzuzo. “Sanquma ukugxila emaphepheni amhlophe, oplastiki namabhodlela, emva kwaloko inzuzo yethu yanyuka kakhulu.”
Nokho zikhona izingqinamba abahlangabezane nazo. “Sibhekene nenselelo yokungabi nemishini eyanele yokugaya amabhodlela nokugoqa amabhokisi, okwamanje amabhodlela asaphihlizwa ngabantu. Esinye sezifiso zethu wukuba nendawo enkulu nemishini efanele ukuze sikwazi ukuzisebenzela thina imfucuza. Sisazama nokuthuthukisa ezokuthutha zethu ukuze sikwazi ukuhambisa imfucuza eningi,” kusho uPila.
Uthi ufunde ukubaluleka kokubekezela ebhizinisini kuyise. “Ngesikhathi siqala ibhizinisi ngangicabanga ukuthi sizokwenza imali eningi ngokushesha. Nokho ubaba yindoda ebekezelayo, wangitshela ukuthi angigxile ekukhuliseni ibhizinisi nasekukhokheleni izisebenzi zethu. Wabuye wangikhuthaza ngokungitshela ukuthi ibhizinisi lizokhula, okuyinto eyenzekayo namhlanje.”
UPila uyavuma namhlanje ukuthi uyayithakasela indlela ibhizinisi elikhula ngayo. “Manje sengingasho ngingananazi ukuthi ngiyakuthanda ukukhula kancane kwebhizinisi ngoba kuloku kuqhubeke njalo. Ngifunde okuningi ngokubekezela.”
Abakufisayo manje wukuba nendawo enkulu yokugcina izimpahla neyokugaya udoti ukuze baqashe abanye abantu nomsebenzi wabo ugcine usunabele nakwezinye izindawo eziseku-Ekurhuleni.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

