UMnu uSiyabonga Magwaza, umsunguli weS.J Once Doubted yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Ungenisile embonini yezokungcebeleka ogxile kwezamafiliimu. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUSEBENZA embonini yokungcebeleka yinto ayithanda kusukela esafunda isikole kangangokuthi ngisho uma ayesuke ezama ukwenza ezinye izinto okungekona ukuzisebenza wayengabi nomdlandla ofanayo naba nawo uma ezisebenza. Yingakho ethe ngisho eseqede isikole akangapholisa maseko wasungula ibhizinisi.

UMnu uSiyabonga Magwaza, odabuka eShowe, enyakatho yeKwaZuIu-Natali, uwumsunguli weS.J Once Doubted, eyenza umsebenzi we- cinematography, lapho enquma khona ukuthi iyiphi i-lens okufanele isetshenziswe uma kwenziwa ifilimu. Uwumqondisi, umenzi wamafilimu, umthwebuli wezithombe onelebuli yakhe esizakhele udumo embonini yezokungcebeleka.

“Ukuqala ibhizinisi yinto engikade ngangifuna ukuyenza. Kwathi ngiqeda nje uMatikuletsheni ngo- 2017 ngase ngixhaswa usisi wami wangithengela ikhamera, ngamthembisa ukuthi ngizoyikhokhela njalo ngenyanga uma ngithola umsebenzi. Nangempela kwakuthi njalo uma kuphela inyanga ngimkhokhele, kwabawukuqala kwephupho lami lapho,” kukhumbula yena.

Igama elithi S.J Once Doubted, waliqala ngemva kokuthumela abangani bakhe umyalezo wokuthi ufuna ukuqala adayise izingubo ezinelebuli yakhe kodwa bemngabaza futhi bamhleka nakuba bekhona abambalwa abameseka.

UMagwaza usesebenzisane nabantu abakhulu embonini yezokungcebeleka okubalwa kubo uNksz uTee Xaba, uMnu uMondli Makhoba, uMnu uRobot Boii, uBergie, uDJ Fresh,  uDJ Tira nabanye. Uthi loku kusebenza nomakadebona kule ndima yikona okuwugqamisile umsebenzi wakhe.

UMagwaza nobuxhakaxhaka asebenza ngabo

Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu nje agcine esazi bonke laba bantu abadumile, ekade ebabukela kude? “Sahlangana ngabangani abahlukene. Ngingasho ukuthi into engisize ngithuthuke wukuthi njalo uma ngenza umsebenzi wami ngenza isiqiniseko sokuthi ngiwenza sengathi ngiyaqala ngiyagcina, lokho kwenza uphume ube yinto engaphezulu kwale umuntu abeyilindele,” kusho uMagwaza.

Njengabo bonke osomabhizinisi, uMagwaza useke wahlangabezana nobunzima ebhizinisini lakhe. Uthi ubunzima abhekane nabo wukuthi useke wangathola khasimende noma asebenzele umuntu, ajike angamkhokheli imali abavumelene ngayo. Kepha konke loko akumdikibalisanga ephusheni lakhe.

UMagwaza uthuthukise ikhono lakhe ngokuzicija ebukela ama-video kuYouTube.

Ukhuthaze intsha ngokuthi yenze imisebenzi eyithandayo ngoba loko kuzokwenza ingazizwa ukuthi iyasebenza njengoba ethi kunjalo nakuyena akawuzwa umsebenzi wakhe uyinto egqilazayo ngoba uyawuthokozela.

Useqale nokuqeqesha abantu abathanda i- cinematography nabafisa ukungena emkhakheni wakhe. Uthi iphupho lakhe elikhulu wukusebenzisana nezinkampani ezinkulu ezifana neNetflix.

Instagram: s.j.once.doubted

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page