UMnu uSphiwe Sishi, omunye wabasunguli be-AAbbenotha Diesel Supply eMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.

Bayangenisa embonini kaphethroli abaqhamuke neqhinga elihlukile. Omunye wabo uxoxe noSIZAKELE NDULI

EMBONINI okukhonya kuyo izinkampani ezinkulu ezidayisa uphethroli, kunenkampani encane enyakazisa izinto edayisa udizili. 

UMnu uSphiwe Sishi, oneminyaka ewu-30, waseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, unebhizinisi elidayisa udizili i-AAbbenotha Diesel Supply. 

Uqale ukuba wusomabhizinisi ngo-2022, wayesenza ucwaningo embonini kawoyela. Ube esesungula ibhizinisi emva konyaka.

Uthi: “Ngikholwa wukuthi uma kukhona into ofuna ukuyenza kufanele uqale ngocwaningo, ufunde konke ongakufunda ngokuxhumana nabantu abangakunika ulwazi oluthe xaxa ngebhizinisi olicabangayo.”

USishi usebenza nomngani wakhe ababambisene naye ebhizinisini uMnu uSihle Sibisi. Badayisa udizili owu-50ppm osetshenziswa abantu abanama-generator emakhaya. Amanye amakhasimende abo wosomatekisi, izinkampani zamabhasi namaloli ababadayisela ngamanani aphansi, into ekhulisa ibhizinisi labo ngamandla. 

USishi esemsebenzini

“Siyabonga ngendlela abantu abaningi abaseseka ngayo njengosomabhizinisi bezinkampani ezihlukene njengamabhasi kamasipala.”

Kusukela beqalile, sebethenge amaveni ayisithupha amasha abawasebenzisa ukuthenga udizili efemini ukudayisela imiphakathi nosomabhizinisi eThekwini, eNewcastle, eScottburgh naseMtshezi, besizwa yizisebenzi eziyitoho.

USishi unqume ukuqala ibhizinisi ukusiza abantu basezindaweni zasemakhaya eKZN. “Izindawo engigxile kuzo yizindawo zasemakhaya ngoba iningi labantu lapho lithwala kanzima ukuze lithole udizili nophethroli futhi ligcine lingawutholanga,” kusho yena.

Ngaleli bhizinisi, amanani abiza kahle nokuphatha kahle amakhasimende ibhizinisi likaSishi selisiza abantu abaningi emphakathini futhi livulela abantu ithuba lemisebenzi. 

USishi ukholwa wukuthi ukukhula kwebhizinisi kusho ukuthi lizogcina lifezekile iphupho lakhe lokuba negaraji likaphethroli ngelinye ilanga. 

“Yiphupho lami elidala ukuba negaraji likaphethroli engizodayisa udizili nophethroli ngalo ezindaweni ezihlukene,” kusho uSishi ozimisele ukuzakhela igama embonini kaphethroli. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page