UNkk uLiana Mongetane-Petersen, omunye wabasunguli be-Mach1 Aviation Academy eseSprings, e-Ekurhuleni, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Bavulela abantu abamnyama iminyango abanenkampani eqeqesha abashayeli bamabhanoyi. INTATHELI YOMBELE iyabika

NGENKATHI uNkk uLiana Mongetane-Petersen engena endimeni yamabhanoyi, wafica kugcwele amadoda abelungu. Loku akumthenanga amandla njengoba akhetha ukuba nento azozihlukanisa ngayo ngokungagcini ngokuba wumshayeli wamabhanoyi kuphela kodwa ngokuphinde abewumqeqeshi kule mboni.

Manje isikhungo sakhe esiseSprings, Ekurhuleni, eGauteng, iMach1 Aviation Academy sihamba phambili kunezinye. Singesinye sezikhungo ezimbalwa eziqeqesha abantu ukushayela amabhanoyi nokungesabantu besifazane abamnyama ezweni.

UNkk uMongetane-Petersen, odabuka eNorth West, utshele iVutivi News ukuthi ubesesendimeni yamabhanoyi iminyaka eyishumi ngaphambi kokuqala isikhungo sakhe ngo-2015. “Ngenkathi ngisasebenza eCivil Aviation Authority babenikana imifundaze yokufundela ukushayela amabhanoyi. Ngaba ngomunye wabambalwa owathi uzozama. Mina nesibambisene naye ebhizinisini, owayengifundisa ngaleyo nkathi, sabona isikhala esikhulu ngoba zazingekho izikole zabantu abamnyama zokufundela ukungena endimeni yamabhanoyi,” kukhumbula yena.

Basivula kanjalo-ke isikhungo, nakuba izimo zazingabavumeli. “Savula isikole sokufundela ukushayela amabhanoyi endimeni egcwele amadoda abelungu. Sasisebenzela endlini eyayinamakamelo amathathu okulala engaphandle kwendawo yamabhanoyi. Sasisebenzela kule ndawo emotweni yami endala, siqashe nebhanoyi kwezinye izikole ngoba sasingenalo ibhanoyi ngaleso sikhathi.”

Baqala benabafundi abane. Uyena owayenza yonke into esikhungweni. Emva kwesikhathi yena nomlingani wakhe bazama ukuxoxisana nabanikazi bendawo yamabhanoyi ngenhloso yokusebenzisana kodwa bahlangabezana nezinye izinselelo. “Ngiyakhumbula bangicela ukuthi ngihlanganise umhlahlandlela webhizinisi owethulwa yimina nomlingani wami phambi kwamadoda ayisithupha, eyayincane ukunawo wonke yayineminyaka ewu-60. Bawubuka, bawugxeka, omunye wabo wathi ezinyangeni ezintathu kuya kweziyisithupha leli bhizinisi lizowa. Kimina kwaba yithuba lokubakhombisa ukuthi ngeke liwe.”

Elinye lamabhanoyi e-Mach1 Aviation Academy

Bagcina bekwazile ukusebenzisa indawo yamabhanoyi, baqasha indlu yabo yokuqala yamabhanoyi nendawo yamabhanoyi. “Saqasha indlu yethu yamabhanoyi, ngathenga ibhanoyi lethu lokuqala ngemali yami yempesheni. Abafundi bethu abaningi ngabakwamanye amazwe.”

Ngaphambi kokubheduka kweCOVID-19 babenamabhanoyi awu-19 kodwa ngenxa yokuvalwa kwezokuvakasha ngenkathi izwe livaliwe baphoqeleka ukuthi badayise amabhanoyi awu-13.

Nenani labafundi esikhungweni lathinteka, lasuka kwabawu-130 laya kwabawu-60. Isikhungo sesiqeqeshe abafundi ababalelwa ku-350, iningi labo, okufaka ukuqeqesha abasizi basebhanoyini, selisebenza ezinkampanini zamabhanoyi zakwamanye amazwe.

Ngaphambi kokubheduka kobhubhane, uNkk uMongetane-Petersen wayehlela ukunabela kweminye imisebenzi esemkhakheni wezamabhanoyi. “Ngaphambi kweCOVID-19, mina nomlingani wami sasihlela ukuqeqesha omakhenikha bamabhanoyi ngoba asikho isikhungo sabantu abamnyama esiqeqesha omakhenikha bamabhanoyi.

“Sathola imvume yokuzihlolela amabhanoyi ngoFebhuwari, manje ngoba sesiyakwazi ukuzihlolela amabhanoyi ethu, sesingakwazi ukuba nabantu bethu esingabaqeqesha. Esikufisayo wukuqala isikhungo sokuqeqesha omakhenikha bamabhanoyi.

Uthe elinye iphupho elikhulu analo elokufunda ukundizisa ama-drone.

UNkk uMongetane-Petersen ukholwa wukuthi eminyakeni embalwa ezayo uzofeza amaphupho akhe, nemboni yamabhanoyi izobe isivulelekile kubantu abamnyama kakhulu kunakuqala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page