Yize sekwashaywa umthetho okufanele ngabe usiza abadayisi bezindlu abasafufusa kodwa bathi basathwele kanzima. UTEBOGO MOKWENA uyabika

SEKUPHELE uhhafu wonyaka seloku kuqale ukusebenza komthetho i-Property Practitioners Act kodwa lo mkhakha usaxakwe yizinkinga ezinjengokugqoza koshintsho ukuze abantu abamnyama bathole amathuba, ubandlululo futhi kuselukhuni ukuthola amakhasimende.
Lezi zinkinga zibhebhethekiswa wukuthi uhulumeni awuwusebenzisi lo mthetho onhloso yawo wukuthuthukisa amabhizinisi asafufusa nawabantu abamnyama embonini yezakhiwo.
Lona wumbono wesikhulu esiphezulu seNational Property Practitioners’ Council (iNPPC) uMnu uJoseph Sakoneka. I-Vutivi ikhulume naye ngokugqoza kwenqubekelaphambili embonini yabo kusukela lo mthetho waqala ukusebenza emva kokusayinwa wuMengameli uCyril Ramaphosa ngoFebhuwari.
USakoneka uthe lusadla lubi ubandlululo nokungafuni ukushintsha. Uthi kunzima ukufinyelela emakhasimendeni ngenxa yokungakwazi ukuzikhangisa, ukuntula imali nokuthi abathenjwa abantu abamnyama abasafufusa embonini yezakhiwo.
“Lo mkhakha usebenza ngokuthi kuthenjwane, kunzima emabhizinisini amancane ukufinyelela emakhasimendeni ngoba awaziwa kanti abantu bamanqika ukuthi bavume ukudayiselwa izakhiwo ezinkulu ngamabhizinisi amancane nokwenza sigcine sesibanga amakhasimende ambalwa.
“Kuyabiza ukukhangisa nokusebenzisa amaziko anjengeProperty24 nePrivate Property. Osomabhizinisi abancane kudingeka ukuthi bakhokhe imali enkulu ukuzikhangisa kanti futhi asikho isiqiniseko sokuthi lezo zakhiwo abazidayisayo zizothengwa nakanjani,” kukhala yena.
USakoneka usola uhulumeni ngokuhosha imfe kwawona uqobo njengoba ethe iSigaba 20 soMthetho sithi izinhlaka zikahulumeni kufanele zithenge izakhiwo ezinkampanini eseziguqukile futhi ezisebenzisana nabantu abamnyama kodwa akwenzeki loku.
“Ngaphezu kwaloko iProperty Practitioners Regulatory Authority (iPPRA) kudingeka ukuthi igade ukuthi ngabe lo mthetho uyalandelwa. I-PPRA iwumlawuli womkhakha. Yethulwa ngokomthetho omusha ukuze ingene esikhundleni se-Estate Agency Affairs Board. Kunzima kakhulu ukuthi inkampani yomuntu omnyama ithole imvume (yokudayisela abantu umhlaba wabo noma indlu) kubantu abamhlophe noma kulaba abahlala ezindaweni okwakungezabamhlophe kuphela kuqala,” kusho yena.
Uthi nabo abantu abamnyama ababathembi abadayisi abamnyama, okungenye into eyenza kube lukhuni ukuthi bakwazi ukuqhubekela phambili.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivivibusiness.co.za

