Sebenamakhasimende amakhulu abanenkampani yefenisha. Omunye wabo uxoxe noZusiphe Didi
UQALE ukuba nentshisekelo yamabhizinisi kusukela emncane njengoba ayedayisa amadumbe ukuze abe nemali azoyiphatha esikoleni. Lukhulile lolu thando njengoba lugcine lumholela ekutheni avule ibhizinisi ekhiqiza ifenisha.
UNksz uPhindile Madiba ubambisene noMnu uMazwi Zungu eLa Mobilia Interiors, abakhiqiza kuyo ifenisha enhlobonhlobo eThekwini, KwaZulu-Natali.
Bayisungule ngo-2019 inkampani kanti uNksz Madiba uthi: “Inkampani enhle iyibhizinisi ngokukhiqiza umsebenzi onohlonze nangokuphatha kahle amakhasimende.”
Bathi basebenzisa ikhono nethalente ukuze baphumelele. Konke kwaqala njengento yokuchitha isizungu bahlala bebheka izitayela ezihlukile zefenisha.
Ngokwengxoxo ababanayo noMasipala waseThekwini baqala bafunda izinto ngokubukela indlela okwenziwa ngayo kwiYouTube.
Bake baba yingxenye yohlelo lokufundisa abantu ukwakha ifenisha olwenziwa wumkhandlu ngo-2021/22 abaphume kulo nesicucu esiwuNQF Level 2, athi sekubavulele iminyango eminingi kwazise useqashe indawo enkulu asebenzela kuyona eJacobs.
ELa Mobilia Interiors baqashe abantu abayisikhombisa. “Ibhizinisi limiswe wukusetshenzelwa abantu bamanye amazwe, yize kuyinselelo ukusebenzisana nabo kodwa bayalawuleka.”

Babalule njengenye yezinto asebezizuzile nabaziqhenyayo ngazo ukuqokwa yinkampani yezibhedlela ezizimele iNetcare njengenye yezinkampani abazizebenzisayo ukulungisa ifenisha yabo endala ukuze ivuke ibukeke iyintsha.
Uthi akekho umpetha ekukhiqizeni ifenisha. “Kule mboni ufunda nsuku zonke, imakethe ikhona kuyenzeka, ugqozi lukhona, konke loko kumele kuhambelane nesifiso sakho, izinsiza ziyalandela. Phezu kwako konke kumele ube nothando ngomsebenzi wakho,” kusho uNksz uMadiba.
Facebook: lamobiliainteriors

