Owakhuliswa wugogo owayethunga usehamba ezinyathelweni zesaguga, abhake namakhekhe aneNkosi phakathi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UMTHUNGI owakhuliswa wugogo wakhe owayebakhroshela amajezi ebusika uhamba ezinyathelweni zikagogo wakhe.
UNkk uThandokazi Mthembu wakhulela eLady Free Trust, eMpumalanga Kapa. Kulapho aqala ukusebenza ezitolo ezinkulu zezingubo zokugqoka khona ngemva kokuqeda uMatikuletsheni. Wathuthela eThekwini, KwaZulu-Natali, wafike wasebenza ePep.
Ngemva kwesikhashana wagana umfundisi waseWeseli. Ukugana kwamenza ukuthi ashiye umsebenzi ukuze ezokwazi ukunakekela umndeni wakhe nokuthi uma ugane umfundisi kuphilwa ngokuthutha. Impilo yokugana umfundisi yamkhumbuza uthando lokukhrosha. Waqala ngokukhrosha amajezi akwakhe. Makhathaleni omakhelwane nabangani bawathanda, bacela ukuthi abenzele amajezi nezikhafu.

Ngo-2020 ufikelwe wumqondo wokuqala ibhizinisi ngekhono lakhe, iKwamabhayi (Pty) Ltd, ethunga izimpahla zokugqoka ngewuli. Ithunga izingubo zezingane njengezigqoko, izikhafu njll nezabantu besifazane njengezingubo nezimpahla zokubhukuda, izingubo zokumbatha ezincane nezinkulu kanti amakhasimende ayakwazi nokucela ukukhroshelwa into ayithandayo.
Amanani ezimpahla aqala kuR50 kuya kuR650. Bayawathungela namakhasimende angekho eThekwini bese besebenzisa izinkampani ezidiliva izimpahla njengePaxi yasePep.
Ngokuqhubeka kwesikhathi iKwamabhayi yengeze amakhekhe ehlukene. Uthi: “Ngabona kuyisu elihle ukufundela ukubhaka amakhekhe ukuze uma umuntu ezothenga ingubo noma efisa ukuthungelwa ingubo yomcimbi ezobona amakhekhe engiwenzayo bese (ekhumbula) umcimbi wakhe bese (efaka i-oda lekhekhe) laloyo mcimbi.”
Amakhekhe atholakala ngezinhlobo ezihlukene i-vanilla, i-chocolate, i-velvet, njll. Wenza amakhekhe emicimbi yokuzalwa naweminye imicimbi. Amakhekhe aqala kuR450 kuya phezulu.

UNkk uMthembu oneso elibukhali nohlale ehlwaya amathuba okukhulisa umsebenzi wakhe usephinde wengeza okunye. IKwamabhayi isifundisa abantu abathanda ukufundela ukukhrosha nokuthunga. Ama-class awakhethi ngokweminyaka nobulili kanti aqala kuR1 000 kuya kuR1 500.
Ukuncoma kakhulu ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana uma uwusomabhizinisi. Uthi: “Ngaphandle kokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngabe iKwamabhayi ayikho (lapha ekhona). Abantu bahlangana nomsebenzi wethu ku-Instagram noFacebook. Bancoma umsebenzi bese basazisa ukuthi bafisa (ukuthengani) noma abafisa sibenzele khona,” kusho yena.
Okunye athe kumsize kakhulu ukukhulisa ibhizinisi wukuhambela imibukiso, lapho abantu bekwazi ukubona ibhizinisi futhi athola ithuba lokucobelelana ngolwazi nabanye osomabhizinisi.
Ngokwezinhlelo zangomuso, iKwamabhayi ifisa ukukhula idala amathuba omsebenzi ngokuqasha abantu.
Facebook: @Kwamabhayi
Instagram: Kwamabhayi

