Utakulwe yibhizinisi alivule ngekhono alifunda kuninazala ‘ngenkani’. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NGENKATHI uninazala emfundisa ukuthunga izingubo wayengafuni nokuyizwa kodwa wafunda engakuthandi.
Ngenkathi esephelelwa wumsebenzi ngo-2012, ikhono lokuthunga yilona elatakula uNkk uNomsa Mkhonza, waqala inkampani yakhe iBomsa Trading and Projects ngo-2013.
Uthi: “Umamezala wangifundisa ukuthunga imvunulo ngoba yiyona nto ayenze impilo yakhe yonke. Ngesikhathi ngiphelelwa wumsebenzi, ngaphindela ekhaya KwaMhlanga, eMpumalanga, ukuyovula ibhizinisi.”
UNkk uMkhonza uyavuma ukuthi kwakunzima ekuqaleni njengoba kwakufanele aqale ajwayele imboni. “Kube lula ngokuqhubeka kwesikhathi. Izindleko ngizithwale ngokucela amakhasimende akhokhe i-deposit ebengiyisebenzisa ukuthunga indwangu.”
UNkk uMkhonza ugxile kwimvunulo, izingubo, amahembe namabhulukwe amadoda, izingubo zomshado futhi uyanciphiselana.
Yena nesisebenzi sakhe esisodwa badayisela abantu baKwaMhlanga namaphethelo.
Utshele iVutivi Business News ukuthi ukholwa wukuthi kubalulekile ukuba nekhono. Lena yinto aseyifundise nezingane zakhe, kangangokuthi useze wasiza indodakazi yakhe isungule ibhizinisi layo iQhakaza Mbali Trading and Projects ngonyaka odlule. Nayo igxile ekwenzeni imvunulo.

“Ngifuna ukufundisa intsha, njengoba ngenzile ngezami izingane, ukubaluleka kokuba nekhono ongaziphilisa ngalo noma yikephi emhlabeni. Uma singenza isibonelo ngeCOVID-19 nje, iningi intsha ephelelwe umsebenzi futhi engasakwazi ukuziphilisa.”
UNkk uMkhonza uthe nakuba ubhubhane (iCOVID-19) lwawaphazamisa amabhizinisi abo kodwa bakwazi ukubambelela bangawi. Uthi: “Ngenxa yokuthi yayingekho imishado nemicimbi sasingenawo ama-oda amaningi futhi kwakunzima ukuthi sivule. Nokho umNyango wezokuVakasha wasisiza sakwazi ukuthenga izifonyo.”
Uthi futhi kuningi okunye akubongayo. Wawina indodo ye-Best Traditional Outfit kumaSouth African Traditional Music Achievement Awards ngonyaka odlule
Wawina noR100 000 emncintiswaneni owenziwa yiMzimari Productions ngo-2017.
Iphupho lakhe akusikho ukuvula isitolo kuphela kodwa nokufundisa izingane ezincane ukuthunga imvunulo. Okwamanje ufundisa abantu abadala kodwa isifiso sakhe wukuba nesikole esisemthethweni lapho abafundi bengathola khona nezitifiketi.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za


