UMnu uSiyabulela Matinise, umsunguli nesikhulu esiphezulu seBophelo 100 yaseGoli, eGauteng, i-medical aid yabantu abahola imali encane Izithombe: Zithunyelwe

Basiza izisebenzi ezihola utiki zithole usizo lwezempilo oluvame kwabahola kahle. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

IZIKHUNDLA aziphathe ngenkathi esaqashiwe zimvule amehlo wabona ukuthi ukungalingani kubathinta kanjani abantu abaswele. Ukukhulela emakhaya naselokishini nakho kube nesandla.

Enye yezinselelo ezimgqamelile wukuthi abantu abantulayo abalutholi usizo lwezempilo ngendlela efanele. Yiloku okumgqugquzele ukuthi asungule ibhizinisi elizama ukuphucula indlela abantu abathola ngayo usizo lwezempilo. 

UMnu uSiyabulela Matinise wumsunguli nesikhulu esiphezulu seBophelo 100, inkampani egxile ekuletheleni abantu abahola imali encane usizo lwezempilo ikakhulukazi uma bephethwe yizifo ezisuke zingadingi ukuthi umuntu alaliswe esibhedlela.  

UMatinise, odabuka eQonce, eMpumalanga Kapa, waqala ukusebenza ngo-1996 eqashwe njengomunye wezisebenzi emazingeni aphansi ngaphambi kokugcina esengene emkhakheni wakwandabazabantu, lapho agcina eseyisikhulu khona esebenzela izinkampani ezihlukene.

“Ngenkathi ngikhula ezinkampanini ngangibona ukuthi abantu abaphethe, ngisho nezikhulu eziphezulu, amandla abo anqindeke kangakanani endleleni abathatha ngayo izinqumo. Thina kwandabazabantu sithi abantu yibona ababalukekile futhi umsebenzi wethu wukubanekekela. 

“Kepha uyaye uthole ukuthi uma kusuke kuyisikhathi sokuxoxa ngamaholo, mhlawumbe utshelwe ukuthi ningayikhuphula imali ngo-7% kuya ku-12%, kodwa uma isivumelwano ofinyelela kuso nezinyunyana sigcina sivume u-10%, uthathwa njengesehluleki ngoba inhloso wukunswinya izisebenzi. Akusho lutho ukuthi u-10% usuke ungaphansi kuka-12% osuke utsheliwe ukuthi ungeqi kuwona,” kukhala uMatinise. 

IBophelo 100, uhlelo lwezempilo lwabantu abangaholi imali enkulu

Uthi inhloso yeBophelo 100 wukulekelela abantu abangenalutho olutheni bakwazi ukuthola usizo lwezempilo olungcono ngoba uhulumeni uthwele kanzima. Ukhuluma kakhulu ngezifo ezilapheka emitholampilo nakodokotela.

Uthi: “Uma ubuka emalokishini nasezindaweni zasemakhaya, izikhungo zezempilo azandi kodwa isibalo sabantu siyakhula. Abantu abawu-80% kuya ku-85% bathembele kuhulumeni ukuze bathole usizo lwezempilo kanti basuke bedinga usizo lolu oludinga unesi nosokhemisi kakhulu. 

“Enye into, sikhule kukhona abantu okugcina kuthiwa bayahlanya ngoba benenkinga yezifo zengqondo nomphefumulo, okuwukuthi babengalutholi usizo.”  

Imikhiqizo yeBophelo 100 ihlukaniswe kathathu. Kukhona iBophelo 100 esiza abantu bathole usizo olusuke ludinga unesi noma usokhemisi. Uma umuntu edinga usizo oluphuthumayo, le nkampani isebenzisana nabakwaNetcare 911 abafikayo nge-ambulensi bamthathe umuntu bamphuthumise esibhedlela kanti kulona kukhona nosizo lokwelapha izifo zomphefumulo nengqondo. Imali ekhokhwayo iphakathi kukaR114 noR650 ngenyanga. 

Kukhona neBophelo 1 000 ehambisana nemihlomulo umuntu ayitholayo efana nezaphulelo uma ethenga ukudla ezitolo ezithile, izimpahla zesikole zabantwana nokunye.

“Lena siyenzele kakhulu nezinkampani ezincane ukuze zikwazi ukusiza izisebenzi zazo ngosizo lwezempilo. Kukhona nomshwalense kuyo, umasingcwabisane womndeni ukuze umuntu angathi uma ehlelwa yinto bese ephinda ezoboleka imali kumqashi wakhe, angene ezinkingeni zemali ebe eshonelwe. Kukhona nemali ekusiza uma ulimala ukhubazeka kanjalo nasesibhedlela esizimele. Kukhona ne-gap cover ekwazi ukukusiza uma iphela le mali okufanele ikusize esibhedlela,” kuchaza uMatinise. 

Kukhona iBophelo 100 plus ongathola usizo lodokotela, ukwazi ukulala esibhedlela futhi uyakwazi ukwengeza nge-gap cover ekusiza uma kukhona lapho kushoda khona. Imali oyikhokha lapha iya nokuthi uthatheni nokuthi nibangaki kuyo.

UMatinise, oqashe abantu abane, uthi indlela yokukhulisa ibhizinisi ayilula kodwa wuhambo oluhambekayo. 

Waqala ukwazi ngamabhizinisi esesesikoleni  lapho ayedayisa khona uswidi. Uthi ukubekezela wakufunda kuninakhulu ngenkathi esabheka isikhala sokufundela umsebenzi emva kokuphothula uMatikuletsheni. “Sasihambe naye siye ePE Technikon kanti sathi uma sifika sahlangana nenqwaba yabafundi nabazali bephindela emuva ngoba kwakuthiwa sekugcwele. (Ukhulu) akakunakanga lokho, saqhubeka. Wathi uma efika, wafuna ukukhuluma nomuntu ophethe, ngasithola kanjalo isikhala. Loko kwangifundisa ukuthi awuvele nje uphonse ithawula,” kukhumbula yena.

Uneziqu ze-Human Resources Management zasePE Technikon (esibizwa ngeNelson Mandela Metropolitan University) ne-Master’s in Business Administration yaseWits University. 

Facebook: @Bophelo100

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page