Wayethi qu ebunjiniyeleni kanti uzothola ubizo lwakhe. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
WABHALISELA izifundo zobunjiniyela ekolishi elifundisa amakhono ngoba ethi wenzela ukungahlali ekhaya ngesikhathi abazali bakhe besahlanganisa imali yokufundela ukuba wummeli enyuvesi.
Kwathi eseziqalile izifundo ze-mechanical engineering wathola ukuthi uyazithanda, wasale esebambelela kuzona waze waziqeda iziqu.
Wangena kanjalo embonini yobunjiniyela uNkk uKatlego Ntuli, umnikazi weMidplumb and Electrical, inkampani yaseMiddleburg, eMpumalanga.
Kwathi esaphakathi nezifundo zakhe wabhalisa inkampani ngoba wayesezwile ukuthi abantu abenze izifundo zobunjiniyela bayawuhluphekela umsebenzi, okwamenza wanquma ukuxazulula loko ngokuzivulela inkampani yakhe.
IMidplumb and Electrical yaqala ukusebenza ngokusemthethweni ngo-2016 kanti iqashe abantu abayisithupha, isibalo esinyukayo uma kukhona abayitoho.
UNkk uNtuli uthi: “Kuyehla kuyenyukela kanti ziningi izinselelo ezikhona ngoba ayikho into ongayilandela kahle wazi ukuthi uma unamathele kuyo konke kuzohamba kahle. Iningi lethu liqala amabhizinisi lingenayo imali, kunemishini engaziyo ukuthi ukube sinayo ngabe senza kangcono kakhulu kunesikwenzayo okwamanje.
“Yimboni futhi egcwele abantu besilisa, nokwenza kube nzima ukuthi bakulalele ungowesifazane futhi awamaningi amathuba atholwa abantu abamnyama. Ukuze uthole imisebenzi emikhulu engenisa izigidi ngezigidi, udinga ukuba nezinsizakusebenza. Nokho kumnandi, kuyangithokozisa ukwazi ukuthi kunabantu abakwazi ukondla imindeni yabo ngenxa yomsebenzi engiwuqalile,” kusho yena.
Le nkampani isebenza kakhulu nohulumeni nezimayini ukulekelela ngezinto ezithinta ugesi nengqalasizinda ethutha indle. Kanti nakuba kuba wumqansa kodwa uNkk uNtuli uthi zikhona nezinye izinto asezizuzile ezimthokozisile.
“Ngaqokwa ngaba omunye wabantu abaqeqeshwa e-Eskom Contractor Academy lapho ngangimunye wabantu abawu-15 isicelo sabo esaphumelela kubantu abangamakhulu ababefake izicelo futhi yimina owayemncane kunabo bonke. Ngaphuma isibili ngathola umklomelo ngesikhathi ngifunda eWits Business School ngenza i-Management Development Programme kanti nokukwazi ukuphothula umsebenzi ngendlela ikhasimende elisuke liwucele ngayo yinto engijabulisayo.”
UNkk uNtuli uneziqu ze-BA in Psychology yase-Unisa. Echaza ukuthi yini enganqeni ukusebenza ngengqalasizinda ethutha indle njengoba kuwumsebenzi odelelekile ikakhulukazi entsheni, uthi wabona ithuba lo msebenzi ohlale ukhona ngoba asikho isakhiwo esingayidingi le ngqalasizinda.
Kwabafisa ukuqala ibhizinisi, uthi: “Qala ngonako lapho ukhona. Ziningi izingqinamba kodwa ungavele uyeke kanjalo nje. Ibhizinisi lingifundise ukubekezela.”
LinkedIn: Katlego Moroane

