UNks uThobile Nyawo, umnikazi we-Isambane Energy yaseGoli, eGauteng, ephehla ugesi welanga Isithombe: Sithunyelwe

Usomabhizinisi ongacushwa ngokubona amathuba okungena ebhizinisini usengene embonini yokuphehla ugesi eyonga imvelo. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

NAKUBA uNks uThobile Nyawo efunde i-civil engineering kodwa unqume ukuba wusomabhizinisi ukuze axazulule ezinye zezinkinga ezibhokile ezweni. Ibhizinisi lakhe elisha yinkampani efaka ama-solar panel kanti useqhamuke nendlela elekelela osomabhizinisi abasafufusa nabantu nezinkampani ezinkulu babe namandla okukhokhela ugesi ophehlwa ngelanga ukuze banciphise umphumela omubi odalwa wukucinywa kukagesi.

UNks uNyawo usungule Isambane Energy ngonyaka odlule ngesikhathi kudlanga ukucinywa kukagesi. Inkampani yakhe isebenza ezweni lonke kanti iqashe abantu abayisikhombisa.

Uthi ubone ukuthi amabhizinisi asafufusa, imiphakathi nezinkampani ezinkulu kuthwala kanzima kanjani ngenxa yokungabi nogesi. Uthi ngezindlela zokukhokha aqhamuke nazo wenza ukuthi wonke umuntu ofisa ukuba nogesi ophehlwa ngelanga akwazi ukuwuthola. 

“Abantu abaningi abanamali yokuthenga, ngakho sinendlela eyenza umuntu ayiqashe (i-solar panel) ngenhloso yokuthi kuzogcina kungeyakhe, siyabolekisa ngemali futhi siyawafakela amakhasimende izicelo emabhange futhi umuntu uyakwazi ukukhokha kancane kancane aze aqede ngaphambi kokuyithatha (i-solar panel).” 

UNks uNyawo uthi kumqoka ukuthi abantu baseNingizimu Afrika basukume bazibambele ukulungisa inkinga kagesi, esikhundleni sokuloku besola uhulumeni. 

“Sidinga ukusukuma sibone ukuthi yini esingazenzela yona. Uma ngingenza isibonelo nje ngezindawo zokudlela, nazo ziyaphazamiseka uma kucima ugesi (kodwa) ziqhamuke nelinye icebo zathenga izitofu zegesi nama-solar panel, ngakho kufanele sisukume sizame,” kusho yena. 

Akaqali uNks uNyawo ukuba nenkampani. Wasungula iNyawo Construction ngo-2014 ngemva kokuphothula izifundo zakhe. Le nkampani ezinze eGoli, eGauteng, iqashe abantu abangaphezu kuka-70 kanti nayo isebenza ezweni lonke.  

Ngenkathi izwe livaliwe usungule iZete Telecoms ngoba ebona abantu bedinga umoya wokudonsa i-internet ngenkathi besebenzela emakhaya. 

Uthi waqala le nkampani  ngoba edinga imali, kwazise ukuthi imboni yezokwakha yayimile ngenkathi izwe livaliwe. 

UNks uNyawo ululeke abantu abafisayo ukusungula amabhizinisi ukuxazulula izinkinga zeNingizimu Afrika ukuthi kufanele balandele izifundo ezinhlanu asezifundile ohambweni lwakhe njengosomabhizinisi. 

“Into yokuqala engayifunda wukuthi kufanele ngingazenzi omunye umuntu. Njengomuntu wesifazane, maningi amadoda aqhamukile ezama ukuzozenzela umathanda lapha kimina ngoba ethi azongisiza kodwa angizange ngivume, angizange ngizidayise ukuze ngithole umsebenzi. 

“Okwesibili wukuthi abekho abangani ebhizinisini, okwesithathu wukuthi akudlalwa ngemali yomsebenzi, okwesine wukuthi kufanele uhlale uzimisela kanti okwesihlanu wukuthi ungazideli.”

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page