Umqondo kayise nolwazi lwendodakazi yisisekelo sebhizinisi elithaka izinto zokuhlanza. Baxoxe noNQOBILE NDLOVU
UKUHAMBA kweminyaka kwenze waqala ukucabanga ukuthi yini azoyenza ukuziphilisa uma esesempeshenini. Wafikelwa wumcabango wokusebenzisa ulwazi lwendodakazi yakhe eyayenza izifundo ze-chemistry enyuvesi ngaleso sikhathi ukuqala ibhizinisi elidinga lolo lwazi.
Yasunguleka kanjalo iMelokuhle Primary Co-operative kaMnu uThamsanqa Jwara, ibhizinisi lemikhiqizo yokuhlanza, abambisene kulona nendodakazi yakhe uNkk uSinenhlanhla Mabasa.
Elandisa Umbele ngaleli bhizinisi eliqale ngo-2014, uJwara, oneminyaka ewu-64, uthe kwase kusele kancane aye empeshenini wase ebona kufanele kube khona akwenzayo azokondla ngakho umndeni wakhe uma engasasebenzi.
“Yilapho engafikelwa khona wumcabango wokuqala inkampani eyenza imithi yokuhlanza, ngethemba lokuthi indodakazi yami yayizongisiza kuloko ngolwazi lwezifundo ze-chemistry eyayizenza enyuvesi,” kulanda yena.
Uthi wezwa ngethuba lokufundela i-basic detergent manufacturing lweTechnology Innovation Agency, iSouth African Bureau of Standards neMangosuthu University of Technology (eMUT) ukuqeqesha abantu abafuna ukungena kulo mkhakha.
UNkk uMabasa, one-Diploma in Analytical Chemistry yaseMUT, uthi okwakhe kwaba wukuqikelela ukuthi uyise uyacophelela uma esebenzisa amakhemikhali okwenza imikhiqizo yabo.
“Okunye okusize kakhulu wukuthi imithi yokuhlanza esiyidayisayo ithakwe ngamakhemikhali angenabungozi obungako, okwenza kube lula ukuqhuba umsebenzi,” kusho yena.
UJwara uthi: “Ngabe sengitshela indodakazi nomkami ukuthi abaye koqeqeshwa ukuze bafunde ukuthi ihlanganiswa kanjani imithi yokuhlanza ngoba mina ngimatasa nomsebenzi, saliqala kanjalo-ke ibhizinisi.” Namuhla inezisebenzi ezimbili.

Imikhiqizo yeMelokuhle itholakala e-Avoca Hills, KwaMashu nasedolobheni eThekwini, KwaZulu-Natali. Idayisela amahhotela, amasonto, izikole nama-car wash.
Ikhiqiza i-pine gel, yi-All purpose cleaner, i-Auto wash and wax , i-Bleach nensipho eyiqhuzu. Imikhiqizo yabo iqala ku-100ml kuya ku-25l, kanti ibiza uR15 kuya phezulu.
Yize ibhizinisi lichuma kodwa uJwara ukhala kakhulu ngokucinywa kukagesi. Uthi: “Amakhemikhali esiwasebenzisayo ukuhlanganisa umkhiqizo wethu awafuni ukuphazamiseka uma uwahlanganisa, okuphoqa ukuthi siqale phansi umsebenzi njalo uma sike saphazanyiswa wukuhamba kukagesi.”
UJwara usezinhlelweni zokufundela isitifiketi esizomvumela ukuqeqesha abafisa ukungena kulo mkhakha.