‘Ifilimu’ yezikhumba ekuhambeni yokhela uthando lokusungula ibhizinisi. Manje benza izikhwama zesikhumba ezihlukile. Omunye wabo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UDADEWABO wabuya engawuvali umlomo kade eyobuka ifestiveli ye-jazz eMpumalanga Kapa emva kokubona ama-briefcase esikhumba athungwe ngesandla.
Akuthathanga sikhathi emva kwaloko basukuma bayofunda leli khono kulona wesifazane owayehlangane nodadewabo base besungula inkampani edayisa izikhwama zesikhumba ezithungwe ngesandla i-African Pride.
I-African Pride izinze eClermont, eThekwini, KwaZulu-Natali.
UMnu uSisekelo Luna, obheke ezokukhangisa kule nkampani, usebenza nomfowabo nodadewabo ukuthunga izikhwama ezihlukene okukhona kuzona ama-sling bag, izikhwama zabantu besifazane, ezabesilisa, ezama-laptop namabhande.
Amanani aqala kuR250 kuya kuR4 000.

Uthi bayaziqhayisa ngokuthi zonke lezi zikhwama bazithunga bezisusa phansi.
“Njengamanje siphezu kwezinhlelo zokuthi sibe nesitolo esi-online, lapho sizodayisela khona umkhiqizo wethu. Akulula ngoba siyazikhokhela yonke into futhi kuthatha isikhathi ukuba nezinsizakusebenza ezithembekile, amakhasimende nethimba ongasebenza nalo,” kusho yena.

ULuna uthe ukuzimisela nokuphokophela kubasizile kulolu hambo lwabo. “Ungesabi ukungqongqoza eminyango lapho ungahle usizakale khona. Ngikhumbula ngibona ithuba lokuyokhangisa kwiTravel Indaba, kwase kuvaliwe ukufaka izicelo kodwa ngasifaka isicelo noma kunjalo futhi ngalandelela ngabashayela ucingo baze basivumela ukuthi size nathi sizokhangisa.
“Kuyafuneka ubekezele, ubheke amathuba, wonge imali futhi uyitshale ebhizinisini. (Ulalele) abantu, uqhamuke nezinto ezintsha, uhambe, uxhumane nabantu futhi uzilungiselele ukuthi uma kuqhamuka amathuba amasha ube ukulungele ukuwathatha,” kusho uLuna.
Le nkampani ngenye yezisafufusa ebezikhangisa kwiDurban Business Fair ebihlelwe wuMasipala waseThekwini emasontweni amabili edlule.
Instagram: africanpride_sa

