UNkk uZanomusa Ngema, umnikazi weClassic Mobile Bar and Events, yaseMbumbulu, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Wehlisa umthwalo kubantu abanemicimbi ngenqola yeziphuzo ezikhala kahle. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBONA omakhelwane nabantu akhule nabo bejuluka babemanzi te uma sekuyisikhathi sokupha abantu ukudla neziphuzo emicimbini abasuke beyenzile kwenze wafisa ukubethula umthwalo ngokubahlinzeka ngeziphuzo ezidingeka emcimbini.

UNkk uZanomusa Ngema, waseMbumbulu, eningizimu yaseThekwini, KwaZulu-Natali, usungule iClassic Mobile Bar and Events, egxile emalokishini ngokusiza abantu abenza imicimbi ukupha izimenywa iziphuzo.

 I-Classic Mobile and Events ibiza uR3 000 kuya phezulu kwabayiqashayo.

Imvamisa lolu hlobo lwamabhizinisi ngolwabantu besilisa, nathi kwenza abanye bameye ngoba engowesifazane ngenxa yenkoleloze yokuthi akubafanele ukwenza leli bhizinisi.

Uthi: “Kuhlale kwenzeka njalo ukuthi uma ngisebenza lapho ngimenywe khona abanye abantu ikakhulu abesilisa, uma sebephuze beqisa bangidelele ngomsebenzi engiwenzayo, kodwa angikunaki konke loko ngoba ngiyazi ngifunani ngebhizinisi lami.”

UNkk uNgema akawukhaleli nakancane uR3 000 awukhokha kowamakhela indawo yokucima ukoma ewumahambanendlwana aqale ukuyisebenzisa ngenkathi eqala leli bhizinisi ngo-2019. Uthi kuningi elimfundisa kona ngaphezu kwemali eliyingenisayo.

“Lingenze ngafunda ukusebenza nabantu nokubekezelela wonke umuntu osuke esemcimbini ngoba abantu abafani; kukhona abahloniphayo nababa nolimi olunenhlabathi uma sebejabule.” 

Ama-cocktail iClassic Mobile Bar and Events ekhipha unyawo ngawo emicimbini

Nakuba eseqashe abantu abathathu ukumlekelela ukuqhuba umsebenzi, kodwa uhlale ekhona ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uhamba kahle.

“Okuhle kakhulu ngathi wukuthi sifika siphethe lonke uhlobo lwesiphuzo oludingwa yikhasimende, noluzonela isibalo sabantu elisuke libamemile emcimbini ngokwenani elisuke lisikhokhele lona ngomsebenzi wethu.

“Siqinisekisa nokuthi wonke umuntu osemcimbini uhamba etholile okuphuzwayo futhi egculisekile, okusiza ukuthi wena mhleli womcimbi ukwazi ukubhekana nezinye ezinto, ungakhathazeki ngokuzophuzwa ngabantu obamemile,” kusho yena.

Ukusimama kwebhizinisi lakhe nokuthola inqwaba yamakhasimende ngezimpelasonto nangokuphindiwe uma kungamaholidi kaJuni nawaDisemba sekwenze wafisa okungaphezu kokudlisa emalokishini kuphela.

“Isifiso sami wukugcina nginendawo yami yokudla okuzotholakala kuyo iziphuzo ezihlukene nokudla okunempilo (engikutshalayo) njengoba sengingene kwezolimo,” kuphetha uNkk uNgema ngezinhlelo zokusimama ngekusasa.

Facebook:  The Ladies Plug

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page