Owashiya izifundo zobuchwepheshe ilandele iphupho layo lokuzisebenza ngokungenisa ngamaketelo ekhethelo. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE
ESIKHUNDLENI sokuphelelwa yithemba ngoba engeke esakwazi ukuqhubeka nezifundo zobuchwepheshe ayezenza kwelinye lamakolishi azimele, insizwa yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, ilandele umqondo owawuke wayifikela wokusungula ibhizinisi.
UMnu uNjabulo Nhlumayo usungule i-Amila Appliances, inkampani eyenza amaketelo esimanje. Igabe ngokuthi amaketelo ayo akwazi ukugcina amanzi efudumele usuku lonke.
Umcabango webhizinisi aliqambe ngendodakazi yakhe u-Amilamagcuma wamfikela esahlala ehostela, eMlaza, eThekwini.
Uthi: “Kwathi ngoba ngingeke ngisakwazi ukuqhubeka nesikole, ngaphoqeka ukuzihlupha ngokuthi yini engingayenza ukuziphilisa, wafika lapho umcabango wokwenza ibhizinisi elinje ngoba ngibona bembalwa abendlu emnyama kulona.”
Okunye okuzale leli bhizinisi elizinze eGoli, eGauteng, ngonyaka odlule wukuthi yena nayehlala nabo ehostela babengenaketelo, bezihlanganisela ibhakede lokubilisa amanzi. “Loko kwenza ngabona ukuthi ngingenza ibhizinisi elinje. Ngaqala ngazihlupha ngolwazi lokuthi ngingalenza kanjani iketelo (ngibuka) kwiYouTube. Nangempela kwenzeka futhi kwangijabulisa kakhulu ngoba kwavuselela uthando lwezobuchwepheshe (izifundo) engagcina ngingaziqedanga,” kusho yena.

Iketelo le-Amila Appliances libiza uR500 lilinye. UNhlumayo uthi iketelo lakhe lehlukile ngenxa yohlobo lwensimbi olwakhiwe ngayo nokuthi libamba ukushisa usuku lonke.
Nakuba imgculisa indlela elithengwa ngayo kodwa zikhona izinselelo ezenza ibhizinisi lingahambi kahle.
“Ngivame ukuba nenkinga yamakhasimende angawuthembi umsebenzi engiwenzayo kangangokuthi kunezikhawu lapho kuba khona afuna ngiwanike iketelo mahhala, abone ukuthi liyasebenza yini kuqala ngaphambi kokuthi alikhokhele,” kusho uNhlumayo.
Uthe okwamanje usagxile emaketelweni kuze kube abantu bayawuthemba umsebenzi wakhe ngaphambi kokwenza ezinye izinto zikagesi.
Ufisa ukwandisa imikhiqizo kagesi ngelinye ilanga ukukhulisa ibhizinisi.
- Facebook: Amila appliances