Onentshisekelo yokudayisa nowashiya umqashi ‘ongaboniseki’ usenebhizinisi lakhe lama-snacks. Omunye wabo uxoxe noNQOBILE NDLOVU
UKUBONA engakhuli enkampanini ayeyisebenzela kwenza wesula emsebenzini, waqala ibhizinisi loncamnce bokubamba umoya elekelwa wumkakhe.
UMnu uLazarus noNkk uLerato Mphose basungula iDelightful Snacks, edayisa izinhlobo ezihlukene zoncamnce bokubamba umoya abazotholakala ezweni lonke.
UMphose, odabuka eShakoleng, eLimpopo, kodwa manje osezinze eThekwini, KwaZulu-Natali, waqala ukudayisa eneminyaka eyisikhombisa, edayisa uswidi esikoleni.
Efika eThekwini emva kokuphothula uMatikuletsheni, wathola umsebenzi enkampanini edayisa umqwayiba.
Uthi: “Ngashiya phansi kuleya nkampani ngoba babengafuni ukukhula. Umqwayiba wabo wawungatholakali ezindaweni eziningi, okwenza ukuwudayisa kube nzima. Ngazama ukubacebisa ngokuthi badayise abanye oncamnce ukuze ibhizinisi lizoba namakhasimende amasha futhi amaningi kodwa bangangilalela. Ukuyeka kwami kwaba wukuwa kwenkampani yabo.”
UMphose waxoxela umkakhe ngesu lakhe lokuqala ibhizinisi ngoba wayesenekhono nesipiliyoni esanele salo msebenzi, bayisungula kanjalo iDelightful Snacks ngo-2015.
I-Delightful Snacks idayisa i-sev & nuts, i-pork crackling bacon, amakinati, i-chevda, i-peanut brittle, ama-sugar puff, ama-maize puff, i-caramel popcorn, i-corn bites, i-atchar, i-cabanossi nomqwayiba wenkukhu, womgakla nowenkomo. Amanani abo aqala R10 kuya phezulu.
Imikhiqizo yabo idayisa ezifundazweni eziyisishiyagalombili zaseNingizimu Afrika. YiseNtshonalanga Kapa kuphela lapho ingekho khona.

Imikhiqizo yabo itholakala eSpar, emagaraji, ezitolo zasemalokishini naseChina Mall, eThekwini. Sebenzisebenzi ezintathu.
I-Delightful Snacks ibingenye yamamabhizinisi abehambele umbukiso wosomabhizinisi iDurban Business Fair yakulo nyaka.
Uthi: “Lo mbukiso sivame ukuwuhambela unyaka nonyaka kanti umsebenzi wayo ebhizinisini lethu. Ukuzozikhangisa la kungaphez kwaloku umuntu akubona ngalezo zinsukwana ngoba abanye abantu sixoxa nabo, sisebenzisane isikhathi eside.”
Weluleka abantu ukukhuthalela ukuqala amabhizinisi ukuze bangathembeli emiholweni kuphela. “Kubaluleke kakhulu ukuba nebhizinisi ngenxa yokuthi isikhathi esiphila kusona, senza kube nzima ukusimama ngomholo owodwa,” kucebisa uMphose.
- Facebook: Delightful Snacks – Pty Ltd