UNksz uSibusiswe Mkhwanazi, umnikazi weBusa Water yaseSikhawini, KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

Ulekelela indawo yangakubo ngamanzi ochuma emkhakheni angawufundelanga. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUDILIZWA emsebenzini nokuphela kwamanzi ngakubo kugqugquzele usomabhizinisi waseSikhawini, enyakatho yeKwaZulu-Natali, ukuthi asungule ibhizinisi elikhiqiza futhi lidayise amanzi asebhodleleni. 

UNksz uSibusisiwe Mkhwanazi wumnikazi weBusa Water. Wafundela i-Diploma in Optical Dispensing eCape Peninsula University of Technology, ngaphambi kokusebenza iminyaka ewu-12 enza umsebenzi ayewufundele. Yilolu lwazi olumlekelele ukuqala ibhizinisi ngoba wayeseneminyaka edayisa izibuko zamehlo.

Esediliziwe, wabuya eNtshonalanga Kapa lapho ebesebenza khona kanti uthi konke kwakuhamba kahle eSikhawini kodwa yamumangaza inkinga yamanzi ayifica khona. 

Uthi: “Bekwenzeka amanzi aphele usuku lonke noma izinsuku ezintathu zilandelana. Kwangiphatha kabi kakhulu loku, kwenza ngacabanga ubunzima abantu ababhekana nabo ukuze bathole amanzi. 

“Uyacabanga ingane yesikole ivuka ekuseni kumele iyokha amanzi kude ukuze izolungela ukuya esikoleni? Nokuthi abantu abadala okumele baphuze amaphilisi kodwa amanzi awekho, kuba nzima kakhulu.”

Uvule inkampani ngo-2018 esebenzisa umholo wakhe wokugcina, wazitshela ukuthi kumele liphumelele leli bhizinisi ngoba ufake konke anakho kulona ukuze liphumelele.

IBusa Water idayisa i-still water, i-alkaline water ne-purification tablet, iphilisi elisiza ukubulala amagciwane emanzini ukuze abantu bengaguliswa wukuphuza amanzi angahlanzekile.

Amanzi abawadayisayo aqala ku-500ml uya ku-20l, futhi uyakwazi ukuya eBusa Water nesigubhu noma nebhakede bakugcwalisele amanzi ngemali ethile.

IBusa Water isiqashe abantu ababili ngokugcwele nabane betoho.

UNksz uMkhwanazi usanda kukhangisa embukisweni wamabhizinisi iDurban Business Fair.

Uthi: “Ngaphandle kokuzokhangisa ibhizinisi lami, ngizogqugquzela abantu ngokubaluleka kokuphuza i-alkaline water. I-alkaline water ilekelela ukunciphisa i-acid emzimbeni, okunciphisa amathuba okuba nomdlavuza.” 

Ukholwa wukuthi kubalulekile ukuthi into oyifundele ukwazi ukuziphilisa ngayo ngisho ungasaqashwanga, ukwazi ukuziqalela ibhizinisi ngayo.

UNksz uMkhwanazi ufisa sengathi ibhizinisi lakhe lingangenela ekwenzeni amanzi ayizinhlobo ezihlukene.

Facebook: Busa Alkaline Water

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page