Abasafufusa abangabheki imali kuphela baze baphuthelwe ngamanye amathuba, kusho umeluleki. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

OSOMABHIZINISI abasafufusa kufanele bazihluphe ngokucwaninga futhi bonge imali ukuze basizakale ngayo yonke indlela oshintshweni olulethwa wubuchwepheshe besimanje.
Lesi yiseluleko somqeqeshi wosomabhizinisi uNks uKefilwe Lekabe, umsunguli weKefilwe Tsela Academy, eqeqesha osomabhizinisi abasafufusa ngamathuba alethwa wubuchwepheshe besimanje. Ukhuthaza osomabhizinisi abancane ukuthi bangakhathali wukubuza imibuzo kwasebenamava futhi amabhizinisi abo asesebenza ngobuchwepheshe ukuze nabo baqhamuke nezisombululo ezilungele izimboni abakuzona.
UNks uLekabe uxoxe neVutivi Business News emva kwengxoxo ebiyenziwe ngobuchwepheshe eGoli, eGauteng, ebihlelwe yiDigify Africa, inhlangano eqeqesha intsha ukuze ibe namakhono adingwa wumnotho osuthembele ebuchwephesheni.
Ingqikithi yengxoxo ibigxile ekuzisebenzeni nokuthi ulikhulisa kanjani ibhizinisi emhlabeni oshintshayo.
UNks uLekabe uthi osomabhizinisi abaningi balwela kakhulu ukuthi bangawi bese bephuthelwa ngamanye amathuba abangawathola ngenxa yobuchwepheshe.
“Osomabhizinisi abaningi bagxile ekungeniseni inzuzo baze bakhohlwe wukubheka ezinye izindlela kangangokuthi ababebesacabanga ukuthi ubuchwepheshe bungawasiza kanjani amabhizinisi abo eminyakeni emihlanu kuya kweyishumi ezayo. Ukulwela kakhulu ukuthi bangawi kubenza bangabe besabuka izinto ngelinye iso,” kusho yena.
UNks uLekabe ukholwa wukuthi enye into engasiza osomabhizinisi abasafufusa wukubheka izinkundla zokuxhumana ne-internet ngelinye iso. “Isibonelo nje wukuthi osomabhizinisi abasafufusa bangasebenzisa i-internet ukwenza ucwaningo ngezinye izimboni babheke ukuthi zona ziqhamuke naziphi izisombululo ngobuchwepheshe abangazisebenzisa emabhizinisini azo. Bangacwaninga nangamanye amazwe ukubheka ukuthi yiziphi izindlela ezibiza kahle eziwasebenzisile ukuletha uguquko ngobuchwepheshe.”
UNks uLekabe uthi osomabhizinisi abancane akufanele basebenzise izinkundla zokuxhumana ukukhangisa nokudayisa kuphela. Uthe: “Izinkundla zokuxhumana bangazisebenzisela nokuxhumana nabanye osomabhizinisi nezimboni futhi bangazisebenzisa ukubuza imibuzo nakosomabhizinisi abanamava abazosiza amabhizinisi abo akhule ngenxa yobuchwepheshe.
“Osomabhizinisi abancane kufanele bazijwayeze nokonga, ngisho ngabe kuthiwa bonga imali encane njengoR50 ngenyanga ukuze bezothenga i-software engabasiza ngezinto ezithinta ezakwandabazabantu.”
UNks uLekabe ukhuthaze osomabhizinisi abancane ukuthi bafunde nangezinye izimboni ukuze bezokwazi ukuthi bangasebenzisana kanjani nazo.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivinews.co.za

