UMnu uKgosietsile Mogale, umsunguli weGinja Gemere yaseMidvaal, eGauteng. Izithombe: Zithunyelwe

Onebhizinisi lempupho yesiphuzo sakudala usesabalalele nakwamanye amazwe. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

ABANINGI bayichaza njengempuphu yoqobo yokwenza isiphuzo se-ginger emnandi kunazo zonke eNingizimu Afrika. Inhloso yabanikazi beGinja Gemere wukusiza abantu baziqalele amabhizinisi abo ngokuthenga le mpuphu bese beyazidayisela yona. 

Eminyakeni eyisithupha edlule le mpuphu  kaMnu uKgosietsile Mogale yokwenza i-ginger beer isidume eGauteng kangangokuthi useze wanabela nakwamanye amazwe e-Afrika, okubalwa neBotswana kuwona. 

UMogale usungule ibhizinisi lakhe ngenkathi esaqashiwe embonini yezindaba. Nokho ngenxa yendlela ahlele ngayo ibhizinisi lakhe nangenxa yabantu abaxoxela abanye ngalo, selikhule kangangokuthi useqashe izisebenzi eziwu-20 nabantu abawu-1 500 abadayisayo le mpumpu. 

IGinja Gemere isungulwe ngo-2015. Ngaphambi kwaloko, uMogale wayenza i-ginger beer, esinye seziphuzo esithandwayo eNingizimu Afrika. Unqume ukukhiqiza impuphu yokwenza lesi siphuzo, wayipakisha kahle futhi wase eheha abantu abazoyidayisa. 

UMogale uthi ngenkathi esanda kuliqala ibhizinisi lakhe, wayengena umuzi nomuzi edayisa ezindaweni zaseMidvaal, e-Ironside naseDe Deur, eSebokeng, eGauteng. 

Kuthe uma kwanda amakhasimende, washiya phansi emsebenzini ukuze agxile ebhizinisini ngokugcwele. Usebenzisa abantu abadayisa ngoba ehlose ukunika abantu ithuba lokuthi bazenzele imali bese nomkhiqizo ufinyelela kubantu abaningi masinyane. 

Uthi: “Kusukela siqala asizange sicabange ukukhuluma nezitolo ukuze umkhiqizo wethu siwufake kuzona. Kunaloko sakhuluma nabantu ababuka izinto njengathi ngoba ngikholwa ukuthi indlela engcono yokukhulisa umkhiqizo wakho wukuthi bakhulume ngawo. Besizama nokufukula abanye abantu ukuze nabo bazenzele imali.”

Umkhiqizo weGinger Gemere usupakishelwe ukuya emakhasimendeni

UMogale uthi nakuba engasebenzi ngqo nezitolo ezinkulu kodwa abanye abantu abadayisa umkhiqizo wakhe bayazidayisela izitolo. Uthi bayabavumela abantu abawudayisayo ukuthi baqhamuke nezindlela zabo zokwenza izinto, okusho ukuthi bavumelekile nokushintsha indlela opakishwe ngayo ngisho negama lawo bawubize ngabalithandayo. Abanye bawudayisa usuvele usuyisiphuzo esifakwe ebhodleleni. 

UMogale ukholwa wukuthi umkhiqizo uyazidayisa wona ngoba unambhitheka njenge-gemere, igama elisetshenziswa abantu bendawo uma bekhuluma nge-ginger beer ephuzwa emishadweni nasemingcwabeni. 

“Ngenkathi kuqala ubhubhane (iCOVID-19), saqala savumela abantu ukuthi baqale badayise. Abantu bathenga ngobuningi babo ngoba i-gemere iyona ebisathandwa emingcwabeni. 

“Ngenkathi utshwala buvaliwe, abantu babeyithenga impuphu bayivubele nge-yeast bazenzele utshwala babo. Sisenenkinga yabantu abacabanga ukuthi i-gemere wutshwala, yize kungebona,” kusho yena.

UMogale ukholwa wukuthi yima eqala ngempela ukuwukhulisa umkhiqizo wakhe. Iningi labantu eliwudayisayo liseGauteng, eNorth West, eLimpopo naseBotswana. Nokho uyangenisa eFree State naseNamibia naseMpumalanga.

“Iphupho lami wukuthi umkhiqizo wami utholakale emashalofini azo zonke izitolo ezingama-cash and carry ezweni kanti loko kuzogcina kwandise amathuba emisebenzi,” kuphetha uMogale.

Lolu daba luqale lwashicilelwa yi: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page