UMnu uWandile Ngidi, umsunguli weKwami Food and Beverages yaseNtuzuma, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Amava okusebenza emahhotela amholele ebhizinisini lokudla elingandile emalokishini. Uxoxe noSIMANGALISO NTSHANGASE

WAFISA ukuba wusomabhizinisi esemncane, yize ayengazi ukuthi hlobo luni lwebhizinisi afisa ukugcina enalo. Yingakho kwathi uma ephothula uMatikuletsheni ngo-2012, wayokwenza izifundo ze-Business Management.

UMnu uWandile Ngidi, waseNtuzuma, eThekwini, KwaZulu-Natali usungule iKwami Food and Beverages, ibhizinisi lendawo yokudlela elenza i-pizza neziphuzo ze-cocktail, okuyindlala ezitolo zokudla ezisemalokishini.

Ngaphambi kokusungula iKwami kulo nyaka, uNgidi wafunda unyaka eqeqeshelwa umsebenzi ngaphambi kokushiya ngoba ingasekho imali yokuqhubeka nokufunda. Wathola umsebenzi eHilton Hotel ngo-2014, wasebenza khona kwaze kwaba wu-2017, wase edlulela eBlue Waters nase-Octavia Hotel ngonyaka odlule.

Ukusebenza emahhotela kanokusho kutshale uthando lwezimbiza, kwamfundisa nokukhipha unyawo uma epheka. Uthi: “Ukusebenza kulama hhotela kwenze ngagcina sengikuthanda kakhulu ukupheka, ngafunda nezindlela ezihlukene zokupheka nezokwenza ukuthi ukudla okujwayelekile kube mnandi ngendlela ehlukile.”

I-cocktail econsisa amathe yeKwami

Uqala iKwami nje ubengaqali ukuzama ibhizinisi. Wake wanebhizinisi eliwumahambanendlwana emicimbini iRedyGlass. Nokho lagcina likhinyabezwe wukubheduka kwe-COVID-19 engasawatholi amakhasimende ngoba sekuvalwe izwe.

“Sengiqala iKwami ngengeza (ngeziphuzo) zekhethelo futhi ezingatholakali kalula ezitolo zaselokishini, ngafaka ne-pizza, enginesiqiniseko sokuthi akekho oyenzayo ngasekhaya ngaphandle kwami; ukwenza ukuthi ibhizinisi lehluke ezimbangini,” kusho yena.

Uthi okunye okwenza leli bhizinisi, aliqala ngoR6 000 lihambe kahle, wukuthi usebenzisana neXBros Delivery emsiza ukumdilivela ukudla okufunwa ngamakhasimende akhe eNtuzuma, eNanda naKwaMashu.

I-pizza yeKwami 

Njengenqwaba yosomabhizinisi, ukhale kakhulu ngokucinywa kukagesi. Uthe kwenza kungasebenzeki kahle, wathi kuphazamisa ama-oda akhe.  

Njengoba okwamanje esebenzela kubo, uthi isifiso sakhe wukuthi agcine esenendawo asebenzela kuyo. 

  • Facebook: KWAMI
  • Instagram: wandilengidi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page