UMnu uKwazi Zulu, umsunguli weTake-A-Bite Biscuits yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Isibonelo sikagogo wakhe owayondla ngokudayisa simkhuthaze ukuthi asungule ibhizinisi. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

OWAKHULISWA wugogo owayeyiphanta kwatshala uthando lokusungula ibhizinisi kuMnu uKwazi Zulu waseThekwini. Ugogo wakhe wayondla umndeni omkhulu ngokudayisa iziqeda.

Akuthathanga sikhathi uZulu walandela ezinyathelweni zikagogo wakhe waqala ukudayisa uswidi nemvuthu esikoleni. NaseNyuvesi waqhubeka ngalolu nyawo. Wabona isidingo sokuthi izitshudeni zidinga i-snack ngenkathi zifunda. Waqala ukudayisa amabhisikidi.

Ngemva kokuqeda enyuvesi ngo-2019, lapho athola khona i-double major in Psychology, ne-Postgraduate qualification in Marketing and Supply Chain, ukhethe ukugxila ebhizinisini. Yilapho ahlanganisa amakhanda nomngani wakhe ukuthi ufuna igama lebhizinisi lixoxe indaba. Badlala ngamagama, bagcine beqhamuke negama elithi Take-A-Bite Biscuits.

Ibhizinisi ulibhalise ngawo u-2019. Liqala ngokudayisa emabaleni aseNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Izinkundla zokuxhumana zibasize kakhulu ukuheha amakhasimende, okwaba wumqondo womngani wakhe onolwazi ngazo.

Amabhisikidi eTake a Bite enziwa ngabantu abafundele ukubhaka ukuqinisekisa ukuthi asezingeni eliphezulu. Atholakala emagaragi anjengeCaltex, iTotal neBP, ePick n Pay nasezinxanxatheleni zezitolo kanti udayisela namakhasimende athengela ukuwadayisa. Atholakala ngo-5kg noma u-10kg kanti anezinhlobo ezihlukene njengama-shortbread, i-coconut, i-ginger, i-crunchie ne-choc chip ne-peanut brittle.

Ithimba leTake-A-Bite Biscuits lisiza amakhasimende

Uthi nakuba selisimeme ibhizinisi kodwa kwakungelula ekuqaleni, nakubo bemswela ngenxa yokugxila ebhizinisini.

Enye into ayithanda ngebhizinisi yinkululeko eliyinika umuntu ngokuthi akwazi ukuzimela. UZulu uthanda nokuthi uma uwusomabhizinisi wenza okuthandayo wakha amathuba omsebenzi ngokuqasha abantu. “Ibhizinisi ngaliqala ngoba ngiyazi ukuthi iyona indlela umuntu angazimele ngayo,” kusho yena.

I-Take a Bite isiqashe abantu abayisithupha kanti inohlelo lokuthwasisa izitshudeni zasenyuvesi, zithole amava okusebenza ukuze zizosizakala uma sezifuna umsebenzi.

“Ngaqokwa ngaba ngomunye wabavelele entsheni emhlabeni jikelele, lapho ngathola khona ithuba lokuya eNetherlands kwi-One Young World Summit. Kwakukhona abaholi, omengameli nabaphathi bamabhizinisi ezahlukene. Ngangimele iNingizimu Afrika ne-Afrika yonke. Kwakunezingxoxo eziphathelene nezinkinga esibhekene nazo emhlabeni, sacobelelana ngolwazi nokuqhamuka nezixazululo zomhlaba wonke,”

Ufisa ukuthi iTake a Bite idlondlobale igcine isisabalele iNingizimu Afrika yonke.

Facebook:  Take-A-Bite Biscuits 

Instagram: @takeabite_biscuits

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page