KUNGENZEKA ukuthi ungomunye wabantu abangakaze bamatanise iphoyisa nomkhakha wezimonyo nobuhle. Amaphoyisa, ngisho awesifazane, athathwa njengabantu abadle ngemisebenzi yezikhwepha.
NAMHLANJE ngithanda sihalalisele uNksz uNthabeleng Likotsi okusanda kumenyezelwa ukuthi ungowesifazane wokuqala othole ilayisensi yokuba nebhange.
EMASONTWENI amabili edlule sinabe ngemizamo namasu okuphepha online kodwa-ke njengoba kuhlale kushiwo ukuthi ayikho into eyimfihlo online, kuyiqiniso ukuthi ngeke uthembele kuphela ekuvikelweni yi-anti-virus software ngoba nakuyona iphutha liyenzeka kanti futhi izigilamkhuba ze-internet ziyakwazi ukuyidida ngokuqhamuka namasu amasha okugadla angakavinjwa kwi-software yokuvika ingozi. Ngakho-ke usengangena engozini esizwe ngayo ezingosini ezedlule.
UBEZAMA ukuchitha isizungu ngenkathi eqala ukulima ekhaya umlimi osemncane waKwaMaphumulo, KwaZulu-Natali, osedlondlobele ngokushesha kulo mkhakha.
IZINDAWO ezisemakhaya zisilele kokuningi, okwenza abahlala khona baphuthelwe ngisho wubumnandi. Bekunjalo nasemiphakathini yaseMbumbulu nase-Adams Mission obekudingeka ukuthi ithutheleke ezindaweni zobumnandi ezisemadolobheni nasemalokishini uma ifuna ukuzijabulisa.
KUNEZINTO ezimbili uMnu uZakhele Mkhize, umsunguli we-Entsika Consulting, azifunda ekhuleni kwakhe asabambelele kuzona nanamhlanje. Okokuqala wukuthi zimisele emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi ungakhathazeki ngekusasa. Okwesibili wukuthi ungasabi ukucela usizo futhi nawe uselule isandla uma omunye umuntu edinga usizo ngoba yiyona ndlela yokwakha ubudlelwano nabantu.
SEKUWUMLANDO ukuthi ukubheduka kweCOVID-19 kube nomphumela omubi kangakanani emnothweni, hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele kepha yonke indawo kusazothatha isikhathi ukuthi uvuseleleke kahle. I-International Monetary Fund ilindele ukuthi … Read More
NGOMGQIBELO kuphela unyaka golokoqo izwe lavalwa okokuqala ngoba kuzanywa ukunqanda ukubhebhetheka kweCOVID-19. Ngesikhathi kuqala kwakuthiwe lizovalwa izinsuku eziwu-21 phakathi kukaMashi 27 no-Ephreli 16.
WONKE amabhizinisi anendaba ethile ngokusungulwa kwawo. Kunjalo nangebhizinisi lentokazi ewumsunguli webhizinisi elisabalalisa iwayini nogologo iWines & Spirits Stories.
IBHUNGU laseMlaza elinamathalente amaningi neliqeqeshelwe ubuciko bokudweba, phecelezi i-fine art, liveza ubuciko balo ngendlela ehlukile – esitofini.
UKUSEBENZA kanzima ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kumvulele amanye amathuba umpheki osemusha.
UKUNGALITHOLI ithuba lokuyoqeqeshwa emva kokwenza izifundo ze-mechanical engineering eTshwane South TVET College kwamphoqa ukuthi abheke enye indlela angaziphilisa ngayo.
KUMTHATHE okungenani inyanga esaba ukuya kumakhasimende akhe ayemcela ukuthi akazowenzela ikhanda ekhaya uMnu uNjabulo Sithole weGQ Hair.
UKUFUNA into ehlukile angachitha ngayo isizungu ngesikhathi sikathaqa kumzalele ibhizinisi elikhula ngamandla.
UNksz uPhumelele Myeza, umsunguli wePure Elegance @Home usehlale ematasa ediliva izinhlobo zikajamu awenza ekhaya amakhasimende akhe angawuvali umlomo ngawo.
NGEMVA kokudilizwa emsebenzini wasungula inkampani yokudla eyaqala igxile ezikhaftinini zabantwana nokwalandelwa wokugcina esephekela imicimbi yezinkampani ezinkulu.
UKUWA kwenye wukuvuka kwenye. Sisho njalo isiZulu. Kunenqwaba yosomabhizinisi abakhalayo ngenxa yokuqubuka kweCovid-19 ngoba kuholele ekuweni kwamabhizinisi abo kodwa kukhona abahleka bodwa ngenxa yeminyango evulekile.
UKUVALELEKA ngenxa yemigomo ehambisana nokunqanda iCOVID-19, kuzale elinye ibhizinisi kowesifazane osengene nasemkhakheni wethelevishini.
OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.
NAMHLANJE ngifisa sibheke izindlela eziyisikhombisa ongazisebenza ukuze ube wumuntu ongcono empilweni.
ISIMEMEZELO sangesonto eledlule sokuqokwa kwezinkampani ezingabaphehli bakagesi abazimele yigxathu elisiyisa phambili ekuqinisekiseni ukuthi sinogesi owenele kanjalo nokuvula ukufakwa kwezicelo somzuliswano wesihlanu kulabo abaphehla ugesi ongakhiqizwa ngamalahle.
UMNYANGO wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natali unezinhlelo eziwu-64 ozozethula nohlose ngazo ukuqhubeka nemizamo yokuguqula le mboni ukuze abantu abamnyama babambe iqhaza kuzona zonke izigaba zokukhiqiza.
EKUQALENI kwaleli sonto isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnu u-Andre de Ruyter sithe kumele silindele ukuthi ukucinywa kukagesi kuzoqhubeka iminyaka eyisihlanu ezayo ngoba ugesi uyashoda ngo-4 000MW. U-De Ruyter uthe lokhu kuzoba … Read More
UMSUNGULI wenkampani eyenza izikhangiso isebenzisa kakhulu ulwazi nezibalo enalo ngamakhasimende, phecelezi i-data), wangena kwezamabhizinisi eneminyaka ewu-13 njengoba wayesekwazi ukusebenzisa ikhamera, nayeyisebenzisa ukushutha abangani bakhe izithombe bese ebadayisela.
ISABELOMALI sonyaka wezimali wango-2021/22 esisanda kwethulwa wumNyango wezeziMali KwaZulu-Natali sifakazele ukuthi uhulumeni uzibophozele ekulweni nokubhebhetheka kweCOVID-19, ukuvuselela umnotho ngokweseka osomabhizinisi abasafufusa nokuthuthukisa ingqalasizinda.
AKE SIBHEKE ukuthi njengomholi uhola kanjani ngezikhathi zesiphithiphithi? Siyazi ukuthi kuba nzima ukwenza izinqumo uma izinto zimapekwetwane. Abaholi abaningi bajwayele indlela endala yokwenza izinqumo lapho umuntu engajahi ukwenza isinqumo uma kuvele inkinga, ngaphandle uma iphoqa ukuthi sithathwe ngokushesha.
KUNGEKUDALA kangako umnotho waseNingizimu Afrika ubukhula ngaphezu kwa-5% ngonyaka. Kusukela ngo-2004 kuya ku-2007 bekuyinto ejwayelekile. Uma kwenzekile kwaba ngaphansi kwaloko, bekuthathwa ngokuthi izwe liyisehluleki.
UBEHOLA ibhakede likatamatisi ngenkathi ebamba amatoho emapulazini umlimi osemncane waseMzimkhulu, KwaZulu-Natali. Kepha zishintshile izinto njengoba esephakela amasuphamakethe.
USEPHENDUKE isixazululo emindenini eminingi uthisha oqale esiza izingane ezifundweni zazo, osekuphendule ibhizinisi eliseceleni ukufundisa eceleni.
NGENKATHI enza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, kwathi ngelinye ilanga esendleni elalele umsakazo wezwa umuntu omnyama ekhuluma, wachazeka yindlela ayeyibeka ngayo indaba yakhe nendlela ayekhipha ngayo isiNgisi ngamakhala.
SIGQEMEKE kakhulu sonke e-Absa namazwe ase-Afrika ngokushona kukaPeter (Matlare). Kwabaningi bethu ubengesiye nje umlingani kodwa ubewumeluleki, esicathulisa futhi ewubhuti onesikhathi sokukupha indlebe.
MHLA KA-8 Mashi bekuwuSuku lwabeSifazane eMhlabeni. Ngakho sifisa ukubheka umphumela weCOVID-19 kubantu besifazane; ukuthi sifundani nokuthi usishintsha kanjani.
CABANGA emuva kokushaya isitshulu esehla esiphundu bese uphoxwa yi-dessert ekugcineni. Abantu bavele bakhohlwe nayisitshulu leso ngoba isidlo sokugcina okuyi-dessert, yisona esivala sonke isikhala sokudliwe.
LANGA limbe ngo-2018 uNksz uNompumelelo Ngcobo wayedinga iqhwa, wase ekhetha ukufaka izitsha ezinamanzi kwi-freezer yakubo, lahlangana kanjalo iqhwa kwafezeka isidingo sakhe.
SEKUPHELE amasonto amabili, kanti manje siphakathi kwelinye isonto elihle futhi. Yebo, ngisafisa ukuthi uphephe online, ngakho sizoqhubeka lapho esasigcine khona emasontweni edlule. Sagcina sichaze i-online safety, saxoxa ngokubaluleka kwakho nezito eziyingozi esizenza online. Njengoba sesazi ukubaluleka kokuphepha online, siphepha kanjani na? Kukodwa ukwazi ukuthi uhlala endaweni enengozi, angithi? Kodwa kusizani ukwazi loko kodwa uma ungazi ukuthi uphepha kanjani engozini?
NGESONTO eledlule ngabuyelwa yithemba lokuthi uhulumeni ugxile ekuletheni nasekwakheni umbuso osebenzayo ngenxa yezinto ezimbili. Okokuqala uMengameli uCyril Ramaphosa usebenzise incwadi yakhe ayibhala masonto onke ukubhunga ngohlaka okuhloswe ngalo ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni, iNational Implementation towards the Professionalisation of the Public Service.
NAMUHLA akesibheke ukuthi uwumholi onjani. Ngike ngafunda enye incwadi ekhuluma ngezinhlobo zobuholi. Emasontweni adlule ngike ngathinta indaba yobuholi kodwa ngigxile kakhulu kwezamabhizinisi. Namahlanje ngithanda sibheke ubuholi bakho jikelele.
AKASEKHO emhlabeni uMnu uPeter Matlare, obeyiphini lesikhulu esiphezulu e-Absa. Udlule emhlabeni ngeSonto emva kokuphathwa yiCOVID-19.
NGEMVA kokuphasa umatikuletsheni kwenye yama-boarding school aziwa ngokukhiqiza ubisi lwabafundi wayefisa ukuba wudokotela, nokho wagcina engalifakanga ijazi elimhlophe. Noma agcina engeyena udokotela owelapha iziguli kodwa namhlanje uwudokotela – udokotela ngokwemfundo.
KUTHIWA lapho izinto zimapeketwane khona yilapho okukhona ithuba lokwenza izinto ezintsha ngoba kusuke kudingeka isisombululo. Loku kumsebenzele owesifazane osemncane njengoba kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eseliwole nemiklomelo yamabhizinisi ezwenikazi i-Afrika.
KULE minyaka emithathu edlule ezinye zezinto ezihlehlisele inqubekela phambili eNingizimu Afrika amahlazo ahlale obala embonini ezimele futhi enziwe ezinye zezinkampani ezinkulu. Lapha sikhuluma ngezinkampani ezifana neSteinhoff International, okwavela ukuthi yakhuphula … Read More
ABEZIKHWAMA zempesheni nabatshalimali embonini ezimele bayakuthakasela ukuthi uhulumeni nge ubaphoqa ukuthi batshale imali kwingqalasizinda eyakhiwayo ezweni.
UMSEBENZI wokupenda ububukelwa phansi, umuntu owenzayo abizwe ngamagama ayiziswana. Namanje abantu abapendayo basabizwa ngomapendane, okufakazela ukubukelwa phansi kwalo msebenzi.
ISINQUMO (sangeSonto) sokwehlisela ukuvalwa kwezwe esigabeni sokuqala sizosiza abantu abaningi baseNingizimu Afrika babuyele emsebenzini futhi sizosiza ukuvuselela umnotho. Ukushintshwa komthetho wewashi kuzosiza kakhulu imboni yezindawo zokudlela cishe okuyiyona eshayeke kakhulu ngenxa yobhubhane nokuvaleleka. Isekhona imithetho eyinqandayo kancane kodwa kungcono ngoba isizokwazi ukucishe ivule nokudayisa utshwala njengokwejwayelekile.
NAMHLANJE ngithanda sike sibheke ukubaluleka kokukugcina isikhathi ebhizinisini noma empilweni nje. Ukugcina isikhathi kukhombisa labo osebenzisana nabo ukuthi uyasihlonipha isikhathi nokuthi uyabahlonipha nabo. Ukugcina isikhathi kukhombisa inhlonipho.
LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More
ZIMBILI izinto ezigqama ngamangwevu esikhulu esisemkhakheni wezezimali esinamava okusebenza emabhange akuleli zwe nakwamanye amazwe – imfundo nobuchopho bezezimali.
OSOMABHIZINISI abancane abazinze emalokishini nasemakhaya bathenjiswe uR4 billion kwisabelomali sango2021/22.
KUPHELILE ukuqagela ngeSabelomali sango-2021/22, esethulwe kuleli sonto. UNgqongqoshe womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzamile ukwethula iSabelomali esizokweseka lezi zinto ezine uMengameli uCyril Ramaphosa athe zimqoka kulo nyaka. KunoR10.3 billion wokuthenga … Read More
IMBONI yezolimo ijabula ibuye nganeno ngesabelomali sika-2021/22. Iyakuthakasela ukuthi kunemali ehlinzekelwe ukuqhuba uhlelo lokubuyisela umhlaba kwababephucwe wona kanjalo nokutakula i-Land Bank kodwa ikhala iyazithulisa ngentela yogwayi notshwala, nethi izoyinyusela izindleko futhi ibeka imisebenzi engcupheni.
UNGQONGQOSHE womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni wethule isabelomali esifakazele ukuthi impela uma sekuzosa kuba mnyama kakhulu. Isithombe esivezwe yilesi sabelomali siyatshengisa ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa ngaphambi kokuthi kulunge umnotho waseNingizimu Afrika kodwa zikhona izinto ezimbalwa eziletha ithemba.
USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho: “Yisabelomali lesi esizama ukwenza into ebonakalayo, ke singabantu asiyi nganxanye singemanzi. Benze okusemandleni njengoba nezeMpilo zinikwe omunye uR8 billion wemigomo. Sithe uma siphela isabelomali, ngabheka ukuthi … Read More
BESEKUPHELE iminyaka emibili kumhlupha ukubona indlela amaqanda abiza ngayo ngoba ukholwa wukuthi loku ngokunye kokudla okujwayelekile futhi okufanele wonke umuntu akwazi ukukuthola kalula.
AYIKHO into esiyenze impilo yethu yaba lula ukudlula i-internet. Sikwazi ukwenza noma yini noma siye noma yikuphi ngokuphazima kweso. Sikwazi ukuthenga nokudayisa, sibuke amafilimu noma siye “esiqiwini”; konke sikwenza kwi-internet. Kodwa ngabe konke loku ngamakhekhe noswidi? Ngeshwa, akunjalo. Iqiniso lithi noma i-internet iyinhle kodwa futhi ingasilimaza.
ISABELOMALI esizokwethulwa kuleli sonto simqoka ekukhombiseni wonke umuntu ukuthi uhulumeni uyayazi into ayenzayo ngemali. Ngonyaka odlule kwakucacile ukuthi akayazi ngoba izindleko zazingaphezu kwemali engenayo, loku yinto eyayiqale ingakahlaseli iCOVID-19 futhi sasingazami ukukuguqula loko. Sasibhekene nenkinga enkulu.
EMASONTWENI edlule sIbheke ukuthi ungaliqala kanjani ibhizinisi. Sibalule izindlela ezimbalwa ezenza ukuthi abantu bagcine basungule amabhizinisi.
UMLIMI osemncane waseDundee, KwaZulu-Natali, osengene shi kulo mkhakha uthole ugqozi kumzala wakhe obemeseka.
AMALUNGISELELO omshado wakhe amvule amehlo wabona ithuba lebhizinisi uNkk uPhetsile Gamede osewumthungi.
NGOLWESITHATHU kuzokwethulwa isabelomali sonyaka wezimali u-2020/21 kanti osomnotho bathi enye into abayibheke ngamehlo abomvu wukubona ukuthi umNyango wezeziMali uzoyisebenzisa kanjani le mali elinganiselwa kuR150 billion obungayilindele njengoba kuvele ukuthi ukuqoqa intela kube ngcono kakhulu kunalokhu obekulindelekile.
WAYENGAZI ukuthi ufuna ukwenza muphi umsebenzi ngenkathi ekhula kodwa ayekwazi kahle yizinto ezine ayengafuni ukuba yizona. Uthi wayengakufuni ukuhlupheka, ukuba wumhlengikazi, uthisha nephoyisa.
ETHULA iNkulumo yeSimo seZwe ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa ukhulume ngezinto ezine okuzogxilwa kuzona. Okuhamba phambili wukunqoba ubhubhane i-coronavirus kulandele ukuvuselela umnotho, ukudala amathuba omsebenzi bese okokugcina kuba wukulwa nenkohlakalo … Read More
“MINA abantu abangicathulisayo ngiyazi bahlale bematasatasa, ngakho angibangi isicefe ngokubafonela njalo. Enye into engiyigadayo wukuthi bakubone ukuthi nami ngiwusizo empilweni yabo. Uyabona nje omunye wayedinga uDJ umntwana wakhe ezoba nomcimbi, ngambhekela uDJ futhi ngamkhokhela ngoba ngiyazi ukuthi nami ngelinye ilanga ngiyothola usizo olukhulu. (Ukucathuliswa)akubona ubudlelwano bokuthi wena uhlale uthatha nje.”
YAQALA ibhizinisi ngoba izama ukuxazulula inkinga eyayixakile intokazi esizikhiqizela amalahle. UNksz uZinhle Loraine usedayisela nezitolo amalahle nezinkuni.
MADUZE kuzophela unyaka kusukela kwabikwa ngomuntu wokuqala owatholakala ene-coronavirus ezweni lethu. Lolu bhubhane lusilimazile uma sibheka ezempilo kanjalo nempilo yezigidi zabantu bakithi.
NGITHANDA sikesibheke ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ubephetheni emgodleni wakhe wenkulumo ebikhuluma ngesimo sezwe uma kuza emabhizinisini, ikakhulukazi amancane.
EKHULA wayefisa ukuba wusomabhizinisi kodwa wayengazitsheli ukuthi lelo bhizinisi lingaba semkhakheni wezolimo. Kodwa namhlanje uMnu uMpho Mangquzana usengomunye wabalimi abasebancane kodwa osekucacile ukuthi banekusasa eliqhakazile.
ABALIMI bawotha ubomvu ngokuthi izisebenzi zasemapulazini sekuzofanele zihole uR21.69 ngehora njengoba bethi loku kuzobeka imisebenzi engcupheni ngoba ngeke bakwazi ukumelana nalezi zindleko.
ISIKHATHI okuphilwa kusona manje silawulwa wubuchwepheshe yonke ndawo futhi ayikho indlela yokukugwema loku. Kodwa ubuhle nemivuzo yobuchwepheshe nobuxhakaxhaka abufinyeleli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika.
UTHATHE ilokishi wayolifaka shi esilungwini ngokuvula indawo yokudlela, iBite of Africa. Le ndawo idayisa amagwinya endaweni yomntakabani, iSandton, eGoli, neyisizinda somnotho kuleli dolobha.
KUHLE konke okuthenjiswe wuMengameli uCyril Ramaphosa ngenkathi ethula inkulumo yesimo sezwe ngoLwesine futhi kuyalivuselela ithemba kosomabhizinisi kodwa okuzobajabulisa kakhulu wukubona lezi zithembiso zifezeka.
UKUTHOKOZISWA yimiphumela yezimonyo azithakele zona ngemva kokugqigqa kodokotela besikhumba engasizakali kumgqugquzele ukuthi asize nabanye abanenkinga yesikhumba esizwelayo.
OKWAKOBANI ukulahlekelwa yithuba obukade ulithandazela lomsebenzi noma lebhizinisi? Phezu kokubamba umoya nokucela ukuthi abakini bakubheke kodwa ukuphunyuke kanjalo umsebenzi ngenxa yezono zakudala. Yiloku kanye okwehlele unobuhle obengomunye wabangenele umncintiswano kaMiss SA ngonyaka odlule.
NAMHLANJE ngithanda sikesigxile ekubukeni izindlela ezincane nezinganakekile ongazisebenzisa ukukhulisa ibhizinisi lakho. Ayikho into ebaluleke njengoxhaxha lwabantu ozwana nabo ebhizinisini ngoba ngabo ungakwazi ukukhulisa ibhizinisi lakho lindlondlobale noma lisabalalele kwezinye izindawo.
Kusukela yasungulwa, i-internet nokusebenza kwayo isingene yagxila empilweni yethu, yathinta kakhulu indlela esenza ngayo izinto. Loku kuyiqiniso futhi kugqame esikhathini samanje noma njengoba kunobhubhane iCOVID-19 noma ngabe alukho. Abantu sebahlale bekwi-internet (noma be-online) kakhulu manje kunakuqala noma ngabe kungenxa yobumnandi, ukufunda, kukhona abafisa ukukuthenga noma “ukuya” emshadweni noma emngcwabeni.
SANIBONANI bantu baseNingizimu Afrika, Njengezwe eselijwayele ukuzwa izindaba zenkohlakalo, besingakulindele ukubona imininingwane nokuthi yini abanye abantu abebezimisele ukuyenza ukuntshontsha ngalesi sikhathi isizwe sethu sibhekene nesimo sezempilo esibi kunazo zonke esezike … Read More
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent