BASIMISA ISIBINDI

SEKUWUMLANDO ukuthi ukubheduka kweCOVID-19 kube nomphumela omubi kangakanani emnothweni, hhayi nje eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele kepha yonke indawo kusazothatha isikhathi ukuthi uvuseleleke kahle.  

I-International Monetary Fund ilindele ukuthi umnotho womhlaba ukhule ngo-5.5% kulo nyaka kanti iBhange loMbuso lakuleli zwe lithe libheke ukuthi unyuke ngo-5.8% bese kuthi owaseNingizimu Afrika lithe lilindele ukhule ngo-3.8%.

Ngale kobukhulu bomonakalo owenzekile kodwa inselelo enkulu ngeyokuthi kusaloku kuneziqubu zokuhlasela ngamandla kwalolu bhubhane njengoba nalapha ezweni lethu sekuxwayiswe ngokuthi lungase luhlasele ngamandla okwesithathu njengoba kusondela ubusika. E-Europe amanye amazwe aphinde avala emasontweni edlule ngoba izibalo zabantu abathelelekile sezinyukile.

Ngonyaka odlule umnotho wezwe wehle ngo-7% kwathi abantu abaphelelwe umsebenzi bona baba wu-2 million. Zonke lezi zibalo nendlela umnotho okulindeleke ukuthi ukhule ngayo zikhombisa ukuthi iseyinde kanjani indlela esazohanjwa.  

Kodwa yize kunjalo, likhona ithemba uma sibuka osomabhizinisi abathe khona kumapeketwane kunje kodwa babona ithuba lokusungula amabhizinisi amasha noma ukushintsha unyawo emabhizinisi abo.  

Njengoba kusasa kuphela unyaka kwavalwa izwe okokuqala eNingizimu Afrika, siwuMbele sikhethe ukubungaza labo somabhizinisi iningi labo okuyintsha ababe nesibindi baqala izinkampani ezintsha.

Asikwenzi loku ngoba sikushaya indiva konke loku okunye okwenzekile ngonyaka odlule kodwa sikwenza ngenhloso yokukhuthaza nabanye abanesifiso sokusungula amabhizinisi abo kanjalo nalabo amabhizinisi abebenawo angasasebenzi kahle ngenxa yokushintsha kwezinto. 

Bonke labo somabhizinisi esibabiza ngoSIBINDIGIDI basikhumbuza ukuthi ngaso sonke isikhathi ihlale ikhona inkinga edinga ukuxazululwa nokuyiyona ndlela okuqhamuka ngayo ithuba lebhizinisi uma ungeke utatazele kodwa ubheke ukuthi yini abantu abayidingayo ngenxa yokushintsha kwesikhathi.

Nakuba zikhona izinhlelo zokudala amathuba emisebenzi ezenziwa wuhulumeni futhi nezinkampani ezinkulu zizama kodwa into ewukhiye kakhulu yikona ukusungula amabhizinisi amasha, nokuzovula amathuba amasha emisebenzi.

Yebo, iCOVID-19 isilimazile futhi ishintshe izinto unomphelo kodwa akhona amathuba amasha, kudinga nje ukuthi sivule amehlo futhi sivuke sizithathe.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page