I-STEINHOFF International isimemezele ukuthi ixoxisana nebakweletayo emazweni ehlukene, okukhona nabaseNingizimu Afrika, ngenhloso yokuthi ifinyelele esivumelwaneni esizokwenza kuphele uhide lwamacala ebhekene nawo ngezinsolo zokungaziphathi kahle kwababephethe le nkampani. Le nkampani engabanikazi be-Ackermans, uPep, i-Incredible Connection, iTekkie Town ithi isifinyelele esivumelwaneni nezinkampani zemishwalense nabanye babantu ababeyizikhulu zayo ukuze ikhokhe imali efunwa ngabayibophayo. Nokho igcizelele ukuthi ngalesi sinyathelo ayisho ukuthi kunecala elivumayo. Uma sekuphothulwe yonke imicikilisho, ithi izokhokha uR966.3 million ukuze kukhokhelwe ababenamasheya bese futhi yengeza ngoR263.5 million ukuze kukhokhelwe eyayinezinkontileka nabo kanti abemishwalense bona bazothola isinxephezelo esicela kuR228.4 million uma sekubalwa nezindleko. I-Steinhoff International kwavela ukuthi yakhuphula inzuzo nenani lempahla yayo ngoR250 billion ongekho, nokwaholela ekwehleni ngamandla kwamanani amasheya ayo eJSE, nokwalahlekisela abatshalimali ngezizimbulu.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page