ASIKHOMBE INDLELA!

ETHULA iNkulumo yeSimo seZwe ngesonto eledlule, uMengameli uCyril Ramaphosa ukhulume ngezinto ezine okuzogxilwa kuzona. Okuhamba phambili wukunqoba ubhubhane i-coronavirus kulandele ukuvuselela umnotho, ukudala amathuba omsebenzi bese okokugcina kuba wukulwa nenkohlakalo nokuqinisa uhulumeni. 

Kuqalile kuleli sonto ukugonywa kwabantu nokuzolekelela kakhulu ekutheni igcine inqontshiwe iCOVID-19. Nalezi ezinye izimfundiso zokugeza izandla, ukugqoka izifonyo nokuqhelelana esizenza njalo ziyasiza njengoba sibonakala nesibalo sabantu abathelelekayo ngosuku sincipha.

Ekuvuseleleni umnotho uRamaphosa ukhulume ngezinhlelo ezimbalwa. Sibheke ukuthi uNgqongqoshe womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni, acacise eminye imininingwane ngalezi zinhlelo uma esethula isabelomali sika-2021/22 mhlaka 24 kuFebhuwari.

Ezinye zezinto uRamaphosa azigcizelele ukuthi zizokwenziwa ukufukula umnotho wukunciphisa ukuncika kweNingizimu Afrika ekuthengeni izimpahla kwamanye amazwe, nathe kuzosetshenzelwa ukuthi lokhu kwehle ngo-20% eminyakeni emihlanu ezayo; nathe kuzobuyisa uR200 billion emnothweni.  

Uthe kunemikhiqizo ewu-42, okubalwa kuyona amafutha, ifenisha, ijusi eyenziwa ngezithelo, impahla yokuzivikela, okusansimbi nokusetshenziswa ukuvikela imvelo, okungathengwa lapha ekhaya.  

Okokugqugquzela ukuthi akukhiqizwe izinto lapha ekhaya nokuthi akusekwe labo abakwenzayo ngenye yezinto ezingenza umehluko omkhulu futhi zingavula amathuba emisebenzi ngendlela emangalisayo.  

Yiqiniso leli esikade salazi ngoba kade kwaqala kushunyayelwa leli vangeli kodwa inkinga kuseyikhona ukuthi kushiwo nje ngomlomo kodwa izenzo zisho okunye.  

Ezinye zezimboni ezike zamisa umnotho waseNingizimu Afrika kudala ngeyezokukhiqiza neyezindwangu kodwa namhlanje lezi zimboni ziyadabukisa ngenxa yokuthi izimpahla zithengwa kwamanye amazwe.  

Yebo, uhulumeni yiwona okumele uhambe phambili ngemigomo eyeseka abazimisele ukwenza le misebenzi, kube khona obakhuthaza ngakho futhi ubavikele abakhiqizi bezwe.

Kodwa nathi siwumphakathi sineqhaza lethu. Ake nathi sikujwayele futhi sikukhuthalele ukuthenga izimpahla ezikhiqizwe lapha ekhaya. Bakhona abantu baningi bayazisebenza benza imisebenzi emihle emikhakheni ehlukene njengabathungi, abalimi, abakha ifenisha, omakhenikha, abakhiqiza izimonyo, abakha izicathulo, abakhiqiza iziphuzo neminye imisebenzi enhlobonhlobo.  

Elethu ijoka thina bantu abamnyama liphindwe kabili ngoba akumele nje sigcine ngokuthenga okwenziwe lapha ekhaya kodwa kumele siphokophele nokweseka amabhizinisi abantu abamnyama kuqala ngoba uma singathengi thina kuwona akekho omunye ozoweseka.

Asibusebenzise ubuningi bethu futhi yithina okumele siqale sikhombise ukuthi siyakholelwa ezintweni esizikhiqizayo ngaphambi kokulindela ukwesekwa ngezinye izinhlanga.  

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page