IMIZAMO YOKUPHIPHA

KULE minyaka emithathu edlule ezinye zezinto ezihlehlisele inqubekela phambili eNingizimu Afrika amahlazo ahlale obala embonini ezimele futhi enziwe ezinye zezinkampani ezinkulu.

Lapha sikhuluma ngezinkampani ezifana neSteinhoff International, okwavela ukuthi yakhuphula inzuzo nenani lempahla yayo ngoR250 billion ongekho; iTongaat Hulett, nayo eyenza okucishe kufane ngokukhuphula inani lebhizinisi layo ngemali ephakathi kukaR3.5 noR4.5 billion.

Lezi zinkampani zikwenze loku ngokufaka okungesilo iqiniso emabhukwini azo emali. Loku kuqubule imibuzo futhi kwangcolisa igama labacwaningimabhuku abazimele, iKPMG neDeloitte. 

Imibuzo eyavela yathi kwenzeka kanjani loku kukhona abacwaningimabhuku, kungani bengakubonanga noma kungenzeka ukuthi bakubona kodwa esikhundleni sokuthi benze umsebenzi wabo wokukubika futhi banqabe ukugxiviza amabhuku kodwa bakhetha ukukushaya indiva?

Nakuba abacwaningimabhuku befika emva kwendaba, umonakalo usuwenzekile kodwa wumsebenzi wabo ukusho uma kukhona okungahambanga kahle noma okusolisayo okudinga ukuphenyisiswa. 

Kepha kuloku akwenzekanga lokho. I-KMPG yona maningi namanye amahlazo esike yathinteka kuwona njengoba kwakuyiyona eyayicwaninga amabhuku ebhange elawa nokwantsontshwa kulona imali ecela kuR2 billion, iVBS Mutual Bank. Le nkampani iyathinteka nasekugwamandweni koMbuso njengoba yayisebenzela umndeni wakwaGupta, okuthiwa ungqondongqondo baloku.

Yingakho sisincoma isimemezelo esisanda kwenziwa yiKPMG sokuthi isinqume ukuthi ngeke isawenzela eminye imisebenzi ngaphandle kokucwaninga amabhuku amakhasimende ayo ahweba eJohannesburg Stock Exchange.

Abacwaningimabhuku abazimele abagcini nje ngalo msebenzi kodwa baye baqashwe nokuthi baluleke izinkampani nangezinye izinto njengoba beneminyango eyenza ucwaningo, ezomthetho nokunye. 

Le mixhantela eminingi yiyona okukholakala ukuthi inesandla ekutheni kwesinye isikhathi bazishaye indiva ezinye izinto uma sebecwaninga amabhuku ngoba bagcina bengasakwazi ukuhlukanisa futhi kokunye cishe basuke bengafuni ukulahlekelwa yilona omunye umsebenzi. 

Lesi yisinyathelo iKPMG esenzayo ukuzama ukugeza igama layo njengoba kukhona nokunye esikwenzile njengokushintsha abaphathi bayo.

Kuyoba kuhle uma le nkampani kanjalo nabanye abacwaningimabhuku abazimele beyogcina bewuhlukanisa umsebenzi, hhayi nje ngalawo makhasimende ahweba kwiJSE kodwa ngawo wonke.

Izinkinga zobuholi eNingizimu Afrika nokuphathwa budedengu kwemali yinto ekhona yonke indawo njengoba ithe bhe nasezinhlakeni zikahulumeni.

Ngisho nenhlangano elawula abacwaningimabhuku i-Independent Regulatory Board for Auditors inezinkinga zayo njengoba uNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni esanda kuhlakaza ibhodi layo.

Kuzona zonke izinselelo ezikhona kuhulumeni kodwa enye yezinto esinika ithemba singabakhokhintela wumsebenzi wehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele, eliholwa wuNksz uTsakani Maluleke.

Akusikho nje ukuvundulula nokuxwayisa ngokonakele okwenza silithembe leli hhovisi kodwa futhi yisithunzi salo, esabantu abaliholayo nabasebenza khona.

Kuyadingeka nasembonini ezimele ukuthi sivuselelwe isithunzi sabacwaningimabhuku ukuze sizokwazi ukuphinde sibethembe, sithembe izinkampani ukuthi zenza izinqumo ezingeke zibeke engcupheni imali yabatshalimali nemisebenzi.

Isinyathelo seKPMG siyigxathu elithembisayo.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page