USOMABHIZINISI ohweba ngonogwaja usuka kude nalezi zilwane ezidume ezinganekwaneni njengezikhaliphe ukwedlula ezinye. Iwu-20 golokoqo uNksz uDaisy Moleko esebenza ngonogwaja.
AMAKHOLWA athi uNkulunkulu akawuvali umnyango engeke avule omunye kanti isiZulu sithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye. Emva kokuxoshwa eSupersport, nokwase kumphinda njengoba naseSABC wake waxoshwa, kugcine kuyisibusiso kuMnu uRobert Marawa.
NGENKATHI izwe livaliwe uNksz uSindile Ramabele, oyi-fashion designer, wafikelwa umcabango wokuthi abantu besifazane abekho embonini yokukhiqiza amateki. Okunye akucabanga ukuthi alikho iteki okuthiwa elaseSoweto.
KUNEZINTO ezimbalwa esizaziyo ngabafundi baleli ziko lethu lezindaba. Yizinto lezi esingazifuniseli. Siyazi ukuthi bangaki, iningi labo ngabesifazane, basezifundazweni eziyisikhombisa, baneminyaka ephakathi kuka-25 no-44 futhi siyazi ukuthi abaningi bangena kwi-website besebenzisa … Read More
KUDINGEKA ubuholi obunomgogodla futhi obengakhohlakele, ingalo yomthetho eqinile nomphakathi ongazibandakanyi nobugebengu ukulwa nokudlondlobala kwemboni yokudayiswa kwezimpahla ngokungemthetho kanjalo nempahla ewumkokotelo eNingizimu Afrika.
NJENGOBA kwanda isidingo sokuthi zonke izinkampani zibe sezinkundleni zobuchwepheshe kumqoka uma ucabanga ukuba ne-website ukubheka indaba ye-web design ne-web development. Kumqoka ukubheka ikhono lenkampani noma uchwepheshe okwenzela lo msebenzi omkhulu.
NAMHLANJE ngithanda sibheke ukuthi yisiphi isikhathi esifanele sokuvala iminyango yebhizinisi lakho. Siyazi sisesimweni esibucayi kwezomnotho, ezepolitiki nesimo sempilo ngenxa yobhubhane iCOVID-19. Sibona amabhizinisi amaningi ewa, kwamanye kwembulwa kwembeswa kuthi kwamanye kuvalwe amehlo.
UKUPHELA kukaJanuwari bekusho ukuqala konyaka omusha, unyaka omusha oletha amathuba amasha okuthi sibuyekeze indlela esiphatha imali ngayo futhi siqale uhlelo lokuphatha imali olusha ukulungiselela izinyana ezisele onyakeni. Ngeshwa sisabhekene nengwadla yeCOVID-19 nokuqhubeka nokusimisa kabi ngasezimalini. Yingezikhathi ezinjena lapho siyaye sikhuthaze khona abathengi ukuthi babhekisise izinto abanamandla okuzenza ukuphatha imali yabo kahle nokunakekela ikusasa.
UNGENE ebhizinisini lokulima ngoba efuna ukuba yisibonelo kubafundi bakhe uthishanhloko osewumlimi.
WAQALA isikole singakafiki isikhathi ngoba wakhalela ukuya uma ebona odadewabo bevuka beya esikoleni. Loku “kushesha” ukwenza izinto “ezinkulu” kumlandele impilo yakhe yonke njengoba ephathe nezinkampani ezinkulu esamncane.
UKUKHULA ebona umshini wokuthunga uduvile, ulele uthuli kubo kwenza insizwa yaseNdawana, e-Underberg, KwaZulu-Natali, ibe nesifiso sokukwazi ukuwusebenzisa. Lo mshini owenza indaba kwakungokagogo wale nsizwa eqhamuke nomqondo wokuthunga amajakhethi angavamile.
YIMICIKILISHO yezingxoxo nabadayisayo nezinto okumele zihlelwe ukulungiselela ukugomela abantu iCOVID-19 ebambezelayo, hhayi ukushoda kwemali yokuthenga le migomo.
ENKULUMWENI kaMengameli yomhla ka-28 Disemba 2020 uMengameli uCyril Ramaphosa wazuma wonke umuntu ngenkathi ememezela ukuvalwa kotshwala “ngokuphazima kweso”. Nemboni ekhiqiza utshwala nezimboni ethelelana nazo njengemboni yezokudla nezokungcebeleka, ithi yazumeka yilesi … Read More
BEKUPHITHIZELA kuWhatsApp nakwezinye izinkundla zokuxhumana ngendaba ebisegudwini yokuthi le nkampani “isizofunda futhi ilalele imiyalezo yethu”, “izontshontsha imininingwane yethu yasebhange” futhi “izobona yonke into esiyenzayo ocingweni”.
NAMHLANJE sizobuka okumbalwa okwenza umholi oqavile futhi onohlonze ebhizinisini. Ziningi izindlela zokuhola ebhizinisini. Kunendlela eyisidala yokuhola, lapho umholi eba khona wuzwi lakhe, azi ukuthi kukhala isicathulo sakhe.
IMBEWU yothando lokufuya yatshalwa wuninakhulu esakhula emncane kumfuyi wesifazane waseRichmond, ngaseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Namuhla unepulazi lakhe elingamahektha ayisikhombisa.
Umbele: Ningakuqinisekisa njengeNCC ukuthi i-multi-level marketing yimboni esemthethweni eNingizimu Afrika futhi niyayilawula?
UMA uzwa izinhlelo zomqondisi wenkampani ekhucululayo nebulala izilokazana, mhlawumbe kufanele le nkampani yaKwaZulu-Natali ishintshe igama layo.
ABAPHATHI abamnyama abayeke ukugwema ukuthathela abantu abangawuhloniphi umsebenzi izinyathelo ngoba besaba ukuthi kuzothiwa abanabo ubuntu. Akukho lapho isintu sigqugquzela khona ukungaziphathi kahle emsebenzini.
KULELI sonto omunye wosomabhizinisi abasafufusa esichicilele udaba lwakhe wuMnu uHlobo Mbube, owenza izicathulo, amabhande nezikhwama kwesikhumba ngesandla. UMbube, ozinze eBhayi, eMpumalanga Kapa, uneminyaka ewu-10 aqala ukuzisebenza. Kuningi okusihlabe umxhwele ngodaba … Read More
UNEMINYAKA eyishumi eziphilisa ngokwenza izikhwama, izicathulo namabhande ngesandla kwesikhumba uMnu uHlobo Mbube weHlobo Mbube Creatives eBhayi, eMpumalanga Kapa.
KUSUKELA kuqale le nyanga abangcwabi bakhala isililo esifanayo ngokucinana kotshumo ngenxa yemingcwabo eminingi. Ngaphezu kokushoda kwemigodi, kuke kwashoda ngisho amabhokisi kanti njengoba esetholakala nje, asemba eqolo.
NAMHLANJE ngithanda sibheke izindlela eziqavile zokuhlobisa ibhizinisi lakho. Ngifuna sibheke ukuthi kungani amabhizinisi amaningi amancane engalihlobisi ibhizinisi lawo.
INHLANGANO engenzi inzuzo newubumbano lwezinkampani ezihlinzeka ngomshwalense wezempilo, phecelezi ama-medical aid, iBoard of Healthcare Funders (iBHF) isikuqinisekisile ukuthi labo abangamalungu alezi zinkampani bazowuthola umgomo weCOVID-19 kodwa nazo zizowagoma ngokulandela uhla lwabantu okumele kuqalwe ngabo njengokusho kukahulumeni.
UMNDENI wakwaMsomi eMzinyathi, eThekwini, osungene shi kwezolimo ufisa ukwandisa amakhasimende. Lo mndeni ovele unebhizinisi lendawo yokulala nelokupheka ukudla okuvuthiwe emicimbini usuwengeze ngebhizinisi lokulima ngonyaka odlule nothi nalo liyawuvuma ngendlela emangalisayo.
NGENXA yokuthi kuyaphileka ngokuzisebenza, umnikazi webhizinisi lefenisha yekhethelo uthi akaziboni esebenza ku“mlungu”.
KWASHESHE kwamcacela uma eqala ukuhlela imicimbi ukuthi uselutholile ubizo lwakhe nokungakho namanje esaqhubeka nalo msebenzi yize sekukhona ushintsho endleleni okwenziwa ngayo ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19.
UMENGAMELI uThabo Mbeki uyokhunjulwa emlandweni waseNingizimu Afrika yentando yabantu njengomengameli owayekhuthele kodwa ikakhulu owaqhakambisa ubu-Afrika ekwenzeni izinto. Loku kwakumqoka.
“UMA uthola ithuba lenetwork marketing oliqonda kahle, ngicela ulisebenzise mfowethu noma dadewethu. Kuzothatha iminyaka engaphezu kwemibili ukuthi noma yimuphi umnotho uvuseleleke. Inqwaba yemizi nezimoto kuzodliwa kanti iyodwa kuphela indlela esizophuma … Read More
NGESONTO elidlule sibuke ukuguqulwa komqondo njengoba singena ku-2021. Namhlanje ngifisa sibheke loku okubizwa ngenqubomgomo yezamabhizinisi, phecelezi i-business model canvas.
UKUKHOKHELA ingxenye noma zonke izikweletu zakho kuke kubukeke kuwumqansa uma ubheka umthamo wazo. Yingakho kumqoka ukuthi ucabangisise ngaphambi kokuthatha isikweletu esisha, kungaba isikweletu esikhulu njengokuthenga imoto noma ukudinga imali ngenxa yesimo esiphuthumayo kodwa kuqala kumele uzibuze ukuthi uzokwazi yini ukumelana nesikweletu ngaphezu kwazo zonke izindleko zemihla ngemihla.
UKUHLALA nezilwane nokulandela abafana uma besenga kutshale imbewu yothando lwemfuyo kuNksz uNcumisa Valashiya, umnikazi wepulazi iHlumisa Farm eliseRichmond, KwaZulu-Natali.
UNEKHONO lokuqhakazisa imicimbi onebhizinisi lokuhlobisa elihlukile. I-Table Manners yenza umhlobiso wemicimbi oneNkosi phakathi.
IZINTO ezimsebenzelayo, nokuyizona aphokophela ukuzilandela emsebenzini wakhe njengomholi, uzifunde kuyise, nathi nguye umholi abukela kuyena kukhona konke.
IMBONI yotshwala isiqalile ukunxenxa uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi abuyekeze isinqumo sakhe sokuvala ukudayiswa kotshwala uma usudlulile uJanuwari 15 ngemva kokuthi izwe libuyiselwe esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe kuze kube yilolu suku.
PHAKATHI kuka-2016 no-2018 uNksz uKedibone Tsiloane weRamtsilo Trading ubegoduka ngempelasonto asuke eGauteng alibangise eSasolburg, eFree State, afike axove usimende nenhlabathi bakha ama-blocks nodadewabo uKekeletso, ababambisene naye kule nkampani.
SAWUBONA, halala mfundi wale ngosi ngokweqela ku-2021. Nokuba ufunda le ngosi yokuqala ka-2021, kusho kona ukuthi uNkulunkulu usakuthandile nanamhlanje; wakupha isipho sempilo. Ngaloko kufanele sonke simbonge ngomusa ongaka. Ngiyathemba ukuthi usazoba nathi, asiphe umusa osanele sonke ukuze nami ngiqhubeke nokuphakela isizwe nabantu baKhe ukudla kwengqondo, nani nikhongozele nincele kogwansile.
NAMHLANJE ngifisa sithinte ingxenye ebalulekile ebhizinisini emayelana nokuqashwa kwezisebenzi. Isikhathi esiningi sithi uma siqala amabhizinisi singalunaki lolu phiko noma sekufika isikhathi sokuthi siqashe izisebenzi sikhethe ngobungani, hhayi ngamakhono adingwa yizikhundla zomsebenzi ebhizinisini.
WAQALA ukulima ezama ukulekelela umyeni wakhe ukondla umndeni owesifazane osephakela izitolo imifino.
WAGCINA eseyihlaya lapho ayebambe itoho khona ngesikhathi esaqhubeka nezifundo zokuqeqeshelwa umsebenzi ngoba wayenganqeni ukufaka izicelo zomsebenzi okwakusuke kufuneka izikhulu eziphezulu kuwona yize wayesuke azi kahle ukuthi akanawo amava alowo msebenzi.
UKUBONA igebe emkhakheni wezindaba zabasebenzi ezinkampanini kwenze ukuthi asungule inkampani esiyisixazululo kwabaningi ungoti wezakwandabazabantu nosomabhizinisi.
UNYAKA u-2020 ube nezigemegeme eziningi. Kuzona zonke indabizekwayo kube wukubheduka kweCOVID-19, eyenze kwavalwa izwe thaqa. Enye indabizekwayo yiKhomishini yokuGwamandwa koMbuso, eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uJaji uRaymond Zondo. Ubufakazi izakhamuzi nabakhokhintela … Read More
IMBONI yezitok’fela ngenye yalezo eziqhubekile zadlondlobala yize izimboni eziningi zishayekile njengoba abantu abazidlalayo beqhubekile ukulondoloza imali ngale ndlela.
UMLIMI uMnu uJantjie Ramokone uyakhumbula ukuthi ngenkathi esewumfana minyaka yonke ngo-Okthoba kwakuyisikhathi lapho esigodini sakubo babelungiselela ukulima uma sekudlule imvula.
ISIFUNDO asheshe wasifunda empilweni ngokuhlangabezana nezingqinamba sokuthi akumele udikibale bese ukhohlwa amaphupho akho yisona emsizile akwazi ukubhekana nezinselelo endleleni futhi aphokophele ukufeza amaphupho akhe
WAHLULA umndeni wakhe uzama ukumkhipha emkhakheni wezobuciko owesifazane osenenkampani ekhiqiza imidlalo yethelevishini. UNksz uLungile Mbili ungumsunguli wenkampani Umlando Creative.
NGABE baningi abantu abasizakele emalini ebekelwe ukulwa nomphumela omubi weCOVID-19 ukube indlela okwenziwa ngayo eminyangweni kahulumeni ihlelekile futhi yenziwa ngesinono. Futhi ukube ezobuchwepheshe eminyangweni ziyashesha, zisebenza ngendlela eyiyo, iminyango iphakelana … Read More
UKUNGENELELA masinyane kwehhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele ekucwaningeni ukuthi isetshenziswe kanjani imali eyabelwe ukulekelela umphakathi ngezindlela ezahlukene njengoba kuhlasele iCOVID-19 kusizile ukuthi kubuyiselwe emuva uR3.4 billion esikhwameni sikapoyinandi, i-Unemployment Insurance Fund (UIF) nobukhokhelwe abantu kungafanele
UKUKHULA ngaphansi kwekhaya elinosomabhizinisi nokuhamba ekhaya ukuze azimele kugqugquzele owesifazane osemncane waseThekwini ukuthi aqale ibhizinisi lakhe, elingahlobene nhlobo nomkhakha awufundele.
ABANTU abaphatha izimali zikahulumeni kumele bafundiswe ukuzethemba ukuze bezoba nesibindi sokunqaba ukwenziswa okuphambene nomthetho kungakhathaleki ukuthi wubani osuke ebafaka ingcindezi.
NAMHLANJE ngifisa sibhekisise ubudlelwano nabathengi, phecelezi i-customer service. Ukuba sebhizinisini akukho ngawe mnikazi webhizinisi kodwa kungabathengi obalethela umkhiqizo wakho.
IBHANGE loMbuso ngokubambisana neFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) nePayment Association of South Africa (iPASA) baxwayisa abathengi ngezinto okumele baziqaphele uma bethenga kwi-internet ukuqinisekisa ukuthi imali yabo ivikelekile.
NGENKATHI abanye belahlekelwe yimisebenzi kuwa namabhizinisi ngenxa yegciwane iCOVID-19, isitshudeni sibone ithuba lokuba wumlimi.
ZIYEKE umsebenzi zaqoma ukuziphilisa ngezithelo izelamani zaseThekwini ibhizinisi lazo eselithele nezinye izithelo. I-Frutee Belliez kaNksz uLisa Mthethwa nodadewabo uNkk uLona Mnguni yaqala samdlalo bezama ukutshala umqondo wokujwayela izidlo ezinempilo.
UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.
UKUMA emakhoneni emigwaqo anikeze abantu amapheshana ebhizinisi lakhe nokulikhangisa kahle ezinkundleni zokuxhumana yikona okumkhulise kakhulu ebhizinisini.
KUYAMKHATHAZA ukubona intsha ingasebenzi usomabhizinisi waKwaMashu, eThekwini, osevule amathuba kwabaningi.
NAMHLANJE ngifise sike sibheke kabanzi ukuthi lwenziwa kanjani ucwaningo lwemakethe uma ufuna ukuqala ibhizinisi. Luyini ucwaningo lwemakethe? Lolu uchungechunge lwenhlolovo yokuqoqa ulwazi lwaleyo makethe osuke ufuna ukungena kuyona ukuze uthole ulwazi olubanzi ukuze uqonde leyo makethe, uqonde nabathengi abakuyo nendawo ibhizinisi lakho nelizosebenzela kuyona.
EMINYAKENI emibili edlule, siyiSmall Business Institute (iSBI), sathumela izincwadi ezinkampanini eziwu-100 ezinkulu ezihweba eJohannesburg Stock Exchange (eJSE) sizicela ukuthi zisikhombise imogomo nemibandela eziyisebenzisayo ukukhokhela izinkampani ezisafufusa.
WAQOMA ukushiya umsebenzi owawumholela kahle owayewunjiniyela kagesi kuMasipala waseThekwini osewusomabhizinisi ngenxa yokungesabi izinselelo.
UKUNGENA embonini yezokudla akusiwo neze umqondo omubi kodwa-ke kudinga ukuthi ube nesineke futhi uzimisele.
NGENKATHI eqala kwiLamontville Golden Arrows ngokugcwele, umfowabo ongasekho nowayephethe izintambo ngaleso sikhathi uMnu uRocky Madlala, wamtshela ukuthi umsebenzi wakhe kuzoba wukubheka izinhlaka zokuthuthukisa abadlali abasafufusa
IZINKINGA zesikhumba ababenazo zaholela ekusungulweni kwebhizinisi labo lezimonyo zomzimba elikhula ngesivinini.
ZININGI izinhlelo esezimenyezelwe okuthiwa zisungulelwe ukulekelela osomabhizinisi ukuze bakwazi ukuvuselela izinkampani zabo emva kokukhahlanyezwa yiCOVID-19.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent