IWA LIKA-ESKOM

EKUQALENI kwaleli sonto isikhulu esiphezulu sakwa-Eskom uMnu u-Andre de Ruyter sithe kumele silindele ukuthi ukucinywa kukagesi kuzoqhubeka iminyaka eyisihlanu ezayo ngoba ugesi uyashoda ngo-4 000MW.  

U-De Ruyter uthe lokhu kuzoba mandla uma umnotho ukhula. Kwenziwa lesi simemezelo nje sekuthi akuphele inyanga ukucinywa kukagesi kuqhubeka.

Abanye bathi uhamba kabili lapho behlala khona kanti kwabanye kuyenzeka ngisho iziqubu ezintathu. Kuleli sonto uhambe zonke izinsuku ngaphandle kwaphakathi kuka-10 ekuseni no-2 emini ngenkathi kuyinkonzo yesikhumbuzo seSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Kwenzeka lokhu nje, ekuqaleni kwale nyanga i-Standing Committee on Public Accounts ePhalamende neBhodi yakwa-Eskom bamemezele ukuthi bazophenya izinsolo zokuthi uDe Ruyter ucwasa amabhizinisi abantu abamnyama azama ukudayisela u-Eskom izimpahla.  

Izinsolo ezenziwe yisikhulu esibhekele ukuthengwa kwempahla kule nkampani uMnu uSolly Tshitangano zithi uDe Ruyter ushintsha imithetho ngendlela ecwasa izinkampani zabantu abamnyama kanti kulezo zabelungu uyenzelela.  

UTshitangano umisiwe emsebenzini kanti ngokusho kweBlack Management Forum waqale waxwayiswa wumNyango wezeziMali ngalokhu ngoFebhuwari nyakenye engakamiswa.  

Konke lokhu kutshengisa ukuthi isaqhubeka ibhayisikobho kwa-Eskom futhi uma iyekelelwa izogcina iwuqumbe phansi umnotho waseNingizimu Afrika.  

Kusukela ngo-2008 indaba kagesi ezweni iyahlupha. Kade kwakubhungwa ngokuthi umnyombo wale nkinga yini nokuthi kumele ixazululwe kanjani. Kodwa konke okwenziwayo akukaze kusize ngalutho.

Into ehlale ishiwo wukuthi ingqalasizinda yakwa-Eskom isindala futhi idinga ukwandiswa. Kuthiwa ngesikhathi sobandlululo yayisebenza kahle ngoba ugesi wawuphakelwa idlanzana njengoba izindawo eziningi zabantu abamnyama zazingenawo.  

Kuthiwa ukushintsha koMbuso ngo-1994 nokwenze ukuthi ukuhlinzekwa kwegesi kuphakelwe izwe lonke kudale ukuthi ingqalasizinda isindwe yilo mthwalo omusha eyayingakhelwanga wona.  

Esinye isisombululo kwaba wukuthi kwakhiwe iziteshi ezimbili ezintsha iKusile neMedupi kodwa kuze kube namhlanje azisebenzi ngendlela futhi aziphelile.  

Kunalokho izwe lisele nesikweletu esicela kuR500 billion.  

Njengoba kuhlasele iCOVID-19, umnotho wehle ngo-7% kanti abangasebenzi sebewu-32.5%. Abatshalimali bagqozile kodwa kunethemba lokuthi lokhu kuzoshintsha.

UmNyango wezeziMali umemezele ukuthi kuzotshalwa uR791.2 billion kwingqalasizinda kule minyaka emithathu ezayo, nokuwuhlelo olukhulu okumele lulekelele ukukhulisa umnotho nokwakha amathuba emisebenzi.  

Ngeke kodwa abatshalimali balibhade eNingizimu Afrika uma izinto zisemapeketwane kanje kwa-Eskom.  

NgoLwesine uNgqongqoshe wezaMandla nokuMbiwa Phansi uMnu uGwede Mantashe uzame ukubhula umlilo ngokumemezela izinkampani eziyisishiyagalombili zabaphehli bakagesi abazimele ezizokhiqiza ugesi owu-1 800MW, okulindeleke uqale ukutholakala ngo-Agasti ngo-2022.

UMantashe uthe kukhona ezinye izinkampani ezintathu ezisazoqokwa ezizokhiqiza ugesi owu-1 500MW. 

Kusho ukuthi laba baphehli abazimele bazokhiqiza ugesi owu-3 300MW, nokuzosho ukuthi sekushoda ngo-700MW kulesi sikali esimenyezelwe nguDe Ruyter.  

Yize kunjalo, akushintshi lutho olutheni – izwe lisathembele ku-Eskom ukuze libe nogesi othembekile. Akulungiswe kule nkampani, ngale kwalokho sonke sizophoseka eweni.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page