Isacikizela imisebenzi eNingizimu Afrika, nokho kungconywana kweyitoho. INTATHELI YOMBELE iyabika
ISIBALO sabantu abangasebenzi sehle ngo-21 000 eNingizimu Afrika ngekota yokuqala yango-2023 uma kuqhathaniswa nekota yokugcina yango-2022.
Lokhu kuvezwe yiQuarterly Employment Statistics, izibalo ezikhishwe yiStatistics South Africa (iStats SA) kuleli sonto. Lolu cwaningo luveze nokuthi iwu-97 000 isiyonke imisebenzi ephelile phakathi kukaMashi wango-2022 noMashi walo nyaka. Sesisonke isibalo sabantu abasebenzayo sesicishe sifinyelele ku-10 million.
Ziningi izimboni okwehle imisebenzi kuzona kodwa zikhona ezinye lapho sinyukile khona isibalo sabantu abaqashiwe.
Imboni eshayeke kakhulu ebizwa nge-trade (ihlanganisa i-wholesale, izimoto, izindawo zokuhlala, izindawo zokudlela ne-retail), okunciphe kuyo imisebenzi ngo-36 000. Kulandele eyama-business service yona okuphele imisebenzi ewu-32 000 kuyona. Ezimbonini zeyokuthutha neyezokwakha kwehle imisebenzi ngo-2 000 ngekota.
“Yize yehlile imisebenzi, ezinye izimboni zibambelelile futhi zanyusa isibalo sabantu ezibaqashile. Imboni ye-community service iyona okwande kuyo imisebenzi emisha ewu-41 000. Nasezimayini inyukile imisebenzi njengoba kube khona ewu-5 000 kanti nemboni yezokukhiqiza itshengise izimpawu ezinhle kwadalwa imisebenzi ewu-4000. Nasembonini kagesi imisebenzi inyuke ngewu-1 000,” kusho iStats SA.
Lo mbiko wekota yokuqala uqhathanisa nesibalo semisebenzi ngaphambi kokuhlasela kwe-COVID-19 namanje njengoba isidlulile. Izimboni ezinhlanu kweziyisishiyagalombili (i-business services, ezokwakha, ezokwakha nokuthutha, eye-trade nekagesi) azikabuyeli ezibalweni zemisebenzi eyayikhona ngaphambi kokuhlasela kobhubhane.
Imisebenzi yabantu abaqashwe ngokugcwele inciphile ngekota yokuqala yango-2023, njengoba kuphele imisebenzi engu-63 000 kanti eyabantu abayitoho inyuke ngo-42 000.
Isiyonke imali eholelwe izisebenzi kungabanjwa lutho kuyona ngale kota yehle ngoR34.1 billion yafinyelela kuR830bn.
Imali eholiwe yehlile kuzo zonke izimboni ngaphandle kweye-business services, lapho inyuke khona ngoR8.1bn nasezimayini, lapho ikhuphuke khona ngoR551m. Uma kuqhathaniswa uMashi wango-2022 nawalo nyaka, imiholo inyuke ngo-5.5% noma ngoR43.2bn.
“Amabhonasi akhokhelwe izisebenzi ehlele kakhulu ngoR22.5bn, esuka kuR89.5bn ngoDisemba wango-2022 afinyelela kuR66.9bn ngoMashi wango-2023. Ziningi izimboni okwehle amabhonasi kuzona. Yize ehlile kodwa embonini ye-business services khona amabhonasi anyuke ngoR7.1bn noma ngo-24.0%,” kwengeza iStats South Africa.
Uma kuqhathaniswa uMashi wango-2022 nowango-2023, amabhonasi anyuke ngoR7.7bn noma ngo-13%.
Imali ekhokhelwe izisebenzi ngokusebenza isikhathi esengeziwe yona inyuke ngoR0.2bn yafinyelela kuR23.7bn ngekota yokuqala uma kuqhathaniswa uMashi wango-2022 nowalo nyaka, inyuke ngoR2.8bn noma ngo-13.6%.

