Isiphuzo esisha esinedumela siwubufakazi bokukhangisa ezinkundleni zokuxhumana, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngithanda sibheke isasasa esilibone ezinsukwini ezedlule ngesiphuzo esisanganise abantu abaningi emhlabeni nesesinedumela naseNingizimu Afrika.
Lesi siphuzo sibizwa ngePRIME Energy Drink. Ngicabanga ukuthi abanye bamangele ukuthi yini le engaka ngalesi siphuzo eyenza abantu basangane kangaka ngaso. Yini le eyenza abantu badele ubuthongo bayofesela ukuthenga lesi siphuzo esitolo okuyisona esinikwe imvume yokusidayisa.
Nami ngibone idumela lalesi siphuzo esisanganisa ikakhulukazi intsha, ngase ngithi ake ngithole ukuthi yini umsuka waleli sasasa elingaka ngalesi siphuzo saphesheya kwezilwandle.
Ngithe uma ngiphenya, ngathola ukuthi kungenxa yodumo lwezinsizwa ezimbili ezisencane ezilandelwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana iYouTube, i-Instagram neTikTok.
Zithandwa kakhulu yintsha ngenxa yezinto ezizenza ezinkundleni zokuxhumana. Zithe uma zibona ukuthi zingasebenzisa loku kuduma kwazo nokulandelwa yintsha eningi, zenza isiphuzo esingazingenisela imali.
Ziqhamuke kanjalo-ke necebo lokuqhiqiza lesi siphuzo. Zimemezele emphakathini ozilandelayo ukuthi sezithengisa lesi siphuzo, kwabe seziyisusile.
Ngenxa yokuthi abalandeli bazo bathanda noma yini lezi zinsizwa eziyenzayo bavele basangana basifuna phansi phezulu lesi siphuzo.
Ngenxa yokuthi baningi abantu abasifunayo lesi siphuzo, abakhiqizi baso babone kungcono ukuthi basenze sibize ukuze kungabi yinoma wubani ozosithola kalula.
Ngesikhathi kunezinkulumo zokuthi lesi siphuzo siza eNingizimu Afrika bekunamahebezi athi uma sifika sizodayisa uR400. Kukhale abaningi bathi ngeke, simba eqolo, base bexoxisana nabakhiqizi kwagcina kuvunyelwene ukuthi bazosidayisa uR40 lapha ezweni, nako okusalumela uma ubheka ukuthi amanani eziphuzo ezifana naso awuR15 kuya kuR20.
Lapha sibona amandla ezinkundla zokuxhumana enza izimanga ukuthi abazisebenzisayo babone ithuba lokwenza imali, okusho ukusebenzisa amandla odumo lwabo noma igama labo ukwethula umkhiqizo ozothandwa abantu.
Uma ubheka futhi ngeso elijulile uzobona ukuthi labosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana banolwazi olunzulu lokuthi uhlobo lwabantu olubalandelayo luthanda ini. Loku kusho ukuthi bathathe isikhathi becwaninga ukuthi yini engaba nesasasa uma beyethula kubalandeli. Loku kusho ukuthi kubalulekile ukwenza ucwaningo ngaphambi kokuza nomkhiqizo kubathengi bakho.
Sike sakhuluma ngalokhu ezingosini ezidlule. Kuthe ekugcineni uma sebebonile ukuthi baningi kangakanani abantu abafuna umkhiqizo walesi siphuzo base benquma ukuwudayisa ngenani elithe xaxa.
Loku kwenze ukuthi abalandeli babo bawufune ngamawala lo mkhiqizo.
Yingakho bekunezinkumbi zabantu ebezilinde kwaCheckers ezweni lonke uma bevula ukuze babe ngabokuqala ukuthenga lo mkhiqizo. Kuze kwaphoqeleka ukuthi banqume amanani okuthi umthengi ngamumye ngeke athenge iziphuzo ezeqile kweziyisishiyagalombili.
Siyaqala ukubona idumela nesasasa elingaka ngomkhiqizo omusha ongena emakethe. Sagcina ukubona lesi siphithiphithi ngenkathi kufika i-iPhone. Abantu badela ubuthongo ngenkathi kufika lolu hlobo lweselula belele ngaphandle kwezitolo zakwa-Apple ukuze babe ngabokuqala ukuthenga.
Usuke unenhlanhla engandele bani uma kuzothi uqala ibhizinisi libe selilindelwe ngabomvu ngabantu. Kuba yisibusiso uma uzokwazi ukuqala uzakhele abalandeli kuqala emva kwaloko bese usebenzisa bona ukwakha umnotho wakho.
Kuhle ukuthi sonke siqaphele ukuthi yini esiyenzayo ezinkundleni zokuxhumana nokuthi sizenza kanjani ngoba zingaba nomphumela omuhle noma omubi ebhizinisini lethu.
Indodakazi yami ibe womunye wabathengi balesi siphuzo, yase ingizwisa ukuthi sinambitheka kanjani. Angizwanga simanga esitheni esingaze sisanganise abantu ngaleyo ndlela. Kepha ngiyazibongela lezi zinsizwa ezimbili ezincane ngokunyakazisa umhlaba wonke ngesiphuzo sazo esisha.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
