Ikomiti likagesi liwubufakazi bobuhle bokubambisana, kuloba uBusi Mavuso
SIYAKUJABULELA ukwehla kokucinywa kukagesi kodwa akusho ukuthi kufanele sisonge izandla. Indlela ugesi wethu oyiyona awukwazi ukweseka umnotho wethu.
Njengoba sesingena shi ebusika, izonyuka ingcindezi futhi cishe ugesi uzocinywa kakhulu kunakuqala. Nokho iyangijabulisa indlela uhulumeni nosomabhizinisi abayisukumela ngayo inkinga kagesi.
Kuvele kukhona abaphezu kwalolu hlelo, i-Energy Action Plan, eholwa yiNational Energy Crisis Committee (iNecom), exoxisana nosomabhizinisi.
NgeSonto, iNecom ibinesithangami nabezindaba lapho ibibika khona ukuthi isimiphi nezinto. Ungqongqoshe kaGesi uDkt uKgosientsho Ramokgopa, ubhobokile ngemizamo ehlukene ekhona uhulumeni agxile kuyo ne-Eskom nehhovisi likamengameli.
Sekucishe kuyohlangana unyaka yasungulwa iNecom futhi kuningi esikwenzile ukuzama ukushintsha izinto kodwa usamkhulu umsebenzi oyihlalele.
Enye yezinto ezinkulu ezizuzile wukwandisa abemboni ezimele abaphehla ugesi ngokuchitshiyelwa komthetho olawula ugesi i- National Electricity Regulation Act. Loku kwengezwe ugesi owu-4 200MW osubhaliswe kwiNational Energy Regulator of South Africa (iNersa) ngonyaka odlule.
Wumsebenzi omkhulu lona futhi ufaka ugesi ovuselelwayo kuphela noyinsika ekuxazululeni inkinga yokushoda kukagesi. Kuphinde kube khona indlela okukhuthazwa ngayo abanikazi bemizi nabamabhizinisi ukuthi bafake ingqalasizinda yokuphehla ugesi ngelanga futhi kukhona nezinye izinhlelo ezikhona zokulungisa inkinga kagesi.
Yize singenayo imininingwane yokuthi zizoqala nini ukusebenza iziteshi ezintsha zikagesi kodwa isikhathi okusithathayo ukuthi kulunge izikhungo eziphehla ugesi ngelanga nangomoya sifishane kakhulu kunokusithathayo ukwakha esiphehla ngamalahle.
Yingakho ongoti belinganisa ukuthi kuyoqala ukuphela kokucinywa kukagesi ngasekupheleni kwango-2025. Singakwenza masinyane bese sikhulisa umnotho futhi sinciphise amanani kagesi.
Yini enye esingayenza? Isithangami seNecom ngeSonto sithinte izinto ezimbalwa. I-Energy Action Plan kufanele ikwazi ukushintsha ihambisane nesikhathi noma uma kuhlangatshezwana nezingqinamba.
Indlela iziteshi zika-Eskom ezisebenza ngayo kulamasonto amabili edlule ingcono kakhulu njengoba ifinyelele ku-60% okungesinye sezizathu ezinciphise ukucinywa kukagesi.
Yinto enkulu lena nakuba inhloso wukufinyelela ku-65% kulo nyaka okubhekwe ukuthi kunyukele ku-70% ngonyaka ozayo. Ngeke kwenzeke loko futhi akufanele sizikhohlise. Miningi imizamo ebalulekile ekhona ungqongqoshe akhulume ngayo.
Enye yazo ngumsebenzi owenziwa ngomasipala wukukhuthaza amakhasimende ukuthi alekelele ngokuphehla ugesi ngokuwakhokhela. Umasipala waseKapa yiwona oqalile kanti owaseNelson Mandela Bay nowaseBuffalo City basezinhlelweni zokukwenza loku.
Yinto enhle lena kodwa kufanele sinciphise imidanti ekuvumelayo. Omasipala bangalusheshisa lolu hlelo. Sisalindile futhi nohlaka olucacile okufanele kusetshenzelwe phezu kwalo.
Lolu wuhlaka oluzovumela abaphehla ugesi bawuphakele lapho ikhasimende lizokwazi ukuwodonsa khona. Loku sekube nemiphumela engemihle, njengalokhu okwenzeke kuMasipala waseMafube, eFree State, onqatshelwe ukuthenga ugesi ophehlwa ngelanga enkampanini ezimele.
Baningi nabanye abaphehli abazimele abami ngomumo kodwa abangakwazi ukuthola izivumelwano zokuthi bazowuphaka kanjani ugesi. NgeSonto ungqongqoshe uthe loku kuzoba seqhulwini kodwa sidinga isikhathi esicacile.
Kufanele kwandiswe nengqalasisizinda okuphakelwa kuyo ugesi. Lokhu kudinga ukuthi kutshalwe imali ebhekile futhi kufanele kuhambisane nokwenziwayo ukwandisa umthamo kagesi ophehlwayo.
Ungqongqoshe ulibeke ngembaba elokuthi i-Eskom ayinayo imali edingekayo engaphezu kukaR210 billion. Ingithokozisile indlela ahlela ukubonisana ngayo nemboni ezimele ngokuthi kubanjiswane ukwandisa ingqalasizinda okuphakelwa kuyo ugesi.
Iyona ndlela okufanele kwenzeke ngayo leyo kanti kufanele sikuphuthumise lokho. Kuzoqala nini ukusetshenziswana futhi zizokhishwa nini izikhangiso zabantu abafuna ukufaka izicelo zokwenza le misebenzi?
Uma izikhathi zicacile, singabheka ekutshaleni ezindaweni ezifana neNorthern Cape ukwandisa indlela ugesi ophehlwa ngayo naseMpumalanga Kapa, okuyisona sifundazwe esifanele ukuthi kuphehlwe kuso ugesi ovuselelwayo.
Yize izinto zinjengoba zinjena, kufanele ngabe senza okungaphezu kwesikwenzayo okufaka uhlaka okufanele lusivumele ukuthi “sinciphise” ugesi uma osuke uphehliwe ungaphezu kongakwazi ukwamukelwa yingqalasizinda okuphakelwa kuyona ukuze usetshenziswe uma usudingeka.
Kungakhuthazwa abantu ukuthi baphehle ugesi omusha uma ungamumatheka. Enye into emqoka ngokubunjwa kabusha kwe-Eskom ithinta ukusungulwa kwenkampani ezimele ezolawula ingqalasizinda okuphakelwa ugesi kuyo. Ungqongqoshe ukuthintile lokhu ngeSonto wathi kungekudala ungqongqoshe wamabhizinisi kahulumeni uzoqoka ibhodi yize kusadingeka ukuthi iNersa ikhiphe ilayisensi yokusebenza kwaleyo nkampani.
Enye into lena okufanele siyijabulele. Okunye okumqoka esikulindile wukukhishwa kwesikhangiso sika-Window 7 okuzokhethwa ngaso abaphehli bakagesi abazimele.
Ungqongqoshe ukuqinisekisile ukuthi konke kuhamba kahle ngalolu hlelo athe luzokwethulwa ekupheleni kukaJulayi kanti kulindeleke ukuthi lukhiqize ugesi owu-5 000MW ozophehlwa ngomoya nangelanga.
Kukhona futhi nowu-3 000MW ozophehlwa ngegesi no-1 200MW wokugcina ibhethri. Konke lokhu kuzosiza ukuphucula izinto.
Ukubambisana okusha okuholwa yiBusiness for South Africa okuthinta imisebenzi efaka ezokuthutha, ukulwa nobugebengu nenkohlakalo nako kuyasikhuthaza.
Yinkulu inqubekelaphambili ebonakalayo uma uhulumeni usebenzisana nosomabhizinisi, singanqoba izinselelo zethu ezinkulu. Kuningi okunye esisengakwenza futhi sizoqhubeka nabalingani bami siphokophele lokho.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa
