Isikhungo esisha sibuyisa ithemba kosomabhizinisi abancane, kuloba uNtokozo Biyela

NGITHANDA sibheke indaba yesikhungo esisha umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane ophethwe wuNgqongqoshe uStella Ndabeni-Abrahams afuna ukusethula emva kokufaka isicelo ePhalamende.

Lo mthetho uma usuphasisiwe uzokwenza ukuthi uhulumeni abe nalesi sikhungo esizobhekana nazo zonke izinto ezimayelana namabhizinisi amancane eNingizimu Afrika. Ngaphezu kwaloko, kuzokwethulwa umxazululi ozobhekana nazo zonke izikhalo ezimayelana namabhizinisi amancane. 

Kepha lesi sinyathelo sisho ukuthi izikhungo ezikhona ezifana neSmall Enterprise Financing Agency, iCo-operative Banks Development Agency neSmall Enterprise Development Agency zonke sezizogoqwa ndawonye zingene ngaphansi kweSmall Enterprise Development Finance Agency (iSEDFA).

Loku kuzosiza ngokuthi abantu abafuna usizo mayelana nezinto eziphathelene namabhizinisi amancane ngeke besantaza yonke indawo befuna usizo lwamabhizinisi kodwa iSEDFA yiyona ndawo osomabhizinisi abancane abazoqonda kuyona bathole konke abakudingayo. Isabelomali sizoqhamuka ePhalamende. Loku kusho ukuthi sizokwanda isamba semali esizofakwa kulo mphongolo wemali eyabelwe amabhizinisi amancane.

Kepha okujabulisa kakhulu wukulethwa komxazululi ozobhekana nezikhalo zosomanbhizinisi abancane. Siyazi sonke ukuthi zingakanani izinkinga osomabhizinisi abancane ababhekene nazo, ikakhulukazi ukungakhokhelwa ngesikhathi. Lena inkinga osomabhizinisi abancane ababhekene nayo ezweni lonke. 

Loku kwenziwa ngamabomu isikhathi esiningi ngoba abantu okufanele bakwenze nabo bafuna intshontsho ukuze bakhokhele osomabhizinisi abancane imali yabo.

Kulapha umxazululi ezongenelela khona kuhambisana nezinye izikhalo abanazo osomabhizinisi abancane. Loku kunika ithemba kosomabhizinisi abancane ngoba bekungekho lapho ebebekwazi ukukhononda khona. Zonke izikhalo zabo ziphelela eboyeni njengesithukuthuku senja.

Nongungqongqoshe usezoba namandla athe xaxa ukulungisa izinto ezithile ezicindezela osomabhizinisi abancane. Ziningi izinkinga osomabhizinisi ababhekene nazo, kuyathokozisa manje ukuthi kukhona lapho sebengakhala khona, balalelwe. Ngiyathemba ukuthi osomabhizinisi abancane bazowasebenzisa amagunya namandla abazonikezwa wona kulesi sikhungo. Sesiside isikhathi osomabhizinisi abancane benganakwa ngezikhalazo zabo, into ewise amanye amabhizinisi. 

Ngiyathemba sekuzoba nomehluko endleleni okusizwa ngayo osomabhizinisi abancane ngemali ukuthi asimame ezweni lonke. Okunye okubalulekile wukuthi osomabhizinisi abancane noma abafisa ukungena emabhizinisini bangabi nemigomo nemibandela eqinile eyenza kube lukhuni ukuhweba.

Sesifikile isikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ikhulise futhi isabalalise indlela exhasa ngayo osomabhizinisi abancane noma abafisa ukuqala amabhizinisi ezindaweni eziningi abahlala kuzo. 

Kuyacaca ukuthi iNingizimu Afrika ayikwazi ukuthwala umthwalo omkhulu wabantu abangasebenzi noma ukuqasha abantu ngendlela izikhungo zemfundo ezibakhiqiza ngayo. Kuyacaca futhi ukuthi iningi labantu abangawutholi umsebenzi yintsha, okuyiyona eningi ezweni. Loku kusho ukuthi kufanele isikhathi esiningi sisisebenzise ukusimamisa amabhizinisi amancane.

Loku akusho ukuthi kufanele sikwenze ngokuwanika imali kuphela kodwa kusho ukuthi kufanele sikwazi ukuwaxhasa nangezinye izindlela njengokuziqeqesha ngokuphathwa kwamabhizinisi. Okunye kodwa okubalulekile wukuthi osomabhizinisi abancane kumele bakhe izigungu zosomabhizinisi lapho bezobhunga khona ngezinkinga nezinto eziphathelene namabhizinisi amancane.

Kuyasiza ukukhuluma ngezwi elilodwa ningabantu abaningi, kunokukhuluma komuntu oyedwa. Isikhathi esiningi uhulumeni awuvamisile ukunaka abantu abakhuluma bodwana kodwa uyalalela uma abantu abaninigi bekhuluma ngazwi linye. 

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page