Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNontokozo Mkhize, umculi we-soul nomnikazi we-EN Boutique. Uzakhele igama engomeni kaSjava ethi Thixo neyakhe yakamuva ethi Lu Strong apike kuyo uNomfundo Moh

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa kodwa hhayi njalo.

Uqale nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale sengiphothule uMatikuletsheni, ngayivula eCapitec.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhumbula ukuthi ngangingayitholi kalula. Kwakufanele ngiyisebenzele ukuze ngiyithole nokuthi ngisesesikoleni ngangidayisa uswidi.

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngo-2017 ngisebenza e-call centre, ngihola uR3 500 ngenyanga. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga iselula.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuqala ibhizinisi lami lezimpahla zabesifazane zangaphansi i-EN Boutique.  

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukungakwazi ukonga imali nokuhlale ngiyisebenzisa ukuthenga izinto engingazidingi.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Yebo, ngangena kuleli (elalikuWhatsApp), ngangathola lutho.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi iyasetshenzelwa, ayizi kalula. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ngokuthenga umuzi wokuhlala mina nezingane zakwethu, ngikhulise ibhizinisi lami bese ngenza i-studio sokuqopha umculo endlini. 

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingabeluleka ngokuthi basebenzise imali ngokucophelela, babe nezinye izindlela zokwenza imali ukuze bangasokoli uma bengaqashwa ndawo ngaleso sikhathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page