Isikhondlakhondla senkampani yegesi sisolwa ngokuxebula umkhoma ngamanani egesi. INTATHELI YOMBELE iyabika
KUZOSHUSHISWA inkampani ekhiqiza igesi iSasol Gas ngoba isolwa ngokukhokhisa amakhasimende amanani aphezulu kunokufanele ngabe iyawanquma.
IKhomishishi yokuNcintisana ithe lolu daba isiludlulisele kwiCompetition Tribunal, okuyiyona okufanele ishushise le nkampani ngokuphula umthetho wokuncintisana. Kuthiwa yisigaba 8 (1) somthetho wokuncintisana esiphulile.
“Ikhomishini ithole ukuthi iSasol Gas ibinyusa amanani ukuze ithole inzuzo ngemali efinyelela ku-72%. Loku sekwenzeke cishe iminyaka ewu-10 kanti kuyaqhubeka,” kusho iKhomishini yokuNcintisana.
Igesi ingenye yezindlela zokuphehla ugesi kanti isetshenziswa yizinkampani nabantu emizini yabo. Kuthiwa iSasol Gas impompa igesi eMozambique eyithutha ngepayipi elingamakhilomitha awu-865 ize ifike eSecunda, eMpumalanga.
IKhomishini yokuNcintisana ithi yathola izikhalo ekuqaleni konyaka odlule ezafakwa yi-Egoli Gas, i-Industrial Gas Users Association of South Africa (i-IGUA-SA) neSpring Lights Gas.
“Phakathi kwezikhalo kwakukhona nesithi amanani eSasol Gas amba eqolo kakhulu, okuphula umthetho wokuncintisana. Ikhomishini isebenzise ulwazi olukhona emphakathini ukubheka amanani eSasol Gas, ulwazi olutholakala kwi-United States Securities and Exchange Commission njalo ngonyaka, noludluliselwa kwiSouth African Revenue Service.
“Uma kubhekwa izindleko zokuthutha igesi nezokuhweba, iKhomishini ithole ukuthi uma ibheka indlela iSasol Gas ekhokhisa ngayo abakhonondile, amalungu e-IGUA-SA abakhokhiswa amanani aphezulu ngo-55% phakathi kuka-2014 no-2022, i-Egoli ibikhokhiswa amanani aphezulu ngo-72% phakathi kwango-2014 nango-2022 kuthi iSpring Lights Gas yona ibikhokhiswa amanani aphezulu ngo-59% phakathi kwango-2018 nango-2022,” kusho ikhomishini.
Ikhomishini ithole ukuthi loku kugcina kulimaze amakhasimende asebenzisa igesi ngoba izinkampani zidlulisela la manani kubathengi.
“I-Sasol Gas ayiyinikanga ikhomishini imininingwane eyicelile ngesikhathi isaphenya. Kunaloko ikhethe ukufaka isicelo sokuthi kubuyekezwe eNkantolo yokuDlulisela amacala okuncintisana ngoba ithi iKhomishini yokuNcintisana ayinalo igunya lokuphenya lezi zikhalo,” kusho ikhomishini.
Umthetho wokuNcintisana uthi akufanele kuphele unyaka ikhomishini iphenya isikhalo futhi ngoba enye yezinkampani ezifake isikhalo ithe ayizimisele ukuthi lolu daba lulokhu luhlehla ngesikhathi kusabuyekezwa isicelo seSasol Gas, ikhomishini idlulisele kwiCompetition Tribunal udaba ukuze kushushiswe singakadluli isikhathi.

