Bekezela, ukhangise ibhizinisi lakho ngayo yonke indlela, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto kunodaba olungihlabe umxhwele lwensizwa yakwaJacobs uNigel, engahlangana nayo ngonyaka odlule.

Le nsizwa nebambisene nabo ebhizinisi labo elikhiqiza ujamu ngiyibone ezindabeni ze-eNCA bewundabamlonyeni. Igama lenkampani yabo yiJacob’s Jam. 

U-Jacobs usebenza nomkakhe oqeqeshelwe ukucwaninga ukudla, phecelezi i-food technologist, kanti yena wayeqashwe ophikweni lokudayisa nokukhangisa lapho ebesebenza ngaphambi kokuthi bobabili baqale le nkampani.

Ngahlangana noJacobs kolunye uhlelo engangiyoqeqesha kulona ayeyingxenye yalo. Wangixoxela ngebhizinisi aliqala nomkakhe ekhala ngokuthi aliyi ndawo ekubeni kade bezama ukuphusha imikhiqizo yabo ezitolo ezinkulu zokudla ezifana neSpar, uCheckers noPick n Pay kodwa kunhlanga zimuka nomoya.

Ngambuza imibuzo embalwa ukuze ngithole ukuthi ibizinisi labo likusiphi isimo nokuthi kungaba yini eyenza linganyakazi. 

Ngathola ukuthi cha konke bakwenza kahle kodwa yiyona nje inkinga amabhizinisi abantu abamnyama abaningi abhekene nayo le yokuthi abakwazi ukuthola umgudu okahle wokungrna emakethe lapho imikhiqizo yabo ingathengwa ngabantu abaningi khona. Kwangicacela kahle ukuthi babhekene nengwadla engakanani.

Babanenhlanhla bathola ithuba lokusabalalisa umkhiqizo wabo esitolo esisodwa saseSpar kodwa bengenzi nzuzo engakanani. Basizakele ngokuba yingxenye yohlelo engithi babengene kulona ngoba baxhaswe ngemali yokuba nendawo abakhiqiza ujamu kuyo  kwazise futhi bakhe endaweni okuthiwa iCeres eyaziwa ngokutshala izithelo ezisetshenziswa ukwenza ujamu.

Kwasiza futhi ukuthi umkaJacobs unolwazi alufundele lokwenza ojamu ebasusa phansi kanti uJacobs unekhono lokudayisa umkhiqizo ezinkampanini ezihlukene. 

Omunye ujamu abadume ngawo wenziwe nge-pomegranate, okuyiwona abadla ubhedu ngawo ngoba ayikho enye inkampani eNingizimu Afrika ekhiqiza lolu hlobo lukajamu. Loku kwenza abathandi bakajamu bawuthakasele kakhulu ujamu wabo.

Kuthe bengazelele basayina isivumelwano sokusabalalisa ujamu wabo eCheckers, efake i-oda elikhulu elenze babematasatasa ngendlela yokuthi isiteshi sethelevishini size sabavakashela ukuyobona ukuthi mlingo muni lona abawenzayo. 

Manje sebekhiqiza izinkulungwane zalo jamu ngosuku abawusabalalisa ezitolo eziningi zaseCheckers eNtshonalanga Kapa. Abantu bakulesi sifundazwe bawuthanda kakhulu lo jamu wabo onhlobonhlobo; ubona ngendlela ohamba ngayo.

Lolu wudaba olujabulisa wonke umuntu uma ubheka lapho beqhamuka khona neminyaka asebebekezele yona ukuzama ukungena kule ndima kajamu okukhonya izinkampani ezintathu kuyona. 

Bathe kuyabajabulisa ukuthi ekugcineni sebekwazile ukuthola umgudu ozoholela ekutheni umkhiqizo wabo usabalale ezweni lonke ne-Afrika yonkana. Ngiyathemba nokuthi maduze nje ujamu wabo uzotholakala nakwezinye izifundazwe.

Akulula ukusebenza nowakwakho ebhizinisi elilodwa ngoba ziningi izingqinamba osomabhizinisi ababhekana nazo. Loku kubanzima kakhulu uma kuwukuthi nobabili nisenkingeni eyodwa ngoba akekho okwazi ukupholisa omunye uma izinto zingahambi kahle ebhizinisini, nobabili nikhala esifanayo. Kepha bona bakwazile ukubekezela baze bafike lapho sebekhona manje.

Ngike ngaxhumana noJacobs ngimhalalisela, wathi namanje basashaqekile ngesasasa ngemva kokuvela kwithelevishini ngojamu wabo. 

Sebebaningi abantu abafuna ukuthola lo jamu wabo ube semashalofini abo. Uma kuwukuthi nawe usebenza nowakwakho ebhizinisinisi lenu, bekezela, usebenzise zonke izinkundla zokuxhumana ukuzikhangisa.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page