KUFANELE ohulumeni batshengise ukuthi bazimisele ngempela ukulwa nesihlava sokuthi kube khona intela ephunyukayo ngenxa yabantu abadayisa izinto isinyenyela nabadayisa izimpahla zomgunyathi. Usho kanje uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesikhathi ethula inkulumo kwi-13th Africa Initiative Meeting eKapa izolo. 

Lona wumhlangano wabaqoqintela, izinhlangano zakwamanye amazwe nongoti balo mkhakha ababhunga kuwo ngezindaba ezithinta ukuphatha intela. 

“I-African Union Commission yalinganisa ukuthi imali engeniswa ngezimpahla ezidayiswa ngokungemthetho iphakathi kuka-EUR48 billion no-EUR77 billion (R960bn noR1.5trn) ngo-2019. Ningabantu abengamele intela, ninomsebenzi omkhulu wokuqoqa leyo okufanele ize kohulumeni, ngesikhathi futhi nangendlela ehlelekile. 

“Nokho lona akuwona umsebenzi olula ngoba kunabantu abagwema ukuyikhokha intela, kunobugebengu bentela futhi iyaqhubeka imali iyangena ngokungemthetho igcine ingafinyelelanga kohulumeni. Izindlela zokulwa naloku wukuhlomisa abengamele intela ngakho konke abakudingayo njengokuthi kwabelwane ngolwazi njengoba kuhlela iGlobal Forum nebambisene nabo,” kusho uGodongwana.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page