Ukubhidlika kwengqalasizinda kubulala amabhizinisini amancane, kuloba uNtokozo Biyela

NANSI indaba engithanda siyibhekisise kuleli sonto engibona sengathi osomabhizinisi abaningi abayinakile ukuthi inomphumela omkhulu ekutheni amabhizinisi abo angafinyeleli ezingeni abafisa afinyelele kulona.

Sivame ukuzwa ukuthi ukucinywa kukagesi kuwalimaze kangakanani amabhizinisi amancane. Manje sesinenye inkinga ehambisana nekagesi eyenza izinto zibe bucayi, lena yokushoda kwamanzi nemigwaqo engekho esimweni esihle. 

Omunye angazibuza ukuthi kumthinta kanjani usomabhizinisi omncane? Uma unenkinga kagesi kuba khona imizamo oyenzayo njengosomabhizinisi ukuthi ukwazi ukusebenza ngalesi sikhathi ugesi ungekho, njengokuthenga izinto eziyizinsiza zokuphehla ugesi okwesikhashana. 

Kwenye yezingosi sike sakhuluma ngemiphumela emibi evela uma ugesi ungekho. Kuba lukhuni ukuxhumana ngayo yonke indlela ngoba imibhoshongo eyenza sikwazi ukuxhumana kahle ayisebenzi ngendlela uma ugesi ungekho. 

Uma kuwukuthi uwumuntu okhiqiza umkhiqizo odinga ugesi, loko kusho ukuthi ngesikhathi ugesi ungekho awukwazi ukusebenza. Empeleni uma ugesi ungekho, akukho okwenzekayo kodwa wena njengomqashi kufanele uholele izisebenzi imali egcwele ekupheleni kwesonto noma kwenyanga noma abantu bengazange basebenze wonke amahora.

Uma ukungabibikho kukagesi sekuhlangene nokungabibikho kwamanzi, leyo yinkinga enkulu kakhulu ngoba izimboni ezinkulu eziqashe abantu abaningi ziba senkingeni. Umthetho uthi kumele zonke izimboni zibe nezindawo zokuzikhulula ezisesimweni ukuthi izisebenzi zikwazi ukuzikhulula. Ngokomthetho kufanele imboni ivalwe uma zingekho izindawo zokuzikhulula ezisesimweni bese izisebenzi zidedelwa zizikhulule.

Nemigwaqo emadolobheni nasemakhaya yimigodigodi nje akusahambeki. Kusho ukuthini loku kosomabhizinisi? Kusho ukuthi sekuthanda ukuba nzima ukuthi izinkampani ezihambisa izimpahla ukuthi zifike ngesikhathi. 

Kusho futhi ukuthi uma izisebenzi zakho zisebenzisa ikakhulukazi izimoto ukulanda noma ukuhambisa izimpahla, usuzokhokha imali ethe xaxa ukulungisa izimoto ngoba kule migodi kuqhuma amathayi, kugoba ama-rim futhi seziziningi izingozi ezidalwa yile migodi egcwele emigwaqweni ngenxa yokuthi abantu bavika yona, bagcine sebeshayisana.

Okubuhlungu kakhulu wukuthi okufanele basize ukulungisa lezi zinkinga esibhekene nazo singosomabhizinisi abazi nanyaka ukuthi ziletha usizi olunjani kosomabhizinisi ngoba bona abanamabhizinisi.

Abazi ukuthi ukungalungi kokukodwa kwaloku esengikubalile kubalimaza kangakanani  osomabhizinisi. 

Phezu kwakho konke loku osomabhizinisi babhekene nenkinga yokudlanga kobugebengu. Uma kuwukuthi wena somabhizinisi awuntshontshelwa yizisebenzi zakho, ngoba zazi ukuthi zinelungelo lokuzitapela ebhizinisini lakho, kunobugebengu bokubanjwa inkunzi. Kusho ukuthi kumele ziqine ezokuphepha ebhizinisini lakho, okubiza imali eshisiwe. 

Ziningi izinkinga esibhekene nazo eNingizimu Afrika. Kwenye ingosi ngathi maduze sesizofana namazwe ase-Afrika osekonakele kuwona.

Amabhizinisi amakhulu wona kudala aqala ukuzilungiselela lesi simo esinganambitheki kepha kusinda kwehlela emabhizinisini amancane. 

Ngicabanga ukuthi sesifikile iskhathi lapho uhulumeni kufanele ubeke imali yokusiza osomabhizinisi abancane ngemali yokuzimela geqe uma ugesi namanzi kungekho ukuze bangahlukumezeki ngenxa yabantu abangenandaba nokusebenza kwamabhizinisi kodwa bona bayahola njalo ekupheleni kwenyanga.

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page