Ucilo wazishaya endukwini kosekuvuthwe ibhizinisi aliqala ngenkathi kuvalwe izwe. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE
UKUHLALA ekhaya ngesikhathi se-COVID-19 kumzalele ibhizinisi le-sauce ebabayo. UMnu uLinda Khuzwayo wasePhoenix, eThekwini, KwaZulu-Natali, uwumsunguli wenkampani iSamambedu ekhiqiza i-sauce kapelepele, iSlomo Chilli Sauce.
ISlomo Chiilli Sauce idayisa i-chilli sauce, ichilli paste nopelepele owomiswe elangeni i-sun dried chillies. I-sauce idayiswa ngo-250ml, ilitha no-2 litre.
Uthi ngesikhathi kungavumelekile ukuthi abantu babe wuvanzi ukuzama ukunqanda ukusabalala kwegciwane kwamfica ehleli ekhaya elimele.
“Udoti wezithelo nemifino kunendawo esiwulahla kuyo egcekeni, asiwufaki emgqomeni kadoti. Kulowo doti olahlwa egcekeni ngabona kumile izithombo zikapelepele eziningi. Ngicabanga ukuthi kunopelepele owawulahlwe khona. Ngezwa ngifisa ukuwutshala, ngenzela nokuthi kube nento engiyenzayo. Ngasusa izimbali ezizungeze umuzi, ngawutshala,” kukhumbula yena.
Upelepele wathela mawala wagcina esewupha omakhelwane.
” Ngendlela owawumningi ngayo ngagcina omunye sengiwupheka ngizenzela i-sauce ebengibuye ngiyiphe omakhelwane,” kulanda uKhuzwayo.
Ngaleso sikhathi uthi wayengacabangi ukuthi sekungabayibhizinisi. Umqondo webhizinisi wamfikela ngemva kokuvakashela ePitoli, eGauteng, lapho ayewuphathele abangani bakhe. Esebuye khona, bamshayela ucingo bebuza ukuthi bangawuthola kanjani.
Uthi: “Ngaleso sikhathi bengingenayo neresiphi eqondile engiyisebenzisayo, bengifaka izithako ebhodweni ngipheke. Konke bengikukala ngamehlo. Loko bekwenza ukuthi amakhasimende ami abuye athi i-sauce yami ayifani. Ngigcine sengineresiphi engiyisebenzisayo efanayo.”
Olunye ulwazi uluthole kwi-internet. Uthi ubuye waba nenkinga yokuthi umkhiqizo wakhe ubushesha ukonakala, okwenze kwadingeka ukuthi afunde ukuthi angasebenzisani ukuze umkhiqizo wakhe uhlale isikhathi eside.
Uthi: “Ngaleso sikhathi bese ngazi ukuthi ngenzani, yingakho bese ngifuna izithako ezingewona amakhemikhali futhi sengifunde ngezinhlobo zikapelepele nokuthi unamiphi imisoco. Upelepele ngigcine sengiwuthenga ngoba osegcekeni awubange usathela kakhulu njengesikhathi utshalwa okokuqala.”

Omunye upelepele uwuthenga eLimpopo ngoba awukho KwaZulu-Natali. Okwamanje usasebenzela ekhaya kanti umkhiqizo wakhe uwudayisela amabhusha akwaRoots nezindawo zokudla ezihlukene.
“Ngisaxoxa noSpar noMakro. Bakhombisa ukuwuthanda umkhiqizo wami kodwa kunezinto okumele ngibe nazo ezizoqinisekisa ukuphepha komkhiqizo, okungelula ukuthi ngizithole uma ngisebenzela endlini,” kusho uKhuzwayo ngezinhlelo zokukhula aphezu kwazo.

