ISITSWEBHU NGE-UIF

NGESONTO elidlule uKhomishana wesikhwama sikapoyinandi (i-UIF) uMnu uTeboho Maruping uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ngokuthi kuzovalwa ama-akhawunti azo asebhange futhi zidlelwe izimpahla uma ziqhubeka zingabambisani nabacwaningimabhuku.

Abacwaningimabhuku laba abajutshwe wumNyango wokuQasha nemiSebenzi ukulandelela ukuthi imali kapoyinandi eyakhokhwa wuhulumeni ngenkathi kuqubuke i-COVID-19 yafinyelela yini kwizisebenzi.

Uhulumeni wakhipha uR62 billion ukukhokhela i-COVID-19 TERS, imali eyahlinzekelwa ukusiza abadiliziwe  nabancishiselwe imiholo.  Izinkampani zaseKZN zakhokhelwa uR9.2 bn kule mali.

Nokho kuthe ngesonto elidlule uMaruping ephelezela ithimba labacwaningimabhuku ebelihlele ukuvakashela ezinye izinkampani eKZN, bahlangana nembibizane izinkampani zinqaba ukubavulela.

Kuyacaca-ke ukuthi kukhona okungahambi kahle njengoba lezi zinkampani zingafuni ukuvulela abacwaningimabhuku abajutshwe wumNyango wokuQasha nemiSebenzi. 

Njalo uma kuvela ubufakazi bokuthi kukhona abantu ababona ithuba lokuganga ngesikhathi se-COVID-19 kuyadabukisa, loku kufana nokweba imali yesoso.

Noma kukhona lapho uhulumeni engenzanga kahle khona ngesikhathi salolu bhubhane kodwa kuningi okuhle akwenza. Okunye kwakho wukuthatha kwi-UIF ukukhokhela i-COVID-19 TERS. Okuhle kakhulu yisinqumo sokuxegisa imithetho ukuze kusizakale nezisebenzi ezazingadiliziwe kodwa ezazincishiselwe imiholo.  

Kubi-ke ukuthi kukhona abanquma ukuxhaphaza uhulumeni ngoba loku sekungenza ukuthi ube manqika ngelinye ilanga uma kuphinde kuvela isimo esifanayo.

Kuyancomeka okwenziwa wuMaruping nethimba lakhe ukulandelela ukuthi le mali isetshenziswe kanjani. Okuhle kakhulu wukuthi bakhona vele asebeboshiwe futhi ikhona nemali uhulumeni akwazile ukuyibuyisa.

Ukugada imali kahulumeni kudinga kona ukuthi kuqale ngazo izikhungo neminyango kahulumeni, kungalindwa iHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele ngoba kusuke sekusemva kwendaba lapho. 

Umqoka umsebenzi womcwaningimabhuku-jikelele kodwa abantu okufanele babe nentshisekelo kakhulu ngabayiphathayo imali yabakhokhibentela mihla namalanga. 

Sengathi le ndlela yokwenza ingaqhubeka njalo nje futhi ibonakale kuyona yonke iminyango, omasipala nezikhungo zikahulumeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page