UNksz uNtombifuthi Ncengwa, umsunguli weMasibumbane, inkampani eyenza imikhiqizo yobisi eMdlovana, KwaZulu-Natali Izithombe: Zithunyelwe

Uphila eyoBumbano lomphakathi ohlanganise omakoti bendawo abenza imikhiqizo yobisi lwenkomo. INTATHELI YOMBELE iyabika

USEPHAKELA izitolo ezinkulu zokudla usomabhizinisi onebhizinisi elikhiqiza i-yoghurt namasi. 

UNksz uNtombifuthi Ncengwa waseMbulwana, eMdlovana, KwaZulu-Natali,  uwumsunguli weMasibumbane, ekhiqiza imikhiqizo yobisi iSharp Sharp Dairy. 

Uthi yize kunemicikilisho eminingi elandelwayo uma uzofaka imkhiqizo yakho ezitolo kodwa kuyasiza ngoba ukwazi ukufinyelela kumakhasimende obungeke ukwazi ukuzifikela kuwo.

UNksz uNcengwa uthe uqale leli bhizinisi ngo-2015 ngenhloso yokuvula amathuba omsebenzi ngakubo.

Uthi: “Ngaphambi kokuvula ibhizinisi bengigula nginesifo sengqondo i-bipolar. Umphakathi engihlala (kuwo) ubungakaze ungilimaze noma ungicabangele ukuthi ngiyathakatha njengoba ngike ngizwe kuthiwa kuyenzeka kwabanye abantu abanezifo eziphazamisa ingqondo. 

“Sengiluleme ngibe nesifiso sokuvula amathuba omsebenzi okuzohlomula kuwo omakoti ngoba yibo ebebengisiza ngesikhathi ngigula ngoba iningi labo alisebenzi,” kulanda yena.

Uthi ngenkathi eqala ibhizinisi wayezitshela ukuthi bazosebenzela ekhaya unomphela ngoba eMbulwana akuvumelekile ukuthi umakoti ayosebenza kude nasemzini. Kepha izinto sezishintshile ngoba sekuke kudingeke umkhiqizo wenzelwe eCedara, eMgungundlovu, ngoba kunendawo abayibolekwa wumNyango wezoLimo ngoba inefriji eligcina ubisi neminye imikhiqizo isesimweni,  ngoba inogesi ongahluphi nabeluleki abaqaphe ukuthi alenzeki iphutha ngesikhathi kuhlanganiswa umkhiqizo.

Amasi iSharp Sharp Dairy

UNksz uNcengwa uthi uma enama-oda amakhulu sebewenzela eCedara kanti kuyaphoqa ukuthi aqashe abantu betoho ngoba omakoti ngeke basuke eMbulwana bayosebenzela eCedara.

Uthi: “Bawu-10 omakoti basendaweni engisebenza nabo.” 

Uthi waqeqeshwa eCedara ophikweni lokushintsha imikhiqizo yenziwe ezinye izinto, wase eyokwenezelela ulwazi ophikweni olukhiqiza i-yoghurt kwaSizabantu Mission nasenkampanini i-Orange Groove.

“Siqale sasebenzisa amabhodwe asekhaya uma sipheka ubisi, umkhiqizo (siwubeke) efrijini lasekhaya. Uma sifake ubisi noma umkhiqizo wethu singafaki lutho olunye ngoba sibalekela ukuthi kungenzeka kusabalale amagciwane kanti ubisi luyashesha ukuthatha amagciwane. 

“Sixhaswe yisikhungo esithuthukisa amabhizinisi ezolimo i-Agribusiness Develepment Agency (ukuhlola) umkhiqizo wethu ukuthi uphephile yini. Saqala sakhiqiza kangconywana wasenzela  i-branding,” kusho uNksz uNcengwa.

I-Sharp Sharp Dairy iphakela izitolo i-U-Save, iMini Cash Food Town ne-Aheers Foodworks.

Uthe bakhiqiza i-smooth yoghurt, enezithelo ne-drinking yoghurt namasi. Amasi bakhiqiza kusuka kwilitha kuya phezulu kanti i-yoghurt bakhiqiza kusukela ku-175ml.

“Kulo nyaka sibe nenhlanhla (yokuthola) usonkontileka ophakela izikole othenga kithi amasi. Lokhu kusenza sibe matasatsa impela  ngoba unezikole eziningi aziphakelayo kanti nasezitolo ayanda ama-oda ngoba abantu sebeqala ukuwujwayela umkhiqizo wethu,” kuqhuba yena.

I-yoghurt iSharp Sharp Dairy

Uthi umkhiqizo oya ezitolo abanayo imali emile abawudayisa ngayo ngoba kuya ngokuthi eminye imikhiqizo efana nawo ibiza kanjani.

“Esitolo baye basitshele bona ukuthi imikhiqizo yobisi abanayo iyimalini bese kudingeka ukuthi nathi singaqheli kakhulu kuleyo mali ukuze sikwazi ukuncintisana neminye imikhiqizo. Izitolo zisinika nethuba lokukhangisa ngaphakathi nangaphandle kwesitolo ukuze saziwe,”  kusho uNksz uNcengwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page