Besulwe izinyembezi, babongwa ngemiklomelo abemboni yezokuvakasha. USLINDILE KHANYILE uyabika
WADAYISA izinkomo ezimbili ukuze athenge urisho ngoba efuna enye indlela azoziphilisa ngayo kanti ngenkathi eqala ibhizinisi lalihamba kahle impela ngoba wakwazi nokulungisa kwakhe eCiyane, KwaNongoma, KwaZulu-Natali.
Nokho umsebenzi ugcine usucikizela ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19, eyavalela abantu emakhaya kwaba wukushabalala kwamakhasimende.
Ngesonto elidlule usuleke izinyembezi futhi wathola umvuzo wokubekezela kwakhe uMnu uMjabuliseni Dlamini odle umhlanganiso kumaDurban Business Tourism Awards kuma-Service Excellence Awards: Rickshaw Pullers Category.
UDlamini, oneminyaka engaphezu kwewu-10 aqala ukuzisebenza, uthe kumthokozise kakhulu ukunqoba ngoba ubengazitsheli ukuthi kukhona into asengayiwina njengoba eneminyaka esewu-61.
“Ngaphinde ngadayisa ezinye izinkomo ezimbili ukuze ngiphile ngesikhathi seCOVID-19 ngoba imali yayingangeni. Seloku sehla loko isibalo kodwa le mali engiyiwinile isizongisiza ngilungise urisho,” kusho yena.
Nangonyaka odlule wayeyingenelile le miklomelo, ngonyaka wayo wokuqala, kanti waphuma isibili wawina i-laptop. Kuloku uhlomule ngoR50 000 njengoba edle umhlanganiso.
Uhleka yedwa noNkk uSolani Mtshali weMasimbonge Club yaseMzinyathi, eNanda, eThekwini, onqobe kwabenza imisebenzi yezandla i-Service Excellence Award: Crafters Category.
Uthe yilo msebenzi akhulise izingane zakhe ngawo.
“Ngifisa sengathi ngabe sengisekhaya ngiguqe ngibonge uNkulunkulu. UThixo ngimbonile ukuthi uyakwazi ukuthatha into engelutho ayenze utho,” kusho yena, egajwe yinjabulo.

Uthe imali izomsiza akhe indlu asebenzela kuyona kwakhe.
Lo mcimbi, obunosomabhizinisi nosaziwayo abafana noNksz uZodwa Msimang kaNsibande, uMnu uSandile Zungu, uMnu uMoses Tembe, uDJ Tira, uNomcebo Zikode noDJ Sox, ungenye yezindlela uMasipala waseThekwini ozama ngayo ukuvuselela imboni yezokuvakasha eyakhahlanyezwa yiCOVID-19, ukutapa ezitolo ngo-2021 nezikhukhula ngo-2022.
IMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda ithe: “Wumsebenzi omuhle owenziwa abezokuvakasha owenza le mboni ibe ngenye yalezo ezinkulu eThekwini.
Ngokwe-Durban Visitor Marketing Strategy 2022-26, imali esetshenziswe kule mboni iwuR11.6 billion ngo-2018 kanti yehla yafinyelela kuR5.1bn ngo-2021. Imali eyingenisile emnothweni ibiwuR19.6bn ngo-2018, yehla yaba wuR12.8bn ngo-2021.
“Kuyasithokozisa ukuthi izibalo ezintsha zitshengisa ukuthi sesiyaqala isibalo sezivakashi ukubuyela kulesi esasisibona ngaphambi kweCOVID-19 njengoba sibonile ngesikhathi sePhasika kulo nyaka, isibalo sikhule ngokungaphezu kuka-65%,” kusho imeya.
Ihhotela lomntakabani iRadisson Blu liwine imiklomelo emibili, i-MESA ne-Visitor Experience & Restaurant. Yonke imali eyiwinile inikele ngayo. UR50 000 wokuqala iwunikelele iDurban Child Welfare, kwathi owesibili yacela imeya ukuthi inikele ngawo enhlanganweni engenzi nzuzo eyithandayo.

Kuhlonishwe namaciko aseThekwini uBlack Coffee, uZakes Bantwini, uNomcebo Zikode noNomzamo Mbatha.

